Ngo-2015
UMoya oNgcwele njengoMlingani Wakho.
Novemba 2015


UMlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uNovemba 2015

UMoya oNgcwele njengoMlingani Wakho.

Singakwazi, uma sefanelekile iyikho, sibe nezibusiso zoMoya ukuthi ube nathi, hhayi nje ngaleso naleso sikhathi kodwa ngaso sonke isikhathi.

Bafowethu kanye nodade abathandekayo, ngiyabonga ukuba kanye nani kulolu suku lweSabatha kwinkomfa yeBandla leNkosi. Sengizwile, njengoba nani nizwile, uMoya, uMoya oNgcwele, ufakazela amazwi eqiniso esiwazwile ekhulunywa futhi eculwa.

Inhloso yami namuhla ukwenyusa isifiso sakho kanye nogqozu lwakho lokufuna isipho esethenjiswe sona sonke emva kokubhabhadiswa. Ngesikhathi sokuqiniswa kwethu sezwa lamazwi: “Amukela uMoya oNgcwele.”1 Kusukela kuleso sikhathi, izimpilo zethu zishintshe njalo njalo.

Singakwazi, uma sifanelekile yikho, ukuba sibe nesibusiso soMoya kithina, hhayi nje ezikhathini ezikhethekile, njengalesi sifundo esimangazaliyo esisitholile namuhla, kodwa ngaso sonke isikhathi. Niyazi emazwini omkhuleko wesidlo ukuthi leso sethembiso sifezeka kanjani: “O Nkulunkulu, Baba waPhakade, siyakucela egameni leNdodana yakho, uJesu Kristu, ukuba ubusise futhi ungcwelise lesi sinkwa emiphefumulweni yabo bonke labo abasamukelayo, ukuze basidle bekhumbula umzimba weNdodana yakho, futhi bekhombisa kuwe, O Nkulunkulu, Baba waPhakade, ukuthi bayavuma ukubizwa ngegama leNdodana yakho, futhi bayikhumbule njalo futhi bagcine imiyalelo yayo ebanikeze yona; ukuze bahlale benoMoya wayo kubo.”

Bese kuza isethembiso senkazimulo: “Ukuze babe noMoya wayo njalo ” (Imf&neZ 20:77; isigcizelelo sengeziwe).

Ukuba noMoya nathi ngasosonke isikhathi ukuba nomhlahlandlela kanye nesiqondiso soMoya oNgcwele ezimpilweni zethu. Singakwazi, ngokwesibonelo, ukwexwayiswa nguMoya ukuba simelane nesilingo sokwenza okubi.

Ngaleso sizathu sodwa, kulula ukubona ukuthi kungani izinceku zeNkosi zizame ukwenyusa isifiso sethu sokukhonza uNkulunkulu emihlanganweni yethu yesidlo. Uma sidla isidlo ngokukholwa, uMoya oNgcwele uzokwazi ke ukusivikela kanye nalabo esibathandayo ezilingweni eziza ngokwenyuka kwamandla kanye nangokuphindaphindiwe

Ubungane boMoya oNgcwele benza okuhle kukhangeke kakhulu bese isilingo siye ngokucindezeleka. Lokho kukodwa nje kumele kusanelise ekusenzeni thina sifaneleke ukuba uMoya ube kanye nathi ngaso sonke isikhathi.

Njengoba noMoya oNgcwele usiqinisa uma silwa okubi, Ungakwazi futhi ukusinika amandla okwehlukanisa iqiniso emangeni. Iqiniso elibalulekile kakhulu liqinisekiswa kuphela isambulo esivela kuNkulunkulu. Isizathu sethu sobuntu kanye nokusentshenziswa kwemizwa yomzimba angeke kuze kwanele. Sihlala esikhathini lapho ngisho ohlakaniphe kakhulu uzocindezelwa ukuba ahlukanise iqiniso kwinkohliso yobuqili.

