Ngo-2015
Gcwalisa Isibani Sakho: Ukuhlolwa kwezinsuku izingama-30
Okthoba 2015


Intsha

Gcwalisa Isibani Sakho: Ukuhlolwa kwezinsuku izingama-30

Okwentsha yeBandla enezimpilo ezimatasa, kungaba lula ukuzithola ubambeke ekwenzeni into eyodwa, ikakhulukazi ngokuphathelene nezinto zikamoya. Sifunda imibhalo yethu engcwele, sithandaze, futhi sikhonze ngendlela efanayo cishe nsuku zonke bese siyamangala uma sizibona siwile ngokomoya.

Indlela okuyiyona yona yokuthi ugcine isibani somoya wakho sivutha ngokugqamile ukuthi wenze isiqiniseko sokuthi ubona futhi uzwe izinto ezibalulekile ngokomoya. Kodwa lokho kulula ukukusho kunokukwenza, ngakho ke nakhu okuzokusiza ukuthi ube nenqubekela phambili ngokomoya: Ake ucabange ngokuhambisana nevangeli ongakaze ukwenze phambilini (noma ongajwayele ukukwenza ) bese uyazinikela ukukwenza lokho zonke izinsuku enyangeni. Ungaqala kancane ngoba uzothola ukuthi kulula ukuphendula ushintsho oluncane ulwenze oluhlala isikhathi eside. Ukuze senze izinto ezisikhiphayo esimweni sethu sokuzinza ngokomoya kungadinga sibe nokholo olukhulu nokuthi senze umzamo, kodwa uma sizenza lezo zinto, simema uMoya Ongcwele ukuthi ube nathi, futhi sitshengisa ukholo olukhulu kuBaba wethu oseZulwini kanye nesifiso sokusondela Kuye. Nakhu ongaqala ngakho:

  • Ake uphokophelele ukwenza imithandazo yakho ekuseni nasebsuku. Ale uzame ukuthandaza uphimisele izwi.

  • Vuka kusasele imizuzu eyi 15 ngaphambi kwesikhathi sakho sokuvuka bese ufunda imibhalo yakho engcwele ngaphambi kokuba uye eskoleni.

  • Funda izinkulumo zomhlangano omkhulu weBandla.

  • Faka umbhalo ongcwele ovela eNcwadini kaMomoni kwezokuxhumana nge Internet.

  • Lalela amahubo noma umculo wezingoma zeBandla esikhundleni sokulalela umculo ojwayele ukuwulalela.

Shicilela