Ngo-2014
Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: Ummeli
Septhemba 2014


uMlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uSeptemba 2014

Umsebenzi Ongcwele kaJesu Kristu: Ummeli

Ngomkhuleko funda lombhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuzwisisa impilo kanye nomsebenzi woMsindisi kuzakhulisa kanjani ukholo lwakho kuYena futhi kubusise kanjani labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha. Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku www.reliefsociety.lds.org

Ukholo • Umndeni • Inkululeko

uJesu Kristu wathembisa, “Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini” (UJohane 14:18). Uzosinikeza “amaqhele esikhundleni somlotha, amafutha enjabulo esikhundleni sokulila“ (Izaya 61:3). Ngoba uKristu uhluphekele iNhlawulo yethu ngamunye nomunye, ngeke Asikhohlwe. “Umsindisi uthathe Kuye … ubuhlungu kanye nenhlupheko kanye nobunzima ukuze Yena azi ukuthi thina sizizwa kanjani nokuthi yena asiduduze kanjani thina,” kwasho uLinda S. Reeves, oyisekela lesibili kubumongameli jikelele beNhlangano Yabesimame Ekhululekile.1

Ukwazi ukuthi uKristu uzosiduduza kuletha ukuthula futhi kuyasigqugquzela ukuthi silandele Isibonelo sakhe sokukhokhela ngobufundisi kwabanye. uMongameli uThomas S. Monson wathi: “Ulwazi lwethu lwevangeli kanye nothando lukaBaba waseZulwini kanye noMsindisi luzosiduduza futhi lusigcine bese lulethe injabulo ezinhliziyweni zethu njengoba sihamba ngobuqotho futhi sigcina imiyalelo. Ayikho into engasihlula emhlabeni.”2

Kuvela Embhalweni Ongcwele

uJohane 14:18, 23; u-Alma 7:11–13; Imfundiso kanye Nezivumelwano101:14–16

Kuvela Emlandweni Wethu

uElaine L. Jack, umongameli jikelele wesi 12 weNhlangano Yabesimame Ekhululekile, wathi: “Ekufundiseni ngokuvakasha siyasizana sonke. Izandla zikhuluma lokho ulwimi olungakwazi ukukusho. Ukusingatha ngemfudumalo kukhuluma okuningi. Siyabumbana uma sihleka sonke. Isikhathi sokwabelana sivuselela imiphefumulo yethu. Ngeke sikwazi ngasosonke isikhathi ukusiza labo abakhathazekile, kodwa singamphakamisa ukuze akwazi ukubhekana nobunzima kangcono.”3

Amavulandlela weNhlangano Yabesimame Ekhululekile “bathola amandla ngokomoya ngokuthandana kanye ngokuzwelana. … Njengoba belingwa ngokugula kanye nokufa, bathandazelana ngenkolo futhi baduduzana. ‘Uthando lukaNkulunkulu luhamba inhliziyo nenhliziyo,’ kwabhala uHelen Mar Whitney. ‘kuzekufike isikhathi lapho umubi angabi namandla ekuzameni kwakhe ukungena ngaphakathi kwethu neNkosi, nemicibisholo yakhe yenkohlakalo, ngesinye isikhathi, iphele amandla wokulimaza.’4

Amanothi

  1. uLinda S. Reeves, “The Lord Has Not Forgotten You,” Ensign noma Liahona, Nov. 2012, 120.

  2. Thomas S. Monson, “Be of Good Cheer,” Ensign or Liahona, May 2009, 92.

  3. uElaine L. Jack, in Daughters in My Kingdom: The History and Work of Relief Society (2011), 119.

  4. Daughters in My Kingdom, 171.

Cabanga Ngalokhu

Kukududuza kanjani ukwazi ukuthi iNkosi iyakukhumbula?

Shicilela