INkosi yafundisa uMphostoli Wayo uThomase, owayefuna ubufakazi obuphathekayo bokuVuka kwabaFileyo koMsindisi ngokuthinta amanxeba Akhe, leso sambulo siwubufakazi obuphephile: “UJesu wathi kuye, Thomase, ngokuba ungibonile, ukholiwe: babusisiwe abangabonanga, kepha bayakholwa” (uJohane 20:29).

Amaqiniso abeka indlela eya ekhaya kuNkulunkulu aqinisekiswa uMoya oNgcwele. Asikwazi ukuya esixhobweni somuthi sibone uBaba kanye neNdodana bekhuluma noJoseph Smith esemusha. Abukho ubufakazi obuphathekayo noma incazelo enomqondo engasungula ukuthi u-Elijah wafika njengoba kwakuthenjisiwe ukuzoletha izehluthulelo ezibanjiwe manje futhi zisetshenziswa umphrofethi ophilayo, uThomas S. Monson.

Ubufakazi beqiniso buza kwindodana noma indodakazi kaNkulunkulu esezofuna ilungelo lokuthola uMoya oyiNgcwele. Njengoba amanga angethulwa kithina nanganoma yisiphi isikhathi, sidinga umthelela oqinile woMoya weQiniso usikhulule ezikhathini zokungabaza.

Ngesikhathi owelungu loMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi Nambili, uGeorge Q. Cannon enxusa ukuba sihlezi sifuna uMoya ukuba ube nathi. Wathembisa, nami ngiyathembisa ngokunjalo, ukuthi uma silandela indlela, “asisoze saswela ulwazi” lweqiniso, “asisoze sangabaza noma sibe ebumnyameni,” futhi “ukholo lwethu luzoqina, injabulo [yethu … igcwale.”2

Siyaludinga usizo oluqinile oluvela kubungani boMoya oyiNgwele ngesinye isizathu. Ukushona kwalabo esibathandayo kungaqhamuka singalindele. Kuwubufakazi obuvela kuMoya oyiNgcwele bokuqiniseka ngoBaba oseZulwini othandekayo kanye noMsindisi owavuka kwabafileyo okusinikeza ithemba nenduduzo uma sihanjelwe esibathandayo. Lobo bufakazi bumele bube busha uma ukufa kwenzeka.

Ngakho ke, ngezizathu eziningi, siyabudinga ubungane obuqinile bukaMoya oNgwele. Siyabufisa, kodwa siyazi ngezifundo esizitholile ukuthi akukho lula ukukulondoloza. Ngamunye siyacabanga, sisho, futhi senze izinto ezimpilweni zethu zansuku zonke ezingona uMoya. INkosi isifundise ukuthi uMoya oNgcwele uzoba umlingani wethu oqinile uma izinhliziyo zethu zigcwele isihe futhi uma ubumsulwa buhlobisa imicabango yethu ngokungapheliyo (bheka Imf&iziV 121:45).

Kulabo abadonsa kanzima ngomthetho ophakeme odingekayo ukuba ufaneleke ngesipho sobungani noMoya, nginikela ngalesi sikhuthazo. Uke waba nazo izikhathi lapho uzwe umthelela woMoya oNgcwele. Kungahle kwenzeke kuwena namuhla.

Ungaphatha lezo zikhathi zogqozu njengembewu yokholo le u-Alima ayichazile (bheka Alima 32:28). Tshala ngayinye. Ungakwenza lokho ngokuthi wenze lokhu okuzwile ngaphakathi ukuthi kwenze. Ugqozu oluyigugu kakhulu kuyoba ukuthi wena wazi ukuthi uNkulunkulu ufuna wenzeni. Uma kungukukhokha okweshumi noma ukuvakashela umngane ososizini, kuyomele ukwenze. Noma ngabe yini, kwenze. Uma utshengisa ukwehlonipha kwakho ngokuzimisela, uMoya uzokuthumelela eminye imicabango yokuthi yini uNkulunkulu afuna umenzele yona Yena.

