Ngo-2012
Usuku ngaphambi koKhisimusi Oluphelele
Disemba 2012


Intsha

Usuku ngaphambi koKhisimusi Oluphelele

Ngenkathi ngisakhula, okwakugqamile njalo ngonyaka kwakuwusuku ngaphambi kukaKhisimusi. Mina kanye nomndeni wami senza ipizza, sihamba sihlabelela amaculo wangoKhisimusi, futhi sabuthana ndawonye sizibophezelela ngoKhisimusi. Sacula amaculo siyiqembu elinezingxenye ezine elalingaqinile sakhalisela phezulu amaculo wangoKhisimusi ngezinto zethu ezingajwayelekile zokudlala umculo. uBaba wami ngaso sonke isikhathi wayephetha ubusuku ngomcabango wangoKhisimusi owasishiya nezinyembezi zenjabulo. Impilo ayizange ibe ngcono ukwedlula usuku ngaphambi kukaKhisimusi.

Ngenkathi sengikhulakhulile, umama wami waqala ukunakekela umakhelwane owayesemcane, uKelly. uKelly wayehlala njalo eza ekhaya lethu emva kokuphuma esikoleni, ngenkathi umama wakhe, uPatty, asemsebenzini. uKelly wayengilandela njalo njengomdlwane—onomsindo futhi osweleyo. Kwakubanokuphumula njalo uma uPatty elanda indodakazi yayo futhi eshiya ikhaya lami kanye nomndeni wami ngokuthula.

Ngomunye uDesemba, Ngashaywa uvalo ngenkathi umama wami emema uPatty kanye noKelly ukuba basijoyine ngaphambi kosuku lukaKhisimusi. Usuku lwami ngaphami kukaKhisimusi. uMama wamoyizela futhi engiqinisekisa, “Angeke kushintshe lutho.” Kepha ngangazi kangcono. Bazakudla wonke amapizza ethu. uKelly wayehlekisa ngokucula kwethu. Ngazitshela ukuthi lona kwakuzokuba usuku ngaphambi kukaKhisimusi olubi okwedula wonke angaphambilini.

Ngenkathi ubusuku bufika, uPatty kanye noKelly basijoyina, sase sikhuluma futhi sihleka futhi sicula. uMama wami wayeqinisile. Usuku lwalu phelele. Phakathi kobusuku basibonga futhi bahlukana nathi bengazimisele. Ngalala ngenhliziyo enelisekile. Ngathola ukuthi izipho zangempela eziyigugu zangoKhisimusi azinciphi uma zabelwana ngazo. Kepha ziyeqa kakhulu futhi ziyaziphindaphinda uma sizinikezela ngazo.

Shicilela