Ngo-2013
Uxolo, Alubenokuthula
Mashi 2013


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uMashi 2013

Uxolo, Alubenokuthula

Isithombe
Umongameli uThomas S. Monson.

Ngolunye usuku eminyakeni embalwa eyadlulayo, emva kokulungisa imisebenzi ehhovisini, ngezwa ugqozu lokuba ngihambe ngiyovakashela umfelokazi osekhulile owayeyisiguli endaweni eyisenta yabadala eSalt Lake City. Ngashayela ngqo ngiya lapho.

Ngesikhathi ngingena egumbini lakhe lokulala, ngalithola lingenamuntu. Ngabuza owayengumsizi mayelana nokuba wayekuphi nendawo futhi ngayalelwa ukuba wayesendaweni yokuphumula. Lapho engathola lomfelokazi owayelungile evakashelwe ngudade wakhe ehambisana kanye nomngane wakhe. Sabanenxoxo eyayijabulisayo sindawonye.

Ngenkathi sikhuluma, indoda yavela kumnyango wekamelo izothatha ikhani likanamunedi kumshini odayisayo. Wangibuka futhi wasethi, Yingani, ungu Thom Monson.”

“Yebo,” Ngaphendula. “Futhi wena ubukeka sengathi owakwaHemingway,”

Wavuma ukuthi yena wayenguStephen Hemingway, indodana kaAlfred Eugene Hemingway, owasebenza njengekhansela lami ngenkathi nginguBhishobhu eminyakeni eminingi eyadlulayo futhi loyo engimbiza ngokuthi uGene. uStephen watshela mina ukuthi ubaba wakhe wayelapho kuleyondawo futhi wayeseduzane nokufa. uGene ubebiza igama lami, futhi umndeni wami wawufuna ukuxhumana kanye nami kepha babengakwazi ukuthola inombolo yami yocingo.

Ngacela uxolo masishane futhi ngahamba kanye noStephen ukuya ekamelweni lukakhansela wami wokuqala, lapho abanye bezingane zakhe bahlanganyele khona, kanye nenkosikazi yakhe eyashona eminyakeni eminingi eyadlula. Amalungu omndeni abuka inhlangano yami kanye noStephen endaweni yokuphumula njengempenduloi evela kuBaba wethu waseZulwini kwisifiso sabo esikhulu ukuthi ngizakubona ubaba wabo ngaphambi kokuba afe kanye nokuphendula isikhalo sakhe. Ngazizwa futhi ukuthi lokhu kwakunjalo, uma uStephen azange angene ekamelweni lelo engangilivakashele ngalesosikhathi ngenza njalo, bengingeke ngazi ukuthi uGene wayelapho.

Samnikeza isibusiso. Umoya woxolo wanqoba. Saba nosuku oluhle lokuvakasha, emva kwalokho ngase ngiyahamba.

Usuku olulandelayo ucingo lwaveza ukuthi uGene Hemingway wayeseshonile—emva nje kwemizuzu ethole isibusiso esivela kwindodana yakhe kanye nakimi.

Ngasho umthandazo othulile wokubonga kuBaba waseZulwini ngemfundiso Yakhe yokuhola, leyo eyale mina ukuba ngiyovakasha kwisentha yokunakekela futhi yangiholela kumngane wami othandekayo uAlfred Eugene Hemingway.

Ngithanda ukucabanga ukuthi imicabango kaGene Hemingway kuleyontambama—ngenkathi sizwa Umoya ongcwele, sizibandakanya ngomkhuleko ozothile, futhi sisho isibusiso sobupristi—simemezela amazwi ashiwo eculweni “Master, the Tempest Is Raging”:

Hlala, O Msindisi Obusisekileyo!

Ungaphinde ungishiye ngingedwa futhi,

Ngenjabulo ngizakwenza itheku elibusisiwe

Futhi ngiphumule esihlabathini esihle.

Ngisalithanda leloculo futhi ngibeka ubufakazi ngenduduzo eyilethayo:

Noma intukuthelo yezulu yaphendula ulwandle.

Noma amadimoni noma umuntu noma kungaba yini,

Awekho amanzi angagwinya umkhumbi lapho kuhlala

iNkosi yolwandle futhi nomhlaba kanye nezulu.

Bonke bazakulalela ngesihle isifiso sakhe:

Uxolo, alubenokuthula.1

Ngezinyembezi kanye nokuhlupheka, ngokusaba kanye nokudumala, ngobuhlungu kanye nokubawedwa ngenxa yokushiwa ngomthandayo, kunesiqiniseko sokuthi impilo izakuba ingunaphakade. iNkosi kanye noMsindisi wethu ubufakazi obuphilayo ukuthi lokho kunjalo.2 Amagama Akhe embhalweni ongcwele anele: Iba nokuthula, futhi ukwazi ukuthi nginguNkulunkulu ” (Psalm 46:10). Ngibeka ubufakazi ngaleliqiniso.

Amanothi

  1. “Master, the Tempest Is Raging,” Amaculo, no. 105.

  2. Bona uRichard L. Evans, “So Let Us Live to Live Forever,” New Era,July 1971, 18.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Lomyalezo ungaduduza labo abalahlekelwe yilabo ababathandayo ngokufa noma labo abathwele kanzima ngokuhlupheka. Ekungezeni kumlayezo kaMongameli uMonson, cabanga ngokwabelana ngalemibhalo engcwele elandelayo, mayelana nezidingo zalabo obafundisayo: uJobe 19:25–26; 1 AbaseKhorinthe 15:19–22; uMozaya 24:13–15; Isifundiso kanye Nezivumelwano 122:7–9. Uma ugqugquzelwa, ungabeka ubufakazi bakho ngoxolo uMsindisi akunikeze lona ekuhluphekeni kwakho.

Shicilela