Ngo-2013
Izwi Elibhekiswe Kumfundisi wezenkolo Onokungabaza.
Februwari 2013


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, uFebuwari 2013

Izwi elibhekiswe kuMfundisi wezenkolo Onokungabaza

Isithombe
NguMongameli Dieter F. Uchtdorf

Izinceku zikaJesu Krestu ngasosonke isikhathi zihlezi zinomsebenzi wokuhambisa ivangeli Lakhe emhlabeni (bona uMarku 16:15–16). Nokho, ngesinye isikhathi kunzima ukuba sivule imilomo yethu futhi sikhulume ngokholo lwethu kulabo abasondelene nathi. Ngenkathi amanye amalungu weBandla anesipho esijwayelekile ngokukhuluma nabanye ngenkolelo, abanye banokungabaza noma bazizwe bengenamile, benamahloni, noma bezizwe besaba ukwenza njalo.

Ekugcineni kwalokho, ngicela izinto ezine noma kunoma ngubani ongazenza ukuba alandele uhlelo loMsindisi lokufundisa ivangeli “kuwowonke umuntu” (D&C 58:64).

Iba Ukukhanya

Isisho sami engisithanda kakhulu esivela ku St. Francis wase Assisi sifundeka kanjena, “Shumayela ivangeli ngasosonke isikhathi futhi uma kudengekile, sebenzisa amagama.”1 Umqondo kulesisho ukuzwisisa ukuthi esikhathini esiningi intshumayelo enamandla ayikhulunywa.

Uma sinobuqotho futhi siphila njalo ngezinga lethu, abantu bayanaka. Uma sinikezela ngentokozo kanye nangenjabulo, banaka kakhulu.

Wonke umuntu ufuna ukujabula. Uma thina amalungu weBandla sinikezela ngokukhanya kwevangeli, abantu babona injabulo yethu futhi bezwe uthando lukaNkulunkulu lugcwala futhi luphuphuma ezimpilweni zethu. Bafuna ukwazi ukuthi yingani. Bafuna ukuzwisisa imfihlo yethu.

Leyo ebaholela ukuba babuze imibuzo enjena “Yingani ujabulile?” or “Why do you always have such a positive attitude?” noma “Yingani njalo unesimilo esiphakeme?” Izimpendulo zalemibuzo, nangempela, ziholela kahle enxoxweni yevangeli elibuyisiwe lika Jesu Krestu.

Iba Nenxoxo

Ukuveza indaba mayelana nezenkolo—kakhulukazi kubangane bethu kanye nalabo esibathandayo—kungabukeka kusabeka futhi kunzima. Akumele kube njalo. Ukukhuluma ngemfundiso yangomoya noma ukukhuluma mayelana nemisebenzi yeBandla noma kwizehlakalo enkulumeni elula kungaba lula futhi kube mnandi uma sinikele ngesibindi esincane kanye nomqondo.

Unkosikazi wami, uHarriet, uyisibonelo esihle saloku. Ngenkathi sasiphila eJalimani, wayekwazi ukuthola indlela yokuba asebenzise izindaba ezambelana kanye neBandla enkulumeni yakhe nabangani kanye nalabobantu ayebajwayele. Ngesibonelo, uma omunye umuntu embuza ngempela sonto yakhe, wayethi, “KuleliSonto sibe nemfundiso ejabulisayo ebandleni lethu. Umfana osemcane oneminyaka engu 16 ubudala wanikeza inkulumo enhle phambi kwabantu abangu 200 kwibandla lethu mayelana nokuphila impilo ehlanzekile.” Noma, “Ngafunda ngowesifazane owayeneminyaka engu 90 ubudala owathunga izingubo ezingaphezulu kuka 500 futhi wanikela ngazo kuhlelo lokusiza leBandla ukuba zihanjiswe kubantu abaswele kuwowonke umhlaba.”

Kakhulu ukwedlula lokhu, abantu abezwa lokhu bafuna ukwazi kabanzi. Babuza imibuzo. Futhi lokhu kwaholela kube namathuba okukhuluma ngevangeli ngokujwayelekile, ngesibindi, ngendlela engaphoqeli.

Ngokusungulwa kwe Intanethi kanye nokuhlangana komphakathi emoyeni, kulula namuhla ukukhuluma ngazo lezinto ngendlela yokuxoxisana kunakudala. Esikudingayo kuphela nje isibindi sokwenza njalo.

Iba Nokubonga Okukhulu

Ngeshwa, kulula ukungavumelani. Kwenzeka kaningi ukuthi siphikisane, siqekele phansi, futhi sigxeke. Uma sithukuthela, sidelela, noma sihlukumeza abantu, into yokugcina abayifunayo kithi ukufunda kabanzi ngathi. Awusoze wathola ukuthi bangakhi abantu abayekele iBandla noma bangeke bajoyina ngenxa yokuba omunye umuntu ukhulume into ephathe kabi omunye noma eyaba yinhlamba kuyena.

