Ngo-2015
Qeda Isibani Sakho Sisakhanya
Okthoba 2015


UMyalezo WobuMongameli BokuQala, u-Okthoba 2015

Qeda neSibani Sakho sisaKhanya

EGreece yasemandulo, abasubathi babeqhudelana emjahweni wokubambisana obizwa nge lampadedromia1 Kulomjaho, abasubathi babegijima nesibani esandleni okwakufanele basidlulisele kumsubathi olandelayo kuze kufike kowokugcina nokwakunguye okwakulindeleke ukuthi eqe umugqa wokuqeda.

Umklomelo wawunganikwa ithimba elaligijime kakhulu kunabo bonke—kodwa wawunikwa ithimba lokuqala elalifike emugqeni wokuqeda nesibani sisakhanya.

Kukhona isifundo esibalulekile esisithola lapha, futhi nesifundiswe ngabaphrofethi basendulo nabanamuhla: nakuba kubalulekile ukuthi siwuqale umjaho, okubaluleke kakhulu wukuthi siwuqede nesibani sethu sisakhanya.

USolomoni waQala Ngamandla

INkosi enkulu uSolomoni iyisibonelo somuntu owaqala ngamandla. Ekukhuleni kwakhe, “wayeyithanda iNkosi,ehamba ezimisweni zikaDavide uyise” (1 AmaKhosi 3:3). Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wayethokozile ngaye wathi “Cela lokho othanda ukuba ngikuphe kona” (1 AmaKhosi 3: 5).

Kunokuba acele ingcebo noma impilo ende, uSolomoni wacela “inhliziyo enokuqonda ukuze ngikwazi ukwahlulela abantu bakho, ngikwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi” (1 AmaKhosi 3:9).

Lokhu kwayijabulisa kakhulu iNkosi kangangoba yaze yambusisa uSolomoni hhayi nje ngokuhlakanipha kuphela kodwa nangengcebo engenakulinganiswa kanye nempilo ende.

Nakuba uSolomoni wayehlakaniphe kakhulu futhi enza nezinto eziningi ezinhle, akazange aqede ngamandla. Ngokudabukisayo, kamumva empilweni yakhe, “uSolomoni wenza okubi emehlweni eNkosi, futhi akayilandelanga iNkosi ngokupheleleyo” (1 Amakhosi 11:6).

Ukuqeda Umjaho Wethu

Kukangaki siqala into kodwa singayiqedi? Ukudla okukhethiweyo? Izinhlelo zokuzivocavoca? Ukuzinikela ekufundeni imibhalo engcwele nsuku zonke? Izinqumo zokuba ngabafundi abangcono bakaKristu?

Kukangaki senza izinqumo ngoJanuwari futhi sizilandele ngokuzimisela okukhulu kwezinsukwana, kwamasontshwana, noma izinyangana imbala kodwa uthole ukuthi ngo-Okthoba, akusekho lokuya kuzimisela okunomfutho esiqale ngakho?

Ngolunye usuku ngahlangabezana nesithombe esihlekisayo senja elele eduze kwesiqephu sephepha eyayilidabulile. Lalifundeka kanje, “Certificate of Dog-Obedience Training.”

Nathi sinjalo ngesinye isikhathi.

Sinezinhloso ezinhle; siqala ngamandla;sifuna ukuba ngabantu abangcono. Kodwa ekugcineni sishiya izinqumo zethu zidabukile, zilahliwe, futhi zikhohliwe.

Kuyimvelo yomuntu ukuqhuzuka,ukwehluleka, futhi nokuthi ngesinye isikhathi sifune ukuphosa ithawula emjahweni. Kodwa njengabafundi baJesu Kristu, sizinikele ekutheni singawuqali umjaho nje kuphela kodwa nokuthi siwuqede-futhi siwuqede nesibani esikhanya ngokugqamile. UMsindisi ubathembise abafundi Bakhe wathi, “Lowo oyobekezela kuze kube sekugcineni, nguye kanye oyosindiswa” (Mathewu 24:13).

