Ngo-2012
Ukuxolela Kuletha Injabulo
Okthoba 2012


Izingane

Ukuxolela Kuletha Injabulo

uMongameli uUchtdorf ufundisa ukuthi kumele sixolele amalungu wethu womndeni. Bona ukuba ukhetho lukaJoseph kanye noAnna lungenza kanjani lithinte umndeni wabo.

uJoseph kanye nodade wakubo osemncane, uAnna, badlala bobabili. uAnna uphucha uJoseph ithoyisi. Angenzani uJoseph?

uJoseph uthukuthelela uAnna. uAnna uyakhala. Umama kaJoseph uyamkhuza ngokulwa nodade wakhe. uJoseph uyaxolisa ukuthi wenze ukhetho olubi.

uJoseph uxolela uAnna futhi uthola enye ithoyi angadlala ngayo. Badlala bobabili ngokujabula. Umama wabo ujabulile ukuthi uJoseph ubenomusa kudade wabo futhi waba nokuthula emndenini. uJoseph uzizwa ejabulile ngokukhetha ukuxola.

Emva kwalokho, uJoseph kanye noAnna kumele basize umama wabo ukuba balungiselele idina. uJoseph akancedisi. uAnna kumele enzeni?

uAnna uyakhononda kumama wakhe. uAnna uyathetha ngokwenza umsebenzi eyedwa. Edineni wonke umuntu akajabulile ngenxa yokulwa.

uAnna uxolele uJoseph futhi uncedisa ngedina. Umama wabo uyabonga ngosizo lukaAnna. Umndeni ujabulela ukuba ndawonye ngedina. uAnna uzizwa ejabulile ukuthi ukhethe ukuxolela.

Ukhetho lwakho lokuxolela luthinta kanjani injabulo yomndeni?

Shicilela