Njengoba uhlonipha, imicabango evela kuMoya izoza ijwayeleke, ilokho isondela eduzane ekubeni umlingani oqinile. Amandla akho okukhetha okuhle azonyuka.

Ungakwazi ukwazi uma lemicabango yokwenzela Yena iqhamuka kuMoya noma nje iqhamuka ezifisweni zakho. Uma imicabango ihambiselana nalokhu osekushiwo uMsindisi kanye nabaphrofethi bakhe abaphilayo kanye nabaphostoli, ungakhetha ukwehlonipha ngokuzigqaja. INkosi izothumela uMoya Wayo uhambe nawe.

Ngokwesibonelo, uma uthola umcabango womoya wokuthi hlonipha usuku lweSabatha, ikakhulukazi uma kubukeka kunzima, uNkulunkulu uzothumela uMoya Wakhe ukuba ukusize.

Lolo sizo lwaqhamuka kubaba wami eminyakeni eminingi eyedlule ngesikhathi ethunyelwa e-Australia ngo ko msebenzi. Waye yedwa ngosuku lweSabatha, futhi efuna ukuthatha isidlo. Akakwazanga ukuthola ulwazi ngemihlangano yabaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Waqala wahamba. Wayethandaza kuyo yonke impambana mgwaqo ukwazi ukuthi ajike kuyiphi indawo. Emumva kokuhamba kanye nokujika esikhathini esingangehora, wama ukuba athandaze futhi. Wezwa umcabango wokuthi ajikele kumgwaqo thizeni. Maduzane waqala ukuzwa umculo uqhamuka egunjini elalingezansi kwendlu eyayiseduzane. Wabheka phakathi efasteleni wabona abantu abayidlanzana behlezi eduze kwetafula elimbozwe ngendwangu emhlophe kanye nezigqoko zesidlo.

Manje, lokhu kungabukeka kungasiyo into enkulu kinina, kepha kwakwi yinto emangalisayo kuyena. Wayazi isethembiso somthandazo wesidlo sasifezekile: “Bamkhumbule njalo futhi bagcine imiyalelo yakhe abanikeze yona; ukuze bahlale benoMoya wakhe kubo” (Imf&iziV 20:77).

Lokho bekuyisibonelo sokuqala sesikhathi athandaza ngaso wase enza akutshelwa nguMoya okungukuthi uNkulunkulu ufuna yena enzeni. Wakugcina eminyakeni eyalandela, njenganami nawe sizokwenza. Wayengakhulumi ngokomoya kwakhe. Wagcina eqhubeka enzela iNkosi izinto ezincane awayetshelwe ukuthi azenze.

Noma inini lapho iqembu labaNgcwele Bezisuku zokuGcina lifuna yena akhulume nabo, wayekwenza. Kwakungena nkinga noma abantu babeyi-10 noma bengama-50 noma wayekhathele kangaka nani. Wethula ubufakazi ngoBaba, iNdodana, kanye noMoya oNgcwele kanye neyabaphrofethi nanganoma isiphi isikhathi lapho uMoya umgqugquzela ukuthi makakwenze.

Izibopho zakhe eziphezulu eBandleni zazisesiKhonkwaneni eBonneville e-Utah emkhandlweni ophezulu, lapho ayekhipha khona izidindi epulazini lwesikhonkwane, wayefundisa indima ekilasini leSikole Sonto. Ekuhambeni kwesikhathi, uma ewudinga, uMoya oNgcwele wawu kanye naye njengomlingani.

Ngama eduze kwababa wami egunjini lasesibhedlela. Umama wami, unkosikazi wakhe weminyaka engama-41, elele embhedeni. Kwasekuphele amahora simbhekile. Saqala ukubona imigqa yezinhlingu inyamalala ebusweni bakhe. Iminwe yezandla zakhe, ezazenze izibhakela, zikhululeka. Izingalo zakhe zeza ukuzophumula emaceleni.

Izinhlungu zeminyaka zomdlavuza zaseziphela. Ngabona enokuthula ebusweni bakhe. Waphefumula kancane, wabefuzela, waqeda walala ethule. Sama lapho silindile ukubona ukuthi ukhona yini omunye umoya ozoza.

