Ngo-2014
Umsebenzi kanye neMpilo Yaphakade
Mashi 2014


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uMashi 2014

Umsebenzi kanye neMpilo Yaphakade

Isithombe
NguMongameli uHenry B. Eyring

Umsindisi yisibonelo sethu sokuzinikela emsebenzini. Impilo Yakhe ehlabahlosile ayinikela ekusebenzeleni uBaba wasemaZulwini nabobonke abantwana bakaBaba Wakhe. Ubumbano lwenjongo kaBaba Kanye neNdodana ukunikeza thina sonke isipho sempilo ehlabahlosile Kanye nesibusiso sempilo yaphakade (bona uMose 1:39).

Ukuthola impilo yaphakade, kufanele siguquke ngokuHlawulelwa kukaJesu Krestu — sizalwe kabusha futhi sihlanjululwe esonweni. Izingane ezincane ezingaphansi kweminyaka eyisishagalombili, kanjalo ke, abanaso isono futhi basindisiwe ngeNhlawulo (bona uMozaya 3:16, 21; uMoroni 8:10–12).

Thina esesifikile kwiminyaka yokuziphendulela, kunecebo elihle elisivumela ukuthi nathi sihlanjululwe esonweni futhi sizilungiselele impilo yaphakade. Lamalungiselelo aqala ngokubhabhadiswa ngamandla wobupristi kanye nokwamukela isipho soMoya Oyingcwele. Bese sihlala sikhumbula njalo uMsindisi futhi sigcine imiyalelo Asinike yona.

Inkosi uBenjamini watshela abantu bakhe kwiNcwadi kaMormoni ngenjabulo efika kulabo abathole uxolelo lwezono ngeNhlawulo kukaJesu Krestu. Wase ebatshela ukuthi ukuze bathole ukuxolelwa ezonweni zabo, kufanele bafundise abantwana babo ukuba basebenzelane futhi banikele kwizidingo zenyama kanye nezomoya kulabo abaseduzane nabo. (Bona uMosaya 4:11–16 ).

Wabafundi nokuthi , “Bhekani, Nginitshela lezinto ukuthi nifunde ubuhlakani; ukuthi nifunde ukuthi uma usebenzela abanye abantu esiphila nabo sisebenzela uNkulunkulu” (uMozaya 2:17).

uJesu wahamba efundisa ivangeli futhi wenza okuhle (bona Izenzo 10:38). Walapha abagulayo. Wavusa abafileyo. Ngamandla Akhe wapha izigidi zabantu ukudla ngenkathi belambile benganakho ukudla (bona uMatewu 14:14–21; uJohane 6:2–13). Emva kokuVuka Kwakhe kwabafileyo Wanikeza abambalwa BabaPostoli Bakhe ukudla njengoba beza ngasoLwandle LwaseGalili (bona uJohane 21:12–13) Emazweni aseMelika,Waphilisa abagulayo futhi wabusisa izingane ngamunye ngamunye (bona 3 Nifayi 17:7–9, 21).

uJames umPostoli wasifundisa ukuthi isifiso sethu sokusebenzela abanye abantu siza uma sinokubonga ngakokonke iNkosi esinikeze kona:

“Kodwa obheka ekuhlabahloseni komthetho wenkululeko, uzakuqhubeka lapho, ongabi ngumlaleli okhohlwayo, kepha oyenza umsebenzi, leyondoda izakubusiseka ezenzweni zakhe. …

“Inkolo ehlanzekile futhi engangcolile phambi kobuso bukaNkulunkulu kanye noBaba yilokhu, Ukuvakashela abangenabo obaba noma abafelokazi ngesikhathi sabo sobunzima, futhi nokuzigcina uhlanzekile ungenacala lasemhlabeni” (uJames 1:25, 27).

Kunye okungakubonisa ukuthi usuyahlanjululwa ukukhula kwesifiso sokusebenzela abanye kanye noMsindisi. Ukufundisa emakhaya noma ukufundisa ngokuvakasha kuletha injabulo enkulu futhi akubonakali kungumsebenzi onzima. Uzozibona usuzinikela kakhulu njalo esikoleni esiseduze noma unakekela abahluphekile emphakathini wakho. Noma ngabe unemali encane ongayinikela kulabo abangenalutho, ufisa sengathi ubunakho okuningi ukuze unikele kakhulu (bona uMozaya 4:24). Uzozibona unogqozi lokusebenzela izingane zakho futhi ubabonise ukuthi basebenzele abanye kanjani.

Uma isiqu sakho sishintsha, uzozwa isifiso sakho sokunikela ngomsebenzi sikhula ngaphandle kukubonwa. Ngazi abalandeli boMsindisi abanikele ngezipho ezinkulu zemali kanye nomsebenzi ngokuzimisela ukuthi akekho omunye ngaphandle kukaNkulunkulu kanye nabantwana bakhe abaziyo ngakho. uNkulunkulu uwubonile umsebenzi wabo wababusisa kulempilo, futhi usazobabusisa empilweni yaphakade ezayo (bona Matewu 6:1– 4; 3 Nefi 13:1– 4).

Njengoba ugcina umthetho wokusebenzela abanye (bona Matewu 22:39), uzizwe usushintshile ungasenakho ukuziphakamisa. uMsindisi wabalungisa abafundi Bakhe ngalenkathi bephikisana ngokuthi ngubani omkhulu phakathi kwabo washo.

“ akekho phakathi kweni oyakubizwa ngenkosi: kodwa yinye kuphela iNkosi, nguKrestu.

“ Kodwa omkhulu ngaphakathi kwenu uzakuba yisisebenzi” (uMatewu 23:10–11).

uMsindisi usifundisa ukuthi singafunda kanjani ukusebenzela abanye. Wasebenza kahle, kufanele sifunde ukusebenza njengokufunda kwakhe— umgqa phezu komgqa (bona D&C 93:12–13). Ngomsebenzi esiwunikelayo, singafana Naye. Sizothandaza ngawo wonke amandla ezinhliziyo zethu ukuthanda izitha zethu ngoba Uyazithanda nazo (bona Matthew 5:43–44; Moroni 7:48). Ekugcineni singafaneleka ukuzuza impilo yaphakade Naye kanye noBaba waseZulwini.

Ngiyanethembisa ukuthi ningakwazi ukusebenzelana kahle uma nilandela imfundiso yoMsindisi kanye nesibonelo Sakhe.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Igosa uM. Russell Ballard weKhoramu labaPostoli Abayishumi nambili wasikhuthaza ukuthi sithandazele amathuba wokusebenza: “Emthandazweni wakho wasekuseni usuku nosuku olusha, cela uBaba waseZulwini ukuthi akukhokhele ukuze ubone amathuba okusebenza nabanye babantwana Bakhe abayigugu. Bese uhambe usuku lonke … ufuna umuntu ozomsiza” (“Hlala umatasatasa,“ Ensign noma iLiyahona Nov. 2012, 31) Cabanga ngikumema labo obafundisayo ukuthi babeke injongo yokuthandaza njalo ekuseni ukuze bathole amathuba okusebenza futhi bawafune usuku lonke.

Shicilela