Ngo-2015
Izindlela Zokusiza ngesikhathi sikaKhisimuzi
Disemba 2015


Intsha

Izindlela Zokusiza ngesikhathi sikaKhisimuzi

UMongameli uMonson uzinika isikhathi sokuvakashela asebekhulile kanye nalabo abahlala ezindaweni zokunakekelwa, ikakhulukazi ngesikhathi sikaKhisimusi. Wabona ukuthi kukhona labo abajabulile ngenxa yokuba babevakashelwa, ngenkathi abanye bethembe nje izivakashi ezingakaze zifike. Kunabantu abalinde omunye omuntu—mhlawumbe kuloKhisimusi wena ungaba yilowo muntu.

Lezi ezinye zezindlela ezimbalwa ongasiza ngokuqinisekisa ukuthi akukho muntu ozizwa eyedwa kuloKhisimusi. Khululeka ngokucabanga ezinye izindlela ongasiza ngazo umphakathi wakho ngalesikhathi. “Ingabe ukhona umuntu omele ukuvakashelwa nguwe?”

  • Yenza amakhadi kaKhisimuzi uwathumele kubafundisi bezenkolo kanye nakumalungu ebandla noma igatsha labantu abangashadile kanye nasebekhulile.

  • Zinikele kwinhlangano yomphakathi oseduze nawe.

  • Nikeza abangani kanye nomakhelwane bakho amakhophi eNcwadi kaMomoni njengesipho sikaKhisimusi.

  • Vakashela abantu abadala kwibandla noma kumndeni wakho.

  • Enza izidlo ezimnandi uzihambise koma khelwane bakho.

Shicilela