Ekugcineni, uBaba wathi ngokuthula, “Intombazanyana isibuyele ekhaya.”

Akazange akhale nyembezi. Lokho kwakwenziwa ukuthi uMoya oNgcwele esikhathini esidala esidlulile wawusumnikezile isithombe esicacile sokuthi unkosikazi wakhe ungumuntu onjani, ukuthi uphumaphi, ukuthi uyini, nokuthi uyakuphi. UMoya wawusufakazile kuyena ezikhathini eziningi ngoBaba oseZulwini onothando, ngoMsindisi owaphula amandla okufa, kanye nokuboshwa etempelini kwangempela abelana nakho nonkosikazi wakhe kanye nomndeni.

UMoya wawumuthembisile kudala ukuthi ngokulunga kwakhe kanye nokholo kwakufanelekile ukuthi angabuyela ekhaya lakhe elisezulwini lapho eyakukhunjulwa khona njengengane emangalisayo yesethembiso futhi amukelwe ngodumo.

Kubaba, lokho kwakungaphezulu kwethemba. UMoya oNgcwele wawusukwenze into ekhona kuyena.

Manje, abanye bangathi amazwi kanye nezithombe emqondweni wakhe ngekhaya lasezulwini kwakuwumcabango omuhle, ukwahlulela okunefu kwendoda esikhathini sokulahlekelwa. Kodwa walazi iqiniso laphakade ngendlela okuyiyona okumele silazi ngayo.

Wayengusosayensi owafuna iqiniso ngomhlaba impilo yakhe yonke. Wasebenzisa amathuluzi esayensi kahle waze wathola udumo kulabo ebesebenzisana nabo emhlabeni wonke. Okuningi ayekwenza kwisigaba sesayensi esiphathelene nemithi yemvelo yomhlaba wayekubona ngeso lengqondo yakhe ebona izicucwana zihamba hamba bese avumelane nombono owawusengqondweni yakhe ngezinto ayezenza egunjini lakhe lokusebenza labososayennsi.

Kodwa yena wayelandele indlela ehlukile ukuthola iqiniso elisemqoka kakhulu kuyena kanye nakumunye ngamunye wethu. Yingenxa yoMoya oNgcwele lapho singakwazi khona ukubona abantu kanye nemicimbi ngendlela uNkulunkulu ababona ngayo.

Isipho saqhubeka esibhedlela emumva kokuba unkosikazi wakhe ashone. Sahlanganisa izinto zikamama ukuba siziyise ekhaya. Endleleni eya emotweni ubaba wayema ebonga wonke umhlengikazi kanye nodokotela esasihlangana nabo. Ngiyakhumbula ngangizizwa, nginokwecasuka, ukuthi kumele sihambe sibe sodwa nosizi lwethu.

Ngiyabona manje ukuthi wayebona izinto uMoya oNgcwele kuphela owawungatshengisa zona. Wayebona labo bantu njengezingelosi ezethunyelwe uNkulunkulu ukuba zibheka isithandwa senhliziyo yakhe. Kungaba ukuthi bona bazibona bengochwepheshe bokunakekela ngezempilo, kodwa uBaba wayebabonga ngomsebenzi abawenza egameni loMsindisi.

Umthelela woMoya oNgcwele waqhubeka naye njengoba safika ekhaya labazali bami. Sakhuluma imizuzu embalwa egunjini lokuhlala. Ubaba wazikhulula yena ukuya egunjini lokulala eliseduzane.

Emumva kwemizuzu embalwa, waqhamuka futhi egunjini lokuhlala. Waye nokumamatheka okujabulisayo. Wahamba weza kithina wathi ngokuthula, “Bengikhathazekile ukuthi uMildred uzofikela ezweni lomoya eyedwa. Ngangicabanga ukuthi angazizwa elahlekile esixukwini.”

