Ngo-2013
Ngicela Upholise Inhliziyo Yami
Mashi 2013


Intsha

Ngicela Upholise Inhliziyo Yami

Ngosuku olugubha ukufa komfowethu , ngacabanga ngesikhathi sami kusukela ekufeni kwakhe. Azange ngikhumbule kuphela ubuhlungu obukhulu engabuzwa kepha kanye nezibusiso uNkulunkulu anginikeza zona.

Angizange ngizwisise ukuba abantu bangathi ukufa komuntu omthandayo kungahle kulethe izibusiso. Angizange ngizwisise ukuba ngingahle ngibe nenjabulo futhi ngibonge into leyo engizwisa ubuhlungu obukhulu. Kwakunobunye ubusuku, kepha, obashintsha kakhulu umbono wami.

Ngavuka phakathi kobusuku ngenhliziyo eyayisinda kakhulu. Ubuhlungu bebungicindezele. Ngawela phansi ngamadolo ami futhi ngakhala ngithandaza kuBaba wami waseZulwini. Kuyonke impilo yami ngafundiswa ngokuHlawulelwa kanye namandla amangazayo aphilisayo kaJesu Krestu. Ukholo lwami laqala ukulingeka. Ngangikholwa ngempela na? Ngacela uBaba wami waseZulwini ukuba apholise inhliziyo yami. Ubuhlungu bekade bubuhlungu kakhulu kimi ukuba ngikwazi ukumelana nabo ngingedwa.

Emva nje kwaba noxolo, induduzo, futhi uthando olweza kuwonke umzimba wami. Ngezwa sengathi uNkulunkulu wayegaxe izandla Zakhe kimi futhi wayengivikela kubuhlungu obukhulu ebekade ngibuzwa. Ngiyamkhumbula umfowethi namanje, kepha ngakwazi ukubona ngelinye iso. Kwakuningi engakufunda ngalesifundo.

Ngiyazi uthando kanye noxolo lweNkosi lukhona. Sidinga kuphela ukuthabatha.

Shicilela