Ngo-2013
Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: Indodana Ezelwe Yodwa zwi
Disemba 2013


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uDisemba 2013

Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: Indodana Ezelwe Yodwa zwi

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuzwisisa impilo kanye nomsebenzi woMsindisi kuzakhulisa kanjani ukholo lwakho Kuyena futhi kubusise labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku reliefsociety.lds.org.

Isithombe
Isivalo Senhlangano Yabesimame Yenkululeko

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

uMsindisi wethu, uJesu Kristu, ubizwa ngokuthiwa Indodana Ezelwe zwi ngokuba uyena kuphela lapha emhlabeni ozalwe ngumama wempilo yokufa ngokwenyama kanye noBaba wempilo yangokomoya. Wathola amandla angcwele avela kuNkulunkulu, Ubaba Wakhe. Kumama Wakhe, uMary, Wathola impilo yokufa ngokwenyama futhi wayezo lamba, omela amanzi, akhathale, azwe ubuhlungu, kanye nokufa.1

Ngokuba uJesu Kristu uyiNdodana Ezelwe zwi kaBaba, wakwazi ukuzinikela ekufeni futhi wayezovuka kwabafileyo. Imibhalo engcwele ifundisa ukuthi “Ngomhlatshelo kaKristu,” thina “sithola ukuvuka kwabafileyo (uJakobe 4:11). Siphinde sifunde ukuthi konke “kungavuswa empilweni yangokomoya ukuya kwimpilo yangunaphakade” uma “singakholwa” (D&C 29:43).

Njengoba sithola ukuzwisisa kabanzi ukuthi kusho ukuthini kuJesu ukuba Indodana Ezelwe zwi kaBaba, ukholo lwethu kuKristu luzakhula. IGosa u D. Todd Christofferson weKhoramu Labapostoli Beshumi Nambili wathi, Ukholo kuJesu Kristu ukukhulisa futhi nesiqiniseko se (1) Isimo Sakhe njengeNdodana Ezelwe zwi kaNkulunkulu, (2) Ukuhlawulelwa Kwakhe okungapheliyo, kanye (3) Nokuvuka Kwakhe Kwabafileyo.”2 Abaprofethi banamuhla babeke ubufakazi: “[uJesu Kristu] waye … Indodana Ezelwe zwi ngokwenyama, Umkhululi wezwe.”3

Kuvela embhalweni Ongcwele

uJohane 3:16; Imfundiso kanye Nezivumelwano 20:21–24; uMose 5:6–9

Kuvela Emlandweni Wethu

Kwitestamente Elisha sifunda ngabesifazane, ababizwe ngamagama futhi nalabo abangazange babizwa ngamagama abo, ababanokholo kuJesu Kristu, befunda futhi bephila izifundiso Zakhe, futhi babeka ubufakazi ngemfundiso Yakhe, izimangaliso, kanye nobukhulu. Lababesifazane babeyizinceku eziyisibonelo futhi ofakazi ababalulekile kumsebenzi wensindiso.

Isibonelo, uMartha wabeka ubufakazi obuqinile ngobungcwele boMsindisi ngenkathi ethi Kuyena, “Ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, Indodana kaNkulunkulu, loyo owayezoza lapha emhlabeni” (Johane 11:27).

Abambalwa ofakazi bokuqala ngobungcwele bukaMsindisi kwakunguMama Wakhe, uMary, kanye nodade wakhe uElizabethi. Masishane emva nje ingelosi uGabriyeli ivakashele uMary, yavakashela uElizabethi. Masishane nje ngenkathi uElizabethi ezwa uMary ebulisa, “wagcwala uMoya oNgcwele” (uLuka 1:41) futhi wabeka ubufakazi ukuthi uMary uzakuba ngumama weNdodana kaNkulunkulu.

Amanothi

  1. Bona Gospel Principles (2009), 52–53.

  2. D. Todd Christofferson, “Building Faith in Christ,” Liahona, Sept. 2012, 13.

  3. “The Living Christ: The Testimony of the Apostles,” Liahona, Apr. 2000, 2–3.

Ngingenzenjani?

  1. Yingani kubalulekile kimi ukuba ngizwisise izindima zikaJesu Kristu?

  2. Lungakhula kanjani ukholo lwethu njengoba sigcina izivumelwano?

Shicilela