Ngo-2015
Enza Isibani Sakho Sigqame
Okthoba 2015


Izingane

Enza Isibani Sakho Sigqame

Ngesikhathi sakudala eGreece, kwakukhona umjaho lapho abasubathi babegijima nezibani ezikhanyayo. Loyo owayekwazi ukugijima umjaho wonke nesibani sisakhanya wayeba ngumnqobi. UMongameli u-Uchtdorf uthi impilo ifana nalomjaho. Isibani esisiphetheyo ukuKhanya kukaKristu. Uma sizama ukuba njengoJesu Kristu, senza izibani zethu zivuthe kakhulu.

Iziphi izinto ongazenza ukuze ube njengoJesu futhi wenze isibani sakho sikhanye kakhulu na? Khetha kulokhu okungezansi:

  • Mamatheka noma uthi sawbona kumuntu obukeka enesizungu.

  • Hlala uthukuthele umuntu

  • Nakekela umzimba wakho

  • Hlekisa ngomfowenu noma ngodadewenu

  • Hlonipha umprofethi

  • Phonsa ithawula uma wenze iphutha

  • Siza umuntu othile

Shicilela