Ngo-2012
Isikhiye Esodwa kuMndeni Ojabulile
Okthoba 2012


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uOkthoba 2012

Isikhiye Esodwa ku Mndeni Ojabulile

Isithombe
NguMongameli Dieter F. Uchtdorf

Umbhali omkhulu uLeo Tolstoy waseRashiya waqala incwadi yakhe i Anna Karenina ngalamagama: “Imindeni ejabulile yonke iyafana; yonke imindeni engajabulile ayijabulile ngendlela yayo.”1 Ngesikhathi nginganaso isiqiniseko sikaTolstoy ukuthi imindeni ejabulile yonke iyafana, ngitholile lokho okodwa eminingi enakho: inendlela yokuxolela kanye nokukhohlwa amaphutha abanye futhi ibheka okuhle.

Labo abasemindeni engajabulile, ngenye indlela, bathola esikhathini esiningi amaphutha, babambe amagqubu, abakwazi ukushiya amaphutha akudala.

“Yebo, kepha …” qala ngalabo abangajabulile. “Yebo, kepha awazi ukuba ungikhubaze kangakanani,” washo oyedwa. “Yebo, kepha awumazi ukuthi ukhohlakele kangakanani,” washo omunye.

Mhlawumbe bobabili baqinisile; mhlawumbe abaqinisile.

Kunezigaba eziningi zamaphutha. Kunezigaba eziningi zokukhubaza. Kepha engikubonile ukuthi esikhathini esiningi sinikeza isizathu solaka lwethu futhi sinelise imiqondo yethu ngokuzitshela izindaba zesizathu zabanye ezenze izenzo zabo zangavumeleki ukuba zixoleleke futhi sizibeke thina phambili, ngalesosikhathi, siphakamise izizathu zethu njengezimsulwa futhi ezilungile.

Inja yeNkosana

Kunendaba endala yamaNgisi akudala kusukela kwiminyaka engu 13 yamakhulu mayalana nenkosana eyabuyela ekhaya yathola inja yakhe iconsa igazi ebusweni bayo. Indoda yajahela endlini futhi, ngokuthuka kwayo, yabona ukuthi ingane yomfana wayo yayingekho futhi inqola yakhe yayiginqikile. Ngokuthukuthela inkosana yadonsa inkemba yakhe yase ibulala inja yakhe. Masishane emva kwalokho, wezwa ukukhala kwendodana yakhe—ingane yayiphilile! Ngasohlangothini lwengane kwakulele impisi efile. Inja, eqinisweni, yavikela ingane yenkosana kwimpisi eyayinobungozi.

Noma-ke lendaba ibonakala njengendaba edumazayo, ikhombisa iphuzu. Iveza ikhono lokuthi indaba esiyixoxayo thina ngokuthi kungani abanye bebaziphatha ngendlela thize ayivamile ukuvumelana njalo—kwesinye isikhathi asifuni nokwazi ngamaphuzu lawo. Singamane sizizwe ukuvumela thina entukuthelweni yethu ngokubambelela entweni enganambitheki. Ngesinye isikhathi lamagqubu angahlala izinyanga noma iminyaka. Ngesinye isikhathi angahlala impilo yonke.

uMndeni Ohlukene

Omunye ubaba akazange axolele indodana yakhe ngokungahambi endleleni leyo ayifundiswa. Umfana wayenabangane ubaba wakhe ayengabafuni, futhi wenza izinto eziphambene nendlela kababa wakhe lezo ayecabanga ukuba angazenza. Lokhu kwaletha ukungezwani phakathi kobaba kanye nendodana, futhi masishine umfana ekwazi, washiya ikhaya lakhe futhi azange abuyela emuva. Abazange basaphinda bakhuluma.

Ubaba uzizwe engenacala? Mhlawumbe.

Indodana izizwe ingenacala? Mhlawumbe.

Konke engikade ngikwazi ukuthi lomndeni wawuhlukene futhi ungajabulile ngenxa yokuba wayengekho owayefuna ukuxolela omunye. Babengakwazi ukushiya emuva imicabango enentukuthelo ebabenayo komunye. Bagcwalisa izinhliziyo zabo ngentukuthelo esikhundleni sothando kanye noxolo. Omunye nomunye wazincisha ithuba lokufundisa ngempilo yomunye unomphelo. Ukuhlukana phakathi kwabo kwabonakala kujulile futhi kubanzi kangangokuba omunye nomunye wabayisiboshwa sikamoya oyingcwele sokuhluthuluka esiqhingini sakhe eyedwa.

