Ngo-2015
Yiba Isibonelo kanye nokuKhanya
Novemba 2015


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, ngoNovemba 2015

Yiba Isibonelo kanye nokuKhanya

Njengoba silandela isibonelo soMsindisi, okwethu ukuthola ithuba lokuba wukukhanya ezimpilweni zabanye.

Bafowethu kanye nodadewethu, kwakuhle ukuba kanye nani futhi. Njengoba nazi, njengoba sasihlangene ngoApreli, sibuhlungu kakhulu ngokulahlekelwa abaPhostoli bethu abathathu abathandekayo: UMongameli uBoyd K. Packer, iGosa uL. Tom Perry, kanye neGosa uRichard G. Scott. Sebebuyele ekhaya labo elisezulwini. Siyabakhumbula. Siyabonga ngezibonelo zabo zothando lukaKristu kanye nezimfundiso zabo ezisigqugquzelayo abasishiye nazo.

Samkela abaPostoli bethu abasha ngemfudumalo enkulu, iGosa uRonald A. Rasband, iGosa uGary E. Stevenson, kanye neGosa uDale G. Renlund. Lawa amadoda azimisele kakhulu emsebenzini weNkosi. Bafanelekile ngokwanele ukugcwalisa izikhundla ezibalulekile ababizelwe kuzona.

Mumva nje, ngilokhu ngifunda futhi ngicabanga imibhalo engcwele, amavesi amabili ahlezi ngaphakathi kimi. Womabili siwajwayele. Elokuqala livela Kwintshumayelo yaseNtabeni: “Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uBaba osezulwini.”1 umbhalo ongcwele wesibili yilo ofike emqondweni wami njengoba kade ngicabanga incazelo yombhalo wokuqala. Uqhamuka eNcwadini eya kuThimothewu ivela kuPawulu uMphostoli: “Yiba isibonelo kwabakholwayo, ngezwi, nangengxoxo, nangothando olunzulu, nangokomoya, nangokukholwa, nangokuhlanzeka.”2

Ngiyakholwa ukuthi umbhalo ongcwele wesibili uchaza, okuyingxenye enkulu, ukuthi singawufeza kanjani owokuqala. Siba yizibonelo kwabakholwayo ngokuphila ivangeli likaJesu Kristu ngezwi, nangengxoxo, nangothando olunzulu, nangokomoya, nangokukholwa, nangokuhlanzeka. Njengoba senza njalo, ukukhanya kwethu kuzogqama ukuze abanye bakubone.

Omunye nomunye wethu weza emhlabeni enikeziwe ukuKhanya kukaKristu. Njengoba silandela isibonelo soMsindisi futhi siphila njengoba Naye aphila futhi njengoba Asifundisa, lokho kukhanya kuzovutha ngaphakathi kithina futhi kukhanyise indlela kwabanye.

UMphostoli uPawulu ubala izimfanelo eziyisithupha zekholwa, izimfanelo ezizovumela ukukhanya kwakho kukhazimule. Asikubheke ngakunye.

Ngisho izimfanelo ezimbili zokuqala ndawonye—ukuba yisibonelo ngezwi kanye nangengxoxo. Amazwi esiwasebenzisayo angakhuphula futhi agqugquzele, noma alimaze futhi akululaze. Namhlanje emhlabeni kunezingxoxo ezinenhlamba esizibona zisizungeze cishe kuyo yonke indawo esijikela kuyona. Kunzima ukugwema ukuzwa amagama kaNkulunkulu esetshenziswa ngokunganaki futhi nangokungacabangi. Imibono eyonakele kubukeka sengathi iba yisisekelo sikamabonakude, sebhayisikobho, sezincwadi, kanye nesomculo. Okuboshelwe imibono enenhlamba kanye ukuthukuthela okudlulisayo. Masikhulume nabanye ngothando nangenhlonipho, sihlezi sigcina ulimi lwethu luhlanzekile njalo futhi sigweme amazwi noma imibono ezolimaza noma ezoba inhlamba. Sengathi singalandela isibonelo soMsindisi, owayekhuluma ngokubekezela nangomusa kwintshumayelo Yakhe yonke.

Umfanelo olandelayo owashiwo nguPawulu isihe, esichazwe ngokuthi “uthando olumsulwa lukaKristu.”3 nginesiqiniseko sokuthi bakhona eduzane labo ababodwa, labo abagulayo, kanye nalabo abazizwa bedangele. Okwethu yithuba lokuthi sibasize futhi siphakamise imimoya yabo. UMsindisi ulethe ithemba kulabo abangenalo ithemba kanye namandla kulabo ababuthaka. Wasindisa abagulayo; Wenza izinyonga ukuthi zihambe, izimpumputhe ukuthi zibone, izithulu ukuthi zizwe. Waphinda futhi wavusa abafileyo. Ekushumayeleni Kwakhe konke Wayefinyelela ngesihe kunanoma ngubani odingayo. Njengoba silandela isibonelo Sakhe, sizobusisa izimpilo, okubalwa khona nezethu imbala.

