Ngo-2014
Impendulo Yomthandazo Wakhe.
Mashi 2014


Intsha

Impendulo Yomthandazo Wakhe

Umbhali uhlala eGauteng, eNingizimu Afrika.

Ngobunye ubusuku umngane wami wenye inkolo wangivakashela. Ngijwayele ukufunda imibhalo ngedwa, futhi ngangiyikhiphele ukuyifunda ngalobobusuku. Ngashushiswa ukuthi ngimbize azofunda nami imibhalo, kodwa nganginokwesaba ngase ngiqala ukufunda ngedwa. Bengazi ukuthi ngishushiswa nguMoya. Emva kwemizuzu emibalwa ngokuqaphela ngambuza, Ungathanda ukufunda nami imibhalo?” Engangabazi wangiphendula umngane wami wathi, “Yebo”

Sase siqala sifunda Encwadini kaMormoni. Wangibuza imibuzo, ngasengizwa uMoya ungikhokhela ngenkathi ngimphendula. Ngamnikeza ubufakazi bami ngeNcwadi kaMormoni ukuthi iyiqiniso. Emva kokwenza lokho, wangitshela ukuthi, “Bengikhala futhi nginokwesaba usuku lonke. Bengithandaza kuNkulunkulu ngicela usizo ngenkathi ungicela ukuthi ngifunde nawe imibhalo. Ngizizwa ngingcono kakhulu manje. Ngiyabonga.”

Inkosi yangisebenzisa njengethuluzi ukuphendula umthandazo futhi nokusebenzela omunye wezingane Zakhe emdingayo. Ngiyazi ukuthi ukushushiswa ngumyalelo ongcwele ophuma konobuhlakani, nodumo uBaba. Uma sisusa ukwesaba kwethu, Simvumela ukuthi Abonakalise amandla Wakhe nangokumlalela.

Shicilela