Ngo-2013
Ngingabelana ngeNcwadi kaMomoni na?
Disemba 2013


Intsha

Ngingabelana ngeNcwadi kaMomoni na?

Umbhali uhlala eWashington, USA.

Ngenkathi konyaka wami wokuqala esikoleni esiphakeme, uthisha wami wasekholiji wamema ikilasi lami ukuba linikezele ngamakhophi weNcwadi kaMomoni kubangane abangasiwona amalungu ebandla. Noma-ke nganginamahloni kakhulu, ngavuma ukwenza lokho.

Kwathatha izinsuku ezimbalwa ukuba ngiqine isibindi, kepha ngagcina senginikeze umngane wami uBritny incwadi ngesikhathi sesidlo sasemini futhi ngabeka ubufakazi bami obufishane. uBritny wangibonga ngencwadi.

Ekupheleni kwalowonyaka izikole zivalwa, uBritny wahamba, kepha saqhubeka ukuxhumana kanye naye. Wangitshela ngesikole sakhe esisha futhi nokuthi cishe bonke abangane bakhe babengamalungu eBandla, kepha akazange akhulume ngento enobungcwele kanye nami.

Lokho kwashintsha ngaphambi kokuba ngihambe ngiye kumishinini. Ngathola umlayezo ovela kuBritny ethi ungiphathele izindaba ezimnandi: wayezokubhabhadiswa, futhi wayefuna ukungibonga ukuba ngumngane wakhe kanye nokuba isibonelo esihle.

uNkulunkulu wathatha umfana owayeneminyaka engu 15ubudala owayenamahloni enganaso ngisho nesifundo sobumishini kangako futhi wamyala ukuba abelane ngevangeli kanye nomuntu ayemazi ozakulivuma. Ngiyazi ukuthi ngokulalela uMoya oNgcwele, sonke singathola abantu eduzane nathi abalindele ukufunda ngevangeli elibuyisiwe. Ngiyazi ukuthi uma sisiza ngokuletha ngisho umuntu oyedwa eNkosini, “injabulo [yethu] izakuba kangakanani kanye [naye] embusweni kaBaba [wethu]! (D&C 18:15).

Shicilela