Ngo-2013
Ukwabelana noMngane
Februwari 2013


Intsha

Ukwabelane noMngane

Ngolunye usuku ngenkathi ngifunda ngilungiselela ikilasi lami leseminari, Ngaba nomqondo omuhle futhi ohlukile. Ngenkathi ngifunda isifundo ngosuku olulandelayo, Ngabona ubuso bukamngane esasingena naye isikole futhi ngaba nomqondo onamandla ukuthi ngabelane kanye naye ngobufakazi bami ngevangeli.

Ngaphezu kwalomqondo owawucacile, Nganginovalo. Ngangikhathazekile ukuthi umngane wami angahle anqabe, kakhulukazi ngenxa yokuba wayengabukeki njengenhlobo eyentombazane engafisa ukujoyina iBandla.

 Ngacabanga ngenkulumo kaDade uMary N. Cook wobumongameli jikelele Wabesifazane Abasebasha lapho asinikeza isivivinyo sokuba sisebenze kanzima futhi siqine isibindi.1 Ngangifuna kubenjena, ngase ngibhalela lentombi incwadi futhi ngabeka ubufakazi bami ngeqiniso eliphelele leBandla kanye nothando lwami ngeNcwadi kaMomoni. Ngosuku olulandelayo ngashutheka iNcwadi kaMomoni, kanye nencwadi yami, phakathi kwesikhwama sakhe.

 Ngokumangala kwami, umngane wami wakhombisa isifiso sukuzwa ivangeli. Kusukela ngalolosuku, wayehlezi angitshela ukuba ufundeni ngokufunda kwakhe iNcwadi kaMomoni. Emavikini ambalwa adlulayo, ngamazisa kubafundisi bezenkolo. Cishe masishane nje, wathola isiqiniseko esivela kuMoya oNgcwele ukuthi lokho ayekufunda kwakuyiqiniso. Mina kanye nabafundisi bezenkolo sakhala ngenkathi esitshela ngemizwa yakhe. Umngane wami masishane wabhabhadiswa, futhi abazali bakhe bamangala ukubona umehluko owenzeka kuyena.

 Ngiyajabula kakhulu ukuba ngakwazi ukunqoba ukusaba kwami futhi ngasiza ukuletha ivangeli empilweni yakhe.

Amanothi

  1. Bona uMary N. Cook, “Never, Never, Never Give Up!” Liahona, uMeyi 2010, 117–19.

Shicilela