Okulandelayo, kumele sibe yizibonelo ngokomoya. Kimina lokhu kuchaza ukuthi siyazama ukuthi ezimpilweni zethu sibe nomusa, ukubonga, intethelelo, kanye nobubele. Lezi zimfanelo zizosilethela umoya ozothinta izimpilo zalabo abazungeze thina. Sekube yithuba lami eminyakeni ukuhlanganyelana nabantu abaningi abanalomoya onje. Sithola umuzwa okhethekileyo uma sinabo, umuzwa osenza sifune ukuhlanganyelana nabo futhi silandele isibonelo sabo. Bakhipha ukuKhanya kukaKristu futhi basisize ukuthi sizwe uthando Lwakhe.

Ukutshengisa isibonelo sokuthi ukukhanya okuqhamuka kumoya omsulwa futhi onothando kuyabonwa ngabanye, ngabelana kanye nani isifundo seminyaka eminingi eyadlula.

Ngaleso sikhathi, abaholi beBandla bahlangana nezikhulu eJerusalema ukwazisana ngesivumelwano sokuqashisa umhlaba lapho iSikhungo seBandla eJerusalema sasiyokwakhiwa khona. Ukuze kutholakale imvume edingekayo, iBandla kwakumele livume ukuthi akukho ukuguqulwa kwabantu okuzokwenzeka kwenziwa amalunga ethu azohlala esikhungweni. Emva kokuthi leso sivumelwano senziwe, oyedwa wezikhulu zase-Izrayeli, owayelazi kahle iBandla namalunga alo, waphawula ukuthi uyazi ukuthi iBandla lizosihlonipha isivumelwano sokuthi kungaguqulwa abantu. “Kodwa,” washo, ebhekise kubafundi ababezofunda khona, “sizokwenzenjani ngokukhanya okusemehlweni abo?”4 Lokho kukhanya kwekhethelo sengathi kungakhazimula ngaphakathi kithina, kubonakale futhi kunconywe ngabanye.

Ukuba isibonelo sokholo kuchaze ukuthi sethemba iNkosi kanye nezwi Layo. Kuchaza ukuthi sinazo futhi siyazikhulisa izinkolelo ezizohola imicabango yethu kanye nezenzo zethu. Ukholo lwethu eNkosini uJesu Kristu kanye nakuBaba wethu oseZulwini luzoba nomthelela kukukho konke esikwenzayo. Phakathi kokudideka kweminyaka yethu, ukulwa konembeza, kanye nesivunguvungu sokuphila kwansukuzonke, ukholo oluhlalayo luba isizinda ezimpilweni zethu. Khumbula ukuthi ukholo nokungabaza akukwazi ukuba khona engqondweni eyodwa ngesikhathi esisodwa, ngokuba okunye kuzoxosha okunye. Ngigcizelela lokhu ebesikutsheliwe ngokuphindelela—ukuthi uma sifuna ukuthola futhi sigcine ukholo esiludingayo, kubalulekile ukuthi sifunde futhi sicwaninge futhi sicabange ngemibhalo engcwele. Ukukhulumisana noBaba wethu oseZulwini ngomthandazo kubalulekile. Asikwazi ukungazinaki lezi zinto, ngoba ngonya isitha kanye nempi yaso bihlezi bebheka umnkenke ekuzivikeleni kwethu, ulahleko ekwethembekeni kwethu. Kwasho iNkosi,“Funani ngokukhuthala, khulekani njalo, futhi nikholwe,futhi zonke izinto ziyosebenzelana ndawonye kube ngokuhle kinina.”5

Ekugcineni, kumele sibemsulwa, okuchaza ukuthi sihlanzekile emzimbeni, emqondweni, kanye nasemphefumulweni. Siyazi ukuthi umzimba wethu uyithempeli, ozoliphatha ngesizotha nangenhlonipho. Izingqondo zethu kumele zigcwale imicabango eyakhayo kanye nephakamisayo futhi zisuswe kulezo zinto ezingcolile. Ukuze sibe noMoya oNgcwele ongumlingani wethu omileyo, kumele sifaneleke. Bafowethu nodade, ukuhlanzeka kuzosilethela ukuthula emqondweni futhi kuzosenza sifaneleke ukuthola izethembiso zoMsindisi. Wakhuluma, “Futhi babusisiwe bonke abamsulwa enhliziyweni, ngokuba bayombona uNkulunkulu.”6

Njengoba sifakaza ukuba yizibonelo ngezwi, ngengxoxo, ngesihe, ngomoya, ngokholo, kanye nangokuhlanzeka, sifaneleka ukuthi sibe wukukhanya emhlabeni.

