Ngo-2013
Ukuguqukelela eNkosini
Februwari 2013


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, February 2013

Ukuguqukelela eNkosini

Funda lomlayezo futhi, ngokufanelekile, xoxa ngayo nalabo dade obavakashelayo. Sebenzisa lemibuzo ukusiza ukuqinisa odade bakho nokwenza Inhlangano Yabesimame Yenkululeko ibe yingxenye ebalulekile yempilo yakho. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya kuwww.reliefsociety.lds.org.

Isithombe
Isivalo Senhlangano Yabesimame Yenkululeko

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Odade abasebasha beBandla—kanye Nabesifazane Abasebasha abangena Enhlanganweni Yabesimame Yenkululeko, odade abavela emsebenzini, futhi nabaqeda ukuguquka—badinga ukuxhaswa kanye nobungane bothisha bokuvaksha. “Ukufaka amalungu kubaluleke kakhulu ukuze kugcinwe futhi kubuyiswe amalungu angasenawo umfutho phakathi emsebenzini ophelele,” lakhuluma iGosa uM. Russell Ballard weKhoramu yabaPostoli Beshumi Nambili. “Bamba umbono loyo Inhlangano Yabesimame Yenkululeko … engabayiyo [enye] yezinto ezinamandla zokwakha ubungane esinazo eBandleni. Finyelela masishane kulabo abafundiswayo kanye nalabo ababuyisiwe, futhi ubathande eBandleni ngenhlangano yakho.1

Njengamalungu eNhlangano Yabesimame Yenkululeko, singasiza amalungu asemasha ukuba bafunde izimiso zokuqala zeBandla, njengalezi:

  • Ukunikeza inkulumo.

  • Ukubeka ubufakazi.

  • Ukuphila umthetho wokuzila.

  • Ukukhokha okweshumi kanye nezinye zeminikelo.

  • Ukuzibandakanya ngomsebenzi womlando womndeni.

  • Ukubhabhadisela kanye nokuqinisa amadlozi abo ashona.

“Kuthatha abangane abanosizo ukwenza amalungu amasha azizwe akhululekile futhi amukelekile ebandleni,” lakhulma iGosa uBallard.2 Sonke thina, kepha kakhulukazi othisha ngokuvakasha, banemisebenzi ebalulekile kakhulu ukwakha ubungane kanye namalungu asemasha njengendlela yokusiza bona baqine “ngokuguqukela eNkosi” (uAlma 23:6).

Kuvela embhalweni Ongcwele

2 uNifayi 31:19–20; uMoroni 6:4

Kuvela Emlandweni Wethu

“Ngesibalo esiphakamayo njalo sabaguqukayo, wakhuluma u Gordon B. Hinckley (1910–2008), “kumele thina senze umzamo obonakalayo ngobukhulu ukuba basizeke njengoba bathola indlela yabo. Omunye nomunye wabo udinga izinto ezintathu: umngane, umsebenzi, kanye nokunakekelwa ‘ngezwi elihle likaNkulunkulu’ (uMoroni 6:4).”3

Othisha ngokuvakasha bakwisimo sokuba basize labo ababanakekelayo. Ubungane esikhathini esiningi buza kuqala, njengoba kwenzeka kudade osemusha weNhlangano Yabesimame Yenkululeko owayenguthisha ngokuvakasha kadade owayesekhulile. Babethendemuza ngokwakha ubungane kwaze kwafika lapho besebenza ndawonye kwiprojekthi yokuhlanza. Babangabangane, futhi njengoba babekhuluma ngoMlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, bobabili banakekeleka nge “ngezwi elihle likaNkulunkulu.”

uMongameli uJoseph Fielding Smith (1876–1972) wathi Inhlangano Yabesimame Yenkululeko “iyingxenye ebaluleke kakhulu yombuso kaNkulunkulu emhlabeni futhi … isiza amalungu anokholo ukuba athole impilo yangunaphakade embusweni kaBaba wethu.”4

Amanothi

  1. M. Russell Ballard, “Members Are the Key,” Liahona, Sept. 2000, 18.

  2. M. Russell Ballard, Liahona, Sept. 2000, 17.

  3. Gordon B. Hinckley, “Every Convert Is Precious,” Liahona, Feb. 1999, 9.

  4. Joseph Fielding Smith, in Daughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2011), 97.

Ngingenzenjani?

  1. Ngiyathandazela umlingane wami futhi ngicele uMoya ukuba usihole njongoba sishumayela kodade bethu?

  2. Sisebenza ngezindlela ezinjani zokusiza udade ngamunye esimnakekelayo ukuze abone ukuthi simkhathalele ngokweqiniso?

Shicilela