Ngo-2012
Umthandazo kanye Noxolo
Okthoba 2012


Intsha

Umthandazo kanye Noxolo

Ngobunye ubusuku ngaxabana nomama wami futhi ngezwa ubuhlungu. Ngase ngithatha isinqumo sokuba ngithandaze. Noma-ke ngangisesimweni esingasihle futhi ngangingafuni ukuba “nomoya ongcwele” Ngangazi ukuba umthandazo uzangenza ngizizwe ngijabulile futhi ngingeke ngisaphikisana. Emva kokuba umama wami aphume ekamelweni, ngaqala ngomthandazo wami. “Baba waseZulwini Othandekayo, Ngize kuwe Ngalobusuku ngenxa …” Cha. Ngavula amehlo kanye nezingalo zami; lokho kwazwakala kungajwayelekile. Ngazama futhi. “Baba waseZulwini, Ngidinga …” Nalokho futhi kwazwakala kungajwalekile. Ngezwa uSathane engiphoqelela ukuba ngiyekele umthandazo wami wokucela usizo kuBaba waseZulwini.

Masinyane ngaba nento ethi ngithi ngiyabo! Ngase ngiyenza, futhi imicabango yaqala yavela enqondweni yami ngazo zonke izinto engabonga ngazo uBaba waseZulwini. Ngenkathi sengiqedile ukubonga Yena, Ngasengixoxa ngenkinga enginayo.

Emva kwalokho ngazizwa nginoxolo oluhle ngaphakathi kwami, umuzwa ofudumele komoya oyingcwele wokuthi ngiyazi ukuba uBaba wethu waseZulwini kanye nabazali bami bayangithanda futhi ngingumntwana kaNkulunkulu. Ngakwazi ukuxolisa kumama wami futhi ngamukela ukuxolisa kwakhe.

Shicilela