Ngo-2014
Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: Ukukhanya koMhlaba
Mashi 2014


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uMashi 2014

Umsebenzi Ongcwele kaJesu Krestu: Ukukhanya koMhlaba

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuzwisisa impilo kanye nomsebenzi woMsindisi kuzakhulisa kanjani ukholo lwakho Kuyena futhi kubusise labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya kuwww.reliefsociety.lds.org

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

Uma sesiqonda ukuthi uJesu Krestu ungukuKhanya koMhlaba, singakwazi ukukhulisa inkolo yethu Kuye futhi sibe ukukhanya kwabanye. uKristu wafakaza ngomsebenzi Wakhe njengo “kukhanya kwangempela okukhanyisa indlela yawowonke amadoda [kanye nabesifazane] abeza emhlabeni “(D&C 93:2) wasicela ukuba si”phakamise[Okwakhe] ukukhanya ukuze kukhanyise umhlaba” (3 Nefi 18:24).

Abaprofethi bethu nabo bafakaze ngoKukhanya kukaKristu. uMongameli uHenry B. Eryin, Ikhansela lokuQala KubuMongameli Bokuqala, wathi: “Ngaso sonke iskhathi lapho uzama ukukhetha khona ukuphila njengoMsindisi, ubufakazi bakho buzakuqina. Kuzofika isikhathi sokuthi wazi ngokwakho ukuthi uNgukukhanya koMhlaba. … Uzobonakalisa kwabanye ukuKhanya kukaKrestu empilweni Yakho.”1

Igosa Quentin L. Cook weKhoramu yabaPostile abayishumi nambili wakhuluma kanje ngokuthi thina singukukhanya emhlabeni: “Sidinga ukuvikela imindeni yethu futhi sihambe phambili kanye nabanye abantu abalungile ekwenzeni konke okusemandleni ethu ukulondoloza ukukhanya, ithemba, kanye nobuqotho emiphakathini yethu.”2

Kuvela Embhalweni Ongcwele

uJohane 8:12; Imfundiso kanye Nezivumelwano 50:24; 115:5

Kuvela Emlandweni Wethu

Abesifazane abaNgcwele Bezinsuku Zokugcina namhlanje basaqhubeka nokuphakamisa isibane sokukhanya.

Kwibhilidi eilide kakhulu kwindawo elwisitezi esingu80 e Hong Kong, eShayina, udade ongashadile owayekhubazekile emzimbeni — owayenguyeyedwa Ongcwele wabeZinsuku Zokugcina emndenini wakhe— wenza ikhaya lakhe laba yindawo engcwele lapho yena kanye nabavakashi bakhe bangezwa amandla wangoMoya. Wagcina imibhalo, izincwadi zeNhlangano Yomama, kanye nencwadi yakhe yamaculo eduzane. Wahamba waya eThempelini ukuyokwenza umsebenzi wokhokho bakhe.3

eBrazil umama olungileyo wakhulisa izingane zakhe ngokukhanya kwevangeli. Izingoma zeklasi lezingane zazigcwele emoyeni wendlu yakhe yezitina ezibomvu, kanye nezithombe eziphuma kwiLiyahona zamathempeli, abaprofethi bakaNkulunkulu, kanye noMsindisi zazigcwele wonke amabonda. Yena kanye nomyeni wakhe bazidela ukuthi baqiniswe etempeleni ukuze izingane zabo zizalwe ngaphakathi kwesithembiso. Umthandazo wakhe wazozonke izinsuku kwakungukuthi iNkosi imsize ukuthi akhulise izingane zakhe ngokukhanya, neqiniso kanye namandla evangeli.4

Amanothi

  1. uHenry B. Erying, “Ubufakazi Obuphilayo.” Ensign noma iLiyahona,uMeyi 2011, 129

  2. Quentin L. Cook, “Makube Nokukhanya!” Ensign or Liahona, Nov. 2012, 114

  3. Bona Amadodakazi Embusweni Wami: Umlando kanye noMsebenzi lando kanye noMsebenzi Yomame Benkululeko (2011), 51

  4. Bona Amadodakazi Embusweni Wami, 36–37

Ngingenzenjani?

  1. Xoxa ukuthi kusho ukuthini ukuba wukukhanya emhlabeni namhlanje.

  2. Cabanga kanzulu ukuthi ukulandela ukukhanya kukaKristu kukusiza kanjani ukuthi ubekezele ukuvivinywa.

Shicilela