Kunokudelelana okukhulu namhlanje emhlabani. Ngenxa yokufihlakala komuntu ku Internet, kulula kakhulu ukusho into ebulalayo noma into ecasulayo. Akumele sibe, thina zinceku ezinethemba zikaKrestu wethu onesineke, sibe neliphezulu, izinga elidlulele lokusiza. Imibhalo engcwele isifundisa, “Yenza inkulumo yakho ihlale njalo inokubonga, ifakwe usawuti, ukuthi wena ungakwazi ukuba uphendule wonke umuntu” (Colossians 4:6).

Ngithanda umbono ngamazwi ethu wokuba ahlale acacile njengezulu elibalele futhi agcwale ukubonga. Cabanga ukuba imindeni yethu, amawadi, isizwe, futhi nomhlaba ungabanjani uma singathola lomthetho olula?

Iba noKholo Olugcwele

Ngesinye isikhathi sizinikeza thina udumo olukhulu noma icala elikhulu uma kuza kubantu ekwamukeleni ivangeli. Kubalulekile ukuba sikhumbule ukuthi iNkosi ayilindelanga thina ukuba siguqule.

Ukuguquka kuza hhayi ngokuvela kumazwi ethu kepha kusizo olungcwele loMoya oNgcwele. Ngesinye isikhathi kudingeka isisho esodwa sobufakazi bethu noma nemfundiso ukwenza inhliziyo ithambe noma ukuvuleka kwesivalo leso esizaholela abanye ukuba bathole imfundiso yeqiniso enogqozu oluvela ngokuyalwa nguMoya.

uMongameli uBrigham Young (1801–77) wathi wayekwazi ukuba ivangeli liyiqiniso ngenkathi “ebona indoda eyayingakwazi ukukhuluma kahle, noma ikhono lokukhuluma phambi kwabantu, wayekwazi nje ukuthi, ‘Ngiyazi, ngamandla woMoya oNgcwele, ukuthi iNcwadi kaMomoni iyiqiniso, ukuthi uJoseph Smith unguMprofethi weNkosi.’” uMongameli uYoung wathi ngenkathi ezwa lobufakazi obuthobekile, “uMoya oNgcwele owenzeka kulowomuntu kwakhanyisa ukuzwisisa kwami, kanye nokukhanya, inkazimulo, kanye nokungafi ngokomzimba [kwaku] phambi kwami.”2

Bafowethu kanye nodade, ibani nokholo. iNkosi ingakhulisa amazwi lawo owakhulumayo futhi awenze abenamandla. uNkulunkulu akacele nina ukuba niguqule kepha ufuna nivule imilomo yenu. Umsebenzi wokuguqula awusiwona owakho—lokho okomuntu olalele futhi nokoMoya oNgcwele.

Wonke Oyilungu Ungumfundisi Wezenkolo

Bangane bami abathandekayo, namuhla kunezindlela eziningi ukwedlula kudala thina esingavula imilomo yethu ngazo futhi sabelane kanye nabanye izindaba ezijabulisayo zevangeli likaJesu Krestu. Kunendlela yawonke umuntu—ngisho nomfundisi wezenkolo onokungabaza—ukuba azibandakanye kulomsebenzi omkhulu kakhulu. Sonke singathola indlela yokusebenzisa amakhono ethu kanye nezinto esizikhathalele ekuxhaseni umsebenzi omkhulu kakhulu wokugcwalisa umhlaba ngokukhanya kanye nangeqiniso. Njengoba senza kanjalo, sizakuthola injabulo eza kulabo abanokholo futhi abanesibindi esanele “ukuba bame njengofakazi bakaNkulunkulu ngasosonke isikhathi” (uMozaya 18:9).

Amanothi

  1. uSt. Francis wase Assisi, eWilliam Fay kanye no Linda Evans Shepherd, Share Jesus without Fear (1999), 22.

  2. Izifundiso zaboMongameli beBandla: uBrigham Young (1997), 67.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Enye indlela esebenzayo yokufundisa ukuba “ugqugquzelele labo obafundisayo ukuba babeke … izifiso lezo ezizobasiza baphile imithetho leyo oyifundisile” (Ukufundisa, Akulona Ubizo Olukhulu [1999], 159). Cabanga ngokuba umeme labo obafundisayo ukuba bathandazele ukubeka isifiso sokwabelana ngevangeli noyedwa noma abantu abaningana kulenyanga. Abazali bangaxoxisana ngezindlela izingane ezisencane ezingasiza ngayo. Ungaphinde usize amalungu omndeni acabangisise noma badlale izindawo ezoveza izindlela zokukhuluma ngevangeli enkulumeni ejwayelekile futhi bacabange ngemisebenzi yeBandla ezayo leyo abangamema kuyona umngane.

Shicilela