Ngo-2014
Sizilungiselele?
Septhemba 2014


Umlayezo Wokuqala WobuMongameli, uSeptemba 2014

Sizilungiselele?

Endaweni ngalapho bengihlala khona futhi ngisebenza, iSonto lalinohlelo lezinkukhu, lapho kwakusebenza amavoluntiya amaningi aphuma kumawadi wenkonzo aseduzane. Esikhathini esiningi lomsebenzi ubusebenza kahle kakhulu, unikezela indawo yokugcina izinto zikabhishobhu ngamaqanda kanye namakhulu wezinkukhu. Ngesinye isikhathi, nokho, ukuvolontiya kwabalimi basedolobheni kwakungasho ukuthi uzoba nezilonda ezandleni kuphela kodwa nokukhathazeka kwenhliziyo kanye nengqondo.

Ngakho ke, Ngizohlala ngikhumbula isikhathi lapho sihlanganisa abesilisa abasebasha abanobuPristi buka Aroni ukuthi basize ngokuhlanzisisa kulomsebenzi. Isixuku esasikhuthele futhi esasinomdlandla sahlangana kulomsebenzi ngokushesha besusa, beqokelela, kwaye bashisa ukhula nododi omningi. Ngokukhanya nemfudumalo yemililo emikhulu, sadla amasoseji futhi sazihalalisela ngomsebenzi oncomekayo esasiwenzile.

Nokho ke, kwakunenkinga eyodwa eyabayinhlekelele. Umsindo kanye nemililo kwahlukumeza iqoqo lezinkukhu ezingu- 5,000 zathuka futhi zahluleka ukuzala amaqanda. Emva kwalokho sabekezela ukhula kancane ukuze sithole amaqanda futhi.

Alikho ilunga leBandla elike lasiza ukunikela labo abanezidingo elike lakhohlwa noma lizisole ngalokho okwenzeka. Ukusebenza, nokunakekela, ukuzimela, kanye nokwabelana nabanye akukho kusha kithi.

Kufanele sikhumbule ukuthi izindawo zokugcina ezibaluleke kakhulu kulohlelo ukuthi yonke imindeni yaseSontweni ibenokudla, izimpahla, futhi, uma kukhoneka, ezinye izidingo zempilo ezibekiwe. Indawo yeNkosi yokugcina izinto ihlanganisa isikhathi, amathalente, amakhono, uzwelo, nokunikezelwe okungcwele, kanye nesimo sezemali zamalungu athembekileyo weBandla. Lezizinto zikhona ukuthi ubhishobhu asize labo abanezidingo.

Sigqugquzela bonke Abangcwele bezinsuku zokugcina ukuthi bahlelisise uma benza izinto, baphile impilo esezingeni elifanele, futhi babalekele izikweledi ezingadingeki noma eziningi. Abantu abaningi bangakwazi ukudlula kwizivunguvungu zomnotho ezimpilweni zabo uma benokulingene ukudla kanye nezimpahla futhi bengenazo izikweletu. Namuhla sithola ukuthi abaningi balandela lesixwayiso ngokudideka: banezikweledi eziningi futhi abanakho ukudla kwanhlobo okugciniwe.

Ngiyaphinda futhi okwashiwo ubuMongameli Bokuqala eminyakeni embalwa edlule:

“Abangcwele Bezinsuku Zokugcina baxwayiswe iminyaka eminingi ukuba balungiselele ubunzima ngokubeka imali encane. Ukwenza njalo kuletha ukuvikeleka kanye nempilo enhle kakhulu. Yonke imindeni kufanele ikwazi ukuzinakekela izidingo zayo ngamandla ayo.

“Siyakugqugquzela noma ngabe uhlala kuphi emhlabeni ukuba uzilungiselele ubunzima ngokubheka ukuthi ume kanjani ngesimo sezemali. Sikukhuthaze ukuthi usebenzise kahle imali; ukwazi ukuzingqanda uma uthenga ukuze ubalekele izikweletu. Ubhadale izikweledi ngokushesha uma ukwazi ukukwenza loko, uzikhulule kulobugqila. Ubeke imali encane njalo ukuze ukwazi ukwakha isikhwama sokugcina izimali.”1

Sizilungiselele ukubhekana nesimo esiphuthumayo ezimpilweni zethu? Amakhono ethu alungisiwe na? Siphila ngokubonelela ikusasa? Kukhona lapho sigcina khona esikudingayo lapho kutholakala kalula? Siyayigcina imiyalelo kaNkulunkulu? Siyazilandela izimfundiso zabaprofethi? Sizilungiselele ukunikeza kulabo abahluphekile futhi nabampofu? Siyilungele iNkosi?

Siphila esikhathini esinzima. Ikusasa lethu asilazi; ngakho ke, siyaphoqeleka kuthi silungiselele esingakwazi. Uma kufika isikhathi sezingqumo, isikhathi sokuzilungiselela siphelile.

Amanothi

  1. The First Presidency, All Is Safely Gathered In: Family Finances (pamphlet, 2007).

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Cabanga ngezidingo zalabo obavakashelayo, cabanga izindlela ongakwazi ukubasiza ukuthi bakwazi ukuzimela ngokomsebenzi, ngokwezimali, ngokubeka ukudla, noma ngokulungiselela ubunzima noma ingozi. Cabanga ikhono ongabelana ngalo kubo, elifana nokulima noma ukusebenzisa imali ngendlela elungile, engabapha amandla wokuthi bakwazi ukulandela umlayelo kaMongameli Monson.

Shicilela