Ngo-2014
Ngasebenza futhi.
Septhemba 2014


Intsha

Ngasebenza futhi

Umbhali uhlala eRio Grande do Norte, eBrazil.

Ngelinye ilanga, emva kokuqeda uhlelo lokusebenza, bengidlula endlini yokuhlanganela ngabona odade ababili behlanza isakhiwo. Amagama ami aziphumela nje: “Bodade, nidinga usizo?” Omunye wabo wangiphendula wathi ngifike ngesikhathi ngoba babehlanza indlu bodwa futhi bekhathele kakhulu. Wathi ubethandaza ukuthi iNkosi ithumele umuntu ongabasiza. Ngajabula kakhulu ukuthi ngibe yimpendulo yemithandazo yabo. Ngangiqeda ukusiza omunye umuntu ngokusebenza naye futhi bengikhathele, kodwa ngalandela inhliziyo yami ngazinikela ekusizeni ngokusebenza futhi.

Ngumyalelo ukusebenza ngenjabulo (bona D&C 24:7). Uma sinesifiso sokusebenza ngaso sonke isikhathi, singasiza ukuletha izimanga ezimpilweni zabanye abantu. Uma sisebenza singathola injongo ezimpilweni zethu. Inkosi iyasithanda kakhulu, Isiza abantwana bayo ngamunye ngamunye , futhi Uzasinikeza amandla wokusebenzela abanye.

Shicilela