Make ngithi kinina nonke, ikakhulukazi kinina bantu abasha, ukuthi njengoba umhlaba unyakaza njalo njalo kude nemigomo kanye nemihlahlandlela esiyinikezwe uBaba oseZulwini othadekayo, sizogqama esixukwini ngoba sehlukile. Sizogqama ngoba sigqoka ngesizotha. Sizokwehluka ngoba asiyisebenzisi inhlamba futhi ngoba asizidli izinto eziyingozi emzimbeni yethu. Sizokwehluka ngoba sizogwema uhleko olunenhlamba kanye nokuphawula okwehlisa isithunzi. Sizokwehluka njengoba sizokwenza isinqumo sokungagcwalisi imiqondo yethu ngokhetho lwezokusakaza olusekelwe ukwehlisa isithunzi futhi lususe uMoya emakhaya ethu kanye nasezimpilweni zethu. Impela sizogqama njengoba sikhetha mayelana nokuziphatha—ukukhetha okuhambiselana nemigomo kanye nomthetho wevangeli. Lezo zinto ezisenza sehluke eningini lomhlaba futhi zisinikeza lokho kukhanya kanye nalowo moya ozokhazimula kulomhlaba oya ngokuya ubamnyama.

Kujwayelekile ukuthi kube nzima ukwehluka kanye nokuma wedwa esixukwini. Kujwayelekile ukwesaba ukuthi abanye bazocabangani noma bazothini. Ayaduduza amazwi ehubo: “INkosi ingukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? iNkosi iyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?”7 Njengoba senza uKristu isikhungo sezimpilo zethu, ukwesaba kwethu kuzosuswa isibindi sezinkolelo zethu.

Impilo ayiphelelisiwe ngisho nakoyedwa wethu, futhi ngesinye isikhathi izinkinga kanye nobunzima esibhekana nakho kungasiqeda amandla, kwenze ukukhanya kwethu kwenciphe. Kepha, ngosizo oluvela kuBaba wethu oseZulwini, oluhambisana nokwesekwa ngabanye, singaphinde sikuthole kukhanya okuzokhanyisa indlela yethu futhi kusinikeze ukukhanya abanye abangakudinga.

Ukuchaza, ngizokwabelana ngamazwi enkondlo ethintayo engaqala ukuyifunda eminiyakeni eminingi edlule:

Ngahlangana nomhambi ebusuku

Osibani sakhe sasesiyekile ukukhazimula.

Ngama ngaphinde ngamvumela akhanyise

Isibani sakhe kwesami.

Isivunguvungu saqala ngokuhamba kwesikhathi

Sashukushumisa umhlaba.

Kwathi imimoya isihambile

Isibani sami sasicishile!

Kodwa umhambi wabuyela kimi—

Isibani sakhe sivutha kahle!

Wabamba ilangabi lakhe

Wakhanyisa elami!8

Bafowethu nodade, amathuba ethu okukhazimula asizungezile zinsuku zonke, kunoma isiphi isimo esizithola sikusona. Njengoba silandela isibonelo soMsindisi, okwethu kuzoba ithuba lokuba wukukhanya ezimpilweni zabanye, noma ngabe amalunga omndeni wethu kanye nabangani, esisebenza nabo, esibaziyo nje, noma umhambi imbala.

Komunye nomunye wenu, ngithi uyindodana noma indodakazi kaBaba wethu oseZulwini. Niqhamuka phambi Kwakhe ukuzohlala lapha emhlabeni okwesikhashana, ukuzobheka uthando nezimfundiso zoMsindisi, kanye nesibindi sokuvumela ukukhanya kwakho kukhazimule ukuze bonke bakubone. Uma leso sikhathi sesiphelile emhlabeni, uma uyenzile indima yakho, isibusiso sakho esikhulu kuzokuba ukuyophindela ukuyohlala kanye Naye ingunaphakade.

Aqinisekisa kanjani amazwi oMsindisi: “Mina ngingukukhanya kwezwe: ongilandelayo akasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”9 Ngaye ngiyafakaza UnguMsindisi kanye noMkhululi wethu; uMehluleli wethu kanye noBaba. Yena unguNkulunkulu wethu futhi singabantu Bakhe.” Unguku“khanya okukhanya ebumnyameni.”10 Kwangathi omunye nomunye wethu ozwa umsindo wezwi lami angathembisa ukuMlandela, sibe ukukhanya okukhazimulayo emhlabeni, umthandazo wami egameni Lakhe elingcwele, ngisho uJesu Kristu iNkosi, ameni.

Shicilela