Ngo-2014
Ukusheshisa Umsebenzi
NgoJuni 2014


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, uJuni 2014

Ukusheshisa Umsebenzi

Isithombe
UMongameli uThomas S. Monson.

Uyabona ukuthi iSonto elibuyisiwe lalineminyaka engu-98 ngaphambi kokuba libe nezikhonkwane ezingu-100? Kepha emuva kweminyaka engaphansi kwa-30, isonto selihlele izikhonkwane ezingu-100 zesibili. Futhi eminyakeni engu-8 kuphela emva kwalokho, iSonto selinezikhonkwane ezingaphezu kwa-300. Namhlanje, singaphezulu kwezikhonkwane ezingu-3000 ukuqina.

Yingani lokhu kukhula kwenzeke ngenani elikhuphukile? Yingoba saziwa kangcono? Yingoba sinezindlu zokukhonza ezinhle?

Lezizinto zibalulekile, kodwa isizathu sokuba isonto likhule namuhla ukuthi iNkosi yatshengisa ukuba kuzokwenzeka. KwiMfundiso neziVumelwano, Yathi, “Bhekani, Ngizakusheshisa umsebenzi wami ngesikhathi sawo.”1

Thina, njengabantwana baBaba wethu waseZulwini ngokomoya, sathunyelwa emhlabeni ngalesi sikhathi ukuba sihlanganyele ekusheshiseni lomsebenzi omkhulu.

Inkosi ayikaze, ngokwazi kwami, itshengise ukuthi umsebenzi Wayo ugcina empilweni yasemhlabeni. Okungenani, umsebenzi Wayo wemukela ubuphakade. Ngikholwa ukuthi iyawusheshisa umsebenzi wayo ezweni lemimoya. Ngiyakholwa futhi ukuthi iNkosi, ngezinceku zayo lapho, ilungiselela imimoya eminingi ukuba yamukele ivangeli. Umsebenzi wethu ukuba sibheke abafileyo bethu bese siya ethempelini sibenzele izimiso ezingcwele ezizolethela labo abangaphesheya kwesisitho amathuba afanayo nalawa esinawo thina.

Bonke abalungile abaNgcwele beziNsuku zokuGcina ezweni lemimoya bamatasatasa, kwasho uMongameli Brigham Young (1801–77). “Benzani lapho? Bayashumayela, bayashumayela sonke isikhathi, futhi balungiselela indlela ukuba nathi sisheshise umsebenzi wethu ekwakheni amathempeli lapha nakwezinye izindawo.”2

Manje, umsebenzi womlando womndeni awukho lula. Nina eniphuma eScandinavia, ngizwelana nani ekukhathazekeni kwenu. Isibonelo, olayinini wesi-Swedishi wami, igama lomkhulu wami kwakunguNels Monson; igama likababa wakhe kawakungayena uMonson nhlobo kepha uMons Okeson. Igama likababa kaMons kwakungu-Oke Pederson, futhi igama likababa wakhe kwakunguPeter Monson—kubuyelwa emuva kuMonson futhi.

INkosi ilindele ukuba mina nawe senze umsebenzi womlando womndeni wethu kahle. Ngicabanga ukuthi into yokuqala okumele siyenze uma sizokwenza kahle umsebenzi wethu ukuba sibe nomoya kaBaba waseZulwini kithi. Ngesikhathi siphila ngokulunga esikwaziyo ukuba siphile ngakho, Uzovula indlela yokufezeka kwezibusiso esizibheka ngokuzimisela nokukhuthala.

Sizokwenza amaphutha, kepha akekho owethu ongaba umpetha emsebenzini womlando womndeni ngaphandle kokuqala abe imfundamakhwela. Ngakho-ke, kumele sigxumele phakathi kuwo lomsebenzi, futhi kumele silungiselele ukugibela okusantaba. Lona akuwona umsebenzi olula, kepha iNkosi iwubeke phezu kwakho, futhi iwubeke phezu kwami.

Ngenkathi ulandela umsebenzi womlando womndeni uzozithola ugijimela emigwaqeni evinjiwe, futhi uzozitshela ukuthi, “Akukho okunye engingakwenza.” Ngesikhathi usufika kuleyo ndawo, iya phansi ngamadolo akho ucele iNkosi ukuba ivule indlela, futhi Izokuvulela indlela. Ngiyafakaza ukuthi loku yiqiniso.

UBaba waseZulwini Uyabathanda abantwana Bakhe abasezweni lemimoya ngendlela athanda mina nawe. Mayelana nomsebenzi wokusindisa abafileyo bethu, umProfethi uJoseph Smith wathi, “Futhi manje njengoba izinjongo ezinkulu zikaNkulunkulu zisheshisa ukufezeka kwazo, futhi nezinto ekukhulunywe ngazo ebaProfethini zifezeka, njengoba umbuso kaNkulunkulu wakhiwa emhlabeni, futhi nokwenziwa kwezinto kwakudala kubuyisiwe, iNkosi isitshengisile lomsebenzi nethuba elikhethekile.”3

Mayelana namadlozi asedlulile ngaphandle kolwazi levangeli, uMongameli Joseph F. Smith (1838–1918) wathi, “Ngemizamo yethu esikhundleni sabo amaketango abo obugqili azowa kubo, futhi nobumnyama obubazungezile buzohlubeka kubo, ukuba ukukhanya bukhazimule kubo futhi bazozwa ezweni lemimoya ngomsebenzi owenzelwe bona ngabantwana babo lapha, futhi bazothokoza nawe ekwenzeni lemisebenzi.”4

Khona izigidi phezu kwezigidi zabantwana bemimoya abakaBaba waseZulwini abangakaze bezwe igama likaKristu ngaphambi kokuba bashone futhi beye ezweni lemimoya. Kepha manje sebefundisiwe ivangeli futhi balinde usuku lapho mina nawe sizokwenza uphenyo oludingekayo ukuvula indlela ukuze sizoya endlini yeNkosi sibenzele umsebenzi bona abangakwazi ukuzenzela.

Bafowethu nodadewethu, ngiyafakaza ukuthi iNkosi izosibusisa ngesikhathi samukela futhi siphendula lenselelo.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Cabanga indaba oyithandayo yasemlandweni womndeni wakho ubelane ngayo nalabo obavakashelayo. Ungafuna ukusebenzisa imibuzo esengxenyeni yezingane yoMlayezo wobuMongameli Bokuqala (ikhasi 6) ukugqugquzela labo obavakashelayo ukuba babelane ngezindaba zabo. Cabanga ukufunda iMfundiso neziVumelwano 128:15 futhi uxoxe ngokubaluleka ngokwenza izimiso zasethempelini esikhundleni samadlozi ethu.

Amanothi

  • Imfundiso neZivumelwano 88:73.

  • Izifundiso zaboMongameli beBandla: uBrigham Young (1997), 280.

  • Izifundiso zabaProfethi beBandla: uJoseph Smith (2007), 409.

  • Izifundiso zabaProfethi beBandla: Joseph F. Smith (1998), 247.

Shicilela