Ngo-2014
Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: uMsebenzi
NgoJuni 2014


Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha. uJuni 2014

Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: uMsebenzi

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuzwisisa impilo kanye nomsebenzi woMsindisi kuzakhulisa kanjani ukholo lwakho Kuyena futhi kubusise kanjani labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya kureliefsociety.lds.org.

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

Ngesikhathi sisebenzela abanye, siba ngabalandeli abaqotho baJesu Kristu, owasenzela isibonelo. UMongameli Thomas S. Monson wathi: Sizungeziwe yilabo abaswelayo. Yithi izandla zikaNkulunkulu lapha emhlabeni, esinethuba lokumsebenzela nokuphakamisa abantwana Bakhe.1

ULinda K. Burton, umongameli jikelele weNhlangano Yabesimame Yenkululeko, wafundisa: “Ngokuzijwayeza,thina sonke singafana kakhulu noMsindisi ngenkathi sisebenzela abantwana baNkulunkulu. Ukusisiza (sisebenzelane) kangcono, ngingathanda ukunikeza amagama amane okukhunjulwa: ‘Okokuqala bheka, bese uyasebenza.’ … Ngenkathi senza njalo, sigcina izivumelwano, futhi ukusebenza kwethu, njengoMongameli Monson, kuzoba ubufakazi bobufundi bethu.”2

Singathandaza njalo ekuseni ukuba sibone amathuba okusebenzela abanye. UBaba waseZulwini Uzokweluleka, nezingelosi zizokusiza,” kwasho uDavid L. Beck, umongameli jikelele wabesiLisa aBasha. “Uzonikezwa amandla okubusisa izimpilo nokusindisa imiphefumulo.”3

Kuvela Embhalweni Ongcwele

Matewu 20:25–28; 1 Nefi 11:27–28; 3 Nefi 28:18

Kuvela Emlandweni Wethu

Enkomfeni kawonkewonke ya-Okthoba 1856, uMongameli Brigham Young (1801–77) wabika ukuthi amachobanswani ezinqola zezandla ayesawela amagceke nokuthi wonke umuntu kwakumele asize ekuqoqeni izimpahla okuzoba ezabo khona manjalo. ULucy Meserve Smith wabhala ukuthi abesimame “bakhumula amapitikoti abo [iziketi zangaphansi ezinkulu], amasokisi nakho konke ababenganikeza ngakho, khona lapho kwiTabernakele, futhi bakugibeza [kona] phakathi ezinqoleni.”

Ngenkathi amachobanswani ayesindisiwe eqala ukufika eSalt Lake City, uLucy wabhala, “angikazi ngithole eningi … injabulo kunoma yimuphi umsebenzi engake ngawenza empilweni yami, imizwa yokuba munye yaziveza. Kwakumele ngiye esitolo nje qha ngazise izidingo zami, uma kwakuyindwangu, yayilinganiswa ngaphandle kokungikhokhisa.”4

UMongameli George Albert Smith (1870–1951) wathi ngokusebenzela abanye: “Injabulo yethu yangunaphakade izolingana nendlela esizinikela ngayo ekusizeni abanye.”5

Cabanga Ngalokhu

  1. Ukuthandaza kungasiholela kanjani ekubeni amathuluzi ezandleni zeNkosi?

  2. Ukusebenzela abanye kungasisiza kanjani ekugcineni izivumelwano zethu?

Amanothi

  1. uThomas S. Monson, “Ngimenzeleni Omunye Umuntu Namuhla?” Liahona, Nov. 2009, 86.

  2. uLinda K. Burton, “First Observe, Then Serve,” Liahona, Nov. 2012, 78, 80.

  3. David L. Beck, “Your Sacred Duty to Minister,” Liahona, May 2013, 56.

  4. Lucy Meserve Smith, in Daughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2011), 36–37 .

  5. George Albert Smith, in Daughters in My Kingdom, 77.

Shicilela