Wabe esethi ngokuqiniseka, “ngisanda kuthandaza manje. Ngiyazi ukuthi uMildred uzonakekelwa. Umama wami ubekhona ukuzohlangana naye.”

Ngiyakhumbula ngimamatheka emveni kokuba asho njalo, ngicabanga ugogo, imilenze yakhe emifishane ifutha, ejaha esixukwini ukwenza isiqiniseko sokuthi kukhona ozomhlangabeza futhi amukele umakoti wakwakhe njengoba esefikile.

Manje, esinye sezizathu sokuthi ubaba wami acele futhi athola induduzo yingoba wayehlezi ethandaza ngokukholwa kusukela esemncane. Wayesejwayele ukuthola izimpendulo ezaziza enhliziyweni zimnike induduzo kanye nendlela. Ngaphezulu komkhuba wokuthandaza, wayeyazi imibhalo engcwele kanye namazwi abaphrofethi abaphilayo. Ngakho ke waqaphela ukwehleba koMoya okwejwayelekile. Mhlawumbe oseke wakuzwa namuhla.

Ubulingani boMoya kwenza okungaphezulu kokududuza kanye nokutshengisa indlela. Waguqulwa ngeNhlawulo kaJesu Kristu. Uma samukela leso sethembiso sokuhlala sinoMoya kithina njalo, uMsindisi uzosinika ukuhlanzeka okudingakalayo ukuze sithole impilo yaphakade, okuyisipho esikhulu kunazo zonke zikaNkulunkulu (bheka Imf&IziV 14:7).

Uyawakhumbula amazwi oMsindisi: “Manje lona ngumyalelo: Guqukani, nonke mikhawulo yomhlaba, futhi nize kimi nibhabhadiswe egameni lami, ukuze ningcweliswe ngokwamukela uMoya oyiNgcwele, ukuze nime ningenasici phambi kwami ngosuku lokugcina”(3 Nifayi 27:20).

Leyo miyalelo iza nesithembiso esivela eNkosini:

“Manje, ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, beka ithemba lakho kulowo Moya oholela ekwenzeni okuhle—yebo, ekwenzeni ukulunga, ekuhambeni ngokuzithoba, nokwahlulela ngokulunga; futhi nguMoya wami lona.

“Ngiqinisile, ngiqinisile, ngithi kuwe, ngizokwambula kuwe okoMoya wami, oyokhanyisela ingqondo yakho, oyogcwalisa umoya wakho ngenjabulo” (Imf&neziV 11:12-13).

Nginethulela ubufakazi bokuthi uNkulunkulu uBaba uyaphila, ukuthi uJesu Kristu owavuka kwabafileyo uhola iBandla Lakhe, ukuthi uMongameli uThomas S. Monson uphethe izikhiye zonke zobupristi, nokuthi isambulo ngoMoya oNgcwele sisihlahlela indlela futhi sigcine iBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina kanye namalunga alo ezithobileyo.

Ngiyaqhubeka ngiyafakaza ukuthi wonke lamadoda amangalisayo ake akhuluma nathi namuhla njengofakazi beNkosi uJesu Kristu,njengamalunga oMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi naMbili, babizwe uNkulunkulu. Ngiyazi ukuthi uMoya uhole uMongameli uMonson ukuba ababize. Futhi njengoba ubalalele kanye nobufakazi babo, uMoya oNgcwele ubeke isiqiniseko kuwe kulokho abakushilo manje kanye nakulokho engikushoyo kuwe. Babizwe nguNkulunkulu Ngiyabesekela futhi ngiyabathanda futhi ngiyazi ukuthi iNkosi iyabathanda izobasekela emsebenzini wabo. Futhi ngikwenza egameni leNkosi uJesu Kristu, ameni.

Amanothi

  1. Incwadi Yokukhokhela Ibandla 2 Ukuphatha Ibandla (2010), 20.3.10.

  2. Bheka uGeorge Q. Cannon, kwi “UMzuzu kwiQhuqhuthela,” Millennial Star, May 2, 1863, 275-76.

Shicilela