Ngo-2012
Obizwe nguNkulunkulu futhi Wasekelwa ngaBantu
uJuni 2012


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, uJuni 2012

Obizwe ngu Nkulunkulu futhi Wasekelwa ngaBantu

Isithombe
NguMongameli uHenry B. Eyring

Njengamalungu weBandla, siyamenywa ukuba sisekela njalo abantu kubizo ukuba basebenzele abanye. Eminyakeni eminingi eyadlulayo umfundi oneminyaka engu18 wangitshengisa ukuthi kusho ukuthini ukusekela izinceku zeNkosi. Ngisabusisekile ngesibonelo sakhe esithobekile.

Wayeqala unyaka wakhe ekholeji. Wayengaphansi konyaka eqede ukubhabhadiswa ngaphambi kokuba ashiye ikhaya lakhe ukuyoqala izifundo zakhe kuyunivesi enkulu. Lapho engasebenza njengobhishobhu wakhe.

Ngenkathi unyaka wesikole uqala, Ngakhuluma naye kwihhovisi likabhishobhu. Ngikhumbula kancane leyo nkulumo ngaphandle kokuthi wakhuluma ngezivivinyo zakhe kwindawo entsha, kepha angisoze ngakhohlwa inkulumo yesibili yethu.

Wacela ukungibona ehhovisini lami. Ngamangala ngenkathi ethi, “Singakhuleka sobabili, futhi ngingakhuleka mina?” Ngangizokhuluma ukuthi ngangisengikhulekile futhi ngangilindele ukuthi naye ukwenzile lokho. Esikhundleni salokho ngavuma.

Wacala umkhuleko wakhe ngokubeka ubufakazi ukuthi wayekwazi ukuthi ubhishobhu wayebizwe nguNkulunkulu. Wacela uNkulunkulu ukuba atshele mina, ukuba enzeni mayelana nesimo endabeni yomoya oyingcwele omkhulu. Indoda esencane yatshela uNkulunkulu ukuthi wayenesiqiniseko sokuthi wayesezazi izidingo zakhe futhi wayezakunikezwa ukululekwa lokho ayekudinga ukukuzwa.

Ngesikhathi ekhuluma, izingozi ezaziqondile ayezoqondana nazo zeza enqondweni yami. Ukululekwa kwakulula kepha kulethwe ngokusobala obukhulu: khuleka njalo, lalela imiyalelo, futhi ungabi novalo.

Leyo ndoda encane, eyayinonyaka iseBandleni, yafundisa ngesibonelo lokho uNkulunkulu angakwenza kumholi njengoba esekelwa ngokholo kanye nemithandazo yalabo abizelwe bona ukuba abahole. Leyondoda esencane yabonisa kimina amandla omthetho okozinikezela ngokujwayelekile eBandleni (bona D&C 26:2). Noma-ke kunjalo iNkosi ibiza izinceku Zayo ngokwesambulo, zingasebenza kuphela emva kokuba zisekelwe yilabo ababiziweyo ukuba basebenzele iNkosi.

Ngevoti yethu enesisekelo, senza isithembiso esiqinile. Sithembisa ukukhulekela izinceku zeNkosi futhi ukuthi Yena azihole futhi aziqinise (bona D&C 93:51). Senza isithembiso sokuthi sizakufuna siphinde silindele ukuzwa ugqozi oluvela kuNkulunkulu ekululekweni kwabo futhi nangesikhathi basebenza kubizo lwabo (bona D&C 1:38).

Leso sithembiso sidingeka ukuba sivuselelwe ezinhlizweni zethu njalo. Uthisha weSonto’skole angazama ukufundisa ngokoMoya ongcwele, kepha njengoba ungahle ukwenze, uthisha wakho angahle enze iphutha phambi kwekilasi. Wena, kepha-ke, ungakhetha ukulalela futhi ubheke izikhathi lapho ongezwa khona ugqozi luza. Isikhathi uma sihamba uzakubona amaphutha ambalwa futhi nobufakazi obuningi njalo ukuthi uNkulunkulu usekela loyo thisha.

Njengoba siphakamisa isandla sisekela umuntu, siyazibophezela ukusebenzela noma iyiphi injongo yeNkosi loyo muntu obiziwe ukuba ayifeze. Ngesikhathi izingane zethu zisencane, umkami wabizwa ukuba ayofundisa izingane ezincane ewodini yethu. Angizange kuphela ngiphakamise isandla sami ukuba ngimsekele, kepha ngakhulekela yena futhi ngacela imvumo yokuba ngimsize. Isifundo engasithola sokubonga lokho abesimame abakwenzayo futhi nothando leNkosi kubantwana futhi lisabusisa umndeni wami kanye nempilo yami.

Ngangiqeda ukukhuluma naleyo ndoda esencane eyasekela ubhishobhu wayo eminyakeni eyadlulayo. Ngathola ukuthi iNkosi kanye nabantu bamsekela kubizo lwakhe njengomfundisi wezenkolo, njengomongameli wesiteki, futhi njengobaba. Wathi ngenkathi inkulumo yethu iphela, “Ngisakukhulekela mihla yonke.”

Singathola ukuba sikhulekele omunye umuntu obizwe nguNkulunkulu ukuba asebenzele abanye nsuku zonke. Singabonga kumuntu osibusisile ngomsebenzi wakhe wokusebenzela abanye. Singakhetha ukuba siziveze uma omunye umuntu esimsekelile ecela amavoluntiya.1

Labo abaphakamisela phezulu izinceku zeNkosi embusweni Wakhe bazakusekelwa ngamandla Akhe angaqhathaniseki. Sonke sidinga lesosibusiso.

Amanothi

  1. Bona Ukufundiswa ngabaProfethi beBandla: uJoseph F. Smith (1998), 211–12.

Ukufundisa ngalo Mlayezo

Emva kokwabelana ngalomlayezo, cabanga ngokufunda lomugqa olandelayo: “iNkosi izakwenza ithulusi esandleni Sakhe uma uzithobile, unokholo, kanye nokuzimisela. … Uzakuthola amandla angeziwe uma usekelwa ebandleni futhi ubusiswe ngokubekwa izandla ” (Ukufundisa, Akulona Ubizo Olukhulu [1999], 20). Yenza umndeni uqoqane ndawonye maduzane nento enesisindo bese ucela omunye wamalungu omndeni ayiphakamise. Ungeze oyedwa wabo ngesikhathi esinye, mema abanye amalungu omndeni ukuba asize ukuphakamisa lento esindayo. 2Xoxa ngokuthi kwenzekani uma wonke umuntu esiza. Cabanga ngokugcizelela ukululekwa kukaMongameli uEyring mayelana nezindlela ezibonakalayo esingasekela abanye ngobizo lwabo.

Shicilela