Ngo-2013
Umndeni kanye Nabangane Ingunaphakade
Disemba 2013


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uDisemba 2013

Umndeni kanye Nabangane Ingunaphakade

Isithombe
NguMongameli uHenry B. Eyring

Noma ikuphi lapho ohlala khona, unabangani abafuna injabulo enkulu leyo oyitholile ekuphileni ivangeli elibuyisiwe likaJesu Kristu. Abasoze bakwazi ukuchaza ngamagama leyonjabulo, kepha bangayibona ngenkathi beyibona empilweni yakho. Bazakufuna ukufunda ngemvelaphi yaleyonjabulo, ikakhulukazi uma bebona ukuthi nawe uhlangabezana nezivivinyo njengoba nabo behlangabezana nazo.

Uzwile injabulo njengoba ugcina imiyalelo kaNkulunkulu. Leso isithembiso somvuzo wevangeli eliphilayo (bona uMozaya 2:41). Awulaleli ngokholo imiyalelo yeNkosi ukuze ubonwe ngabanye abantu, kepha labo ababona injabulo yakho balungiselwe yiNkosi ukuba bezwe izindaba ezimnandi zevangeli eLibuyisiwe.

Izibusiso ozinikezwe zona zenze kwaba nezibopho futhi namathuba wakho. Njengenceku yesivumelwano kaJesu Kristu, unesibopho sokukhulisa ithuba kwabanye ukuba bathole injabulo ephakeme, ikakhulukazi kubangane bakho kanye nakumalungu omndeni wakho.

iNkosi yabona ithuba lakho futhi yachaza isibopho sakho ngalomyalelo: Kwenzeka ukuba wonke umuntu oyaliwe ukuba ayale umakhelwane wakhe” (D&C 88:81).

iNkosi yenza lowo myalelo ube lula ukuwulalela ngoshintsho olwenzeka enhlizweni yakho njengoba wamukela futhi uphila ivangeli likaJesu Kristu. Umphumela walokho, uthando lwakho kwabanye lizakukhula, njengoba unesifiso ukuba bathole injabulo efana kanye nalena oyizwile.

Isibonelo esinye saloshintsho ukuba ulwamukela kanjani ithuba lokuba usize kumsebenzi weNkosi wobufundisi bezenkolo. Abafundisi bezenkolo ngokuphelele bafunda masisha ukuthola impendulo kulowo oguqukile ngokweqiniso ukuba bacele ukukhonjiswa. Oguqukileyo ufisa abangane kanye namalungu omndeni ukuba babelane ngenjabulo.

Ngenkathi umholi wewadi mishini noma abafundisi bezenkolo bacela amagama alabo abazakubafundisa, kuyisihle esikhulu kuwe. Bayazi ukuba abangane babonile injabulo yakho futhi, ngakho-ke, labobangane bazilungiselele ukuzwa futhi bakhethe ukwamukela ivangeli. Futhi banethemba ukuthi uzakuba umngane abazokumdinga njengoba bangena embusweni.

Ungesabi ukuthi uzakuhlukana kanye nabangane ngokumema abafundisi bezenkolo ukuba bahlangane nabo. Nginabangane abanqabe abafundisi bezenkolo kepha bangibongile ngokuphindekile eminyakeni eminingi ngokubanikeza into ababeyazi ukuba iyigugu kimi. Ungenza abangane abangunaphakade ngokubanikeza ivangeli, lelo abalibonayo ukuba likulethele injabulo. Ungayekeli ithuba lokumema umngane futhi ikakhulukazi ilungu lomndeni ukuba likhethe ukulandela iplani yenjabulo.

Alikho ithuba elikhulu ukwedlula ukumenwa emathempelini weBandla. iNkosi ingaletha izimiso zensindiso kumadlozi ethu kulabo abangazange bazithola kulempilo. Babuka bephezulu ngothando kanye nangethemba. INkosi ithembisile ukuba bazakuthola ithuba lokuza embusweni Wakhe (bona D&C 137:7–8), futhi wenza wena ukuba ube nothando labo.

Abaningi benu bezwile injabulo ekwenzeni izimiso kwabanye zethempeli, njengoba wenza uma unikeza amagama abantu kubafundisi bezenkolo ukuba bahlangane nabo. Uzwile futhi injabulo enkulu ngokwenza izimiso zamadlozi akho. Kwavezwa kuMprofethi uJoseph Smith ukuthi injabulo yethu yangunaphakade izokhonakala ukwenzeka kuphela nje uma sinikeza indlela yokuthola lesosibusiso emadlozini ethu ngezimiso zasethempelini (bona D&C 128:18).

Ukhisimuzi ubhekisa izinhliziyo zethu kuMsindisi kanye nenjabulo elethwe ivangeli Lakhe kithi. Sikhombisa ukubonga Kuye kakhulu njengoba siletha leyonjabulo kwabanye. Ukubonga kushintsha kube yinjabulo njengoba sinikeza amagama kubafundisi bezenkolo futhi njengoba sihambisa amagama wamadlozi ethu ethempelini. Lokubonakala kokubonga kwethu kungenza abangane kanye nemindeni leyo ezakubakhona ingunaphakade.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Umongameli uEyring uchaza ukuthi singabonakalisa ukubonga kwethu kuMsindisi ngokwabelana ngevangeli kanye nabanye. Ungaxoxisana kanye nalabo obafundisayo ukuba kungani isipho sevangeli sibusise izimpilo zabo. Cabanga ngokubamema ukuba bakhulekele ukubona labo abafisa ukwabelana kanye nabo isipho sevangeli nokuthi bangakwenza kanjani lokho.

Shicilela