Ngenhlanhla, uBaba wethu waseZulwini onothando futhi ohlakaniphileyo ulethe indlela yokunqoba lesikhala sokuziqhenya. Ukuhlawulela okukhulu futhi okungapheli yisenzo esiphakeme soxolo kanye noxolelwano. Ubukhulu baso kungaphezulu kokuzwisisa kwami, kepha ngibeka ubufakazi obuvela enhlizweni kanye nasemphefumulweni wonke wami ngeqiniso futhi namandla okugcina waso. uMsindisi wasiletha Yena ngensindiso yezono zethu. Ngaye sithola ukuxolelwa.

Awukho Umndeni Ophelele

Akekho noyedwa wethu onganasono. Omunye nomunye wethu wenza amaphutha, ngisho wena kanye nami. Sonke silimele. Sonke silimaze abanye.

Kungumnikelo woMsindisi ukuthi singathola ukuphakamiselwa embusweni omkhulu kanye nakwimpilo yangunaphakade. Njengoba sivumela izindlela Zakhe futhi sinqoba ukuzigqaja kwethu ngokuthambisa izinhliziyo zethu, singaletha ukuxolelana kanye noxolo phakathi kwemindeni yethu futhi nasezimpilweni zethu. uNkulunkulu uzakusisiza thina sikwazi ukuxolela kakhudlwana, sivumele kakudlwana ukuhamba imayili lesibili, sibe ngabokuqala ukucela uxolo noma kungasiyithina esinephutha, sibeka eceleni amagqubu akudala siphinde singasawanaki futhi. Ukubonga akube kuNkulunkulu, owanikezela ngeNdodana yakhe Ezelwe Yodwa, futhi nakwiNdodana, eyanikezela ngempilo Yakhe kithi.

Singezwa uthando lukaNkulunkulu ngathi nsuku zonke. Akwenzeki yini ukuba siphe kakhudlwana okwethu kubantu bakithi njengoba kufundiswa kumculo othandwayo”Beacuase I Have Been Given Much” (Ngokuba Nginikezwe Okuningi)?2 iNkosi isivulele umnyango ukuba sixolelwe. Angeke kube kuhle yini ukuthi sibeke eceleni ukuzazisa kwethu nokuziqaja siqale sivule lowo mnyango obusisekile wokuxolela kulabo esidonsisana nabo kanzima—ikakhulukazi kumndeni wonke wethu?

Ekugcineni, injabulo ayiveli ekulungeni kepha ekusebenziseni imithetho engcwele, noma kungaba izinyathelo ezincane. OboMongameli Bokuqala kanye neKhoramu labaPostoli Beshumi Nambili bamemezela: “Injabulo empilweni yomndeni ingahle itholakale uma isungulwe phezu kwemfundiso yeNkosi uJesu Krestu. Imishado kanye nemindeni ephumelelelayo yakhiwe futhi igcinwe ngomthetho wokholo, umthandazo, ukuguquka, ukuxolela, inhlonipho, uthando,isihawu, umsebenzi, kanye nemisebenzi eminingi ejabulisayo.”3

Ukuxolela kubekwe ngaphakathi kwalamaqiniso alula, kusungulwe ohlelweni lwenjabulo lukaBaba wethu waseZulwini. Ngenxa yokuxolela okuhlanganisa imithetho, ehlanganisa abantu. Kuyisikhiye, esivula iminyango ekhiyiwe, iyisiqalo sendlela elungile, futhi enye yamathemba ethu amakhulu yomndeni ojabulile.

Angathi uNkulunkulu angasisiza ukuba sixolele kakhudlwana emindeni yethu, sixolelane kakhudlwana, futhi mhlawumbe sizixolela nathi kakhudlwana. Ngiyathandaza ukuthi singathola ukuxolela njengendlela enye enhle leyo imindeni ejabulile eminingi efanayo.

Amanothi

  1. uLeo Tolstoy, Anna Karenina, trans. Constance Garnett (2008), 2.

  2. “Because I Have Been Given Much” (Ngokuba Nginikezwe Okuningi), Amaculo, no. 219.

  3. “The Family: A Proclamation to the World,” Liahona, Nov. 2010, 129; ukugqizelela okungeziwe.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

“Njengoba ulungiselela isifundo ngasinye, zibuze wena ukuthi umthetho ungafana kanjani nento ilungu lomndeni eliye lahlangabezana nayo ezimpilweni zabo”(Teaching, No Greater Call [1999], 171). Cabanga ngokumema amalungu omndeni ukuba abelane nesifundo esilungile abasithola noma abasibona ngokuxolela. Xoxa ngalezimfundiso, ugcizelele izibusiso zokuxolela. Vala ngokubeka ubufakazi bakho ngokubaluleka kokuxolela omunye umuntu.

Shicilela