Umlayezo Wokufundisa Ngokuvakasha, uDisemba 2015
Izibonakaliso Ezingcwele zikaJesu Kristu: Onozwelo kanye Nomusa
Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuqonda impilo kanye nezindima zikaMsindisi kuzokhulisa kanjani ukholo lwakho kuYena futhi kubusise kanjani labo obaqaphile ngokufundisa ngokuvakasha? Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku reliefsociety.lds.org.
“Ezincwadini ezingcwele, uzwelo lusho ukuthi ‘ukuhlupheka nomunye.’ Futhi lusho ukukhombisa ukudabuka, ukuhawukela, futhi nokuxolela omunye.”1
“UJesu usinikeze izibonelo eziningi zokuba nozwelo,” kusho uMongameli Thomas S. uMonson. “Indoda ekhubazekile eduzane