Ake ngikubeke ngenye indlela ukuthi uMsindisi usithembiseni ezinsukwini zethu: Uma sigcina imiyalelo Yakhe futhi siqeda isibani sethu sisakhanya, sizozuza impilo engunaphakade, okuyisipho esikhulu kunazo zonke zikaNkulunkulu (bheka iMf&V 14:7; uphinde ubheke 2 Nefi 31:20).

UkuKhanya Okungapheli

Ngesinye isikhathi emva kokuba siqhuzuke, sehluleke, noma sesiphonse ithawula imbala, siyadikibala futhi sikholwe wukuthi ukukhanya kwethu sekucishile futhi nokuthi umjaho wethu usulahlekile. Kodwa ngiyafakaza ukuthi ukuKhanya kukaKristu akucisheki. Kukhanya ebusuku obumnyama kakhulu futhi kuphinde kukhanyise izinhliziyo zethu uma nje siziphendulela Kuye (bheka 1 AmaKhosi 8:58).

Noma singawa kangaki noma kude kangakanani, ukuKhanya kukaKristu kuhlezi kuvutha ngokugqama. Ngisho sisebusuku obumnyama kakhulu,uma nje sisondela Kuye, ukukhanya Kwakhe kuzozisusa izithunzi futhi kuvuselele imiphefumulo yethu.

Lomjaho wobufundi akusiwo owokugijinywa ngokushesha; ungumjaho webanga elide. Futhi akwenzi mahluko ukuthi sishesha kangakanani. Empeleni, sishiye phansi noma lomjaho ungasilahlekela ngokuthi siphonse ithawula.

Uma silokhu siqhubeka nokuvuka futhi sisondela kuMsindisi wethu, umjaho siwunqoba nezibani zethu zivutha ngokugqamile.

Ngoba isibani asikho ngathi noma ngokuthi senzani.

SingoMsindisi womhlaba.

Futhi lokho wukukhanya okungasoze kwafiphala. KuwukuKhanya okugwinya ubumnyama, okwelapha amanxeba ethu, kuphinde kukhanye ngokugqamile ngisho siphakathi kosizi olukhulu nasebumnyaneni okungaqondakali.

KuwukuKhanya okudlula ukuqonda.

Sengathi sonke ngabanye singayiqeda indlela esesiyiqalile. Fithi ngosizo loMsindisi noMkhululi wethu, uJesu Kristu, sizoqeda ngokujabula nezibani zethu zisakhanya.

Okufanele Kwaziwe

  1. Harpers Dictionary of Classical Antiquities (1898), “Lampadedromia,” www.perseus.tufts.edu/hopper. UPausanias uchaza ngomjaho wesibani ohlukile lapho abaphethe isibani, kumbe oyedwa ophuma esizweni ngasinye, engazange asidlulise isibani sakhe. Kodwa njengoba kunjalo kwi lampadedromia, onqobile kwaba ngowokuqala ofika ekugcineni komjaho nesibani sakhe sisakhanya.

IMfundiso Evela kuloMlayezo

Ake ucabange ngokukhuthaza labo obafundisayo ukuthi bacabangisise ngokuthi bakuphi bona “emjahweni” wempilo yabo. Ngabe izibani zabo zisakhanya ngokugqamileyo na? Ungafunda lomusho othi ukuKhanya kukaKristu ku “wukuKhanya okugwinya ubumnyama, okwelapha amanxeba ethu, kuphinde kukhanye ngokugqamile ngisho siphakathi kosizi olukhulu nasebumnyaneni obungaqondakali.” Bese ucabanga ngokuxoxisana nalabo obafundisayo ukuthi ukuKhanya kukaKristu kube nomthelela onjani ezimpilweni zabo ngaphambilini nokuthi kuwumthelela onjani ezimpilweni zabo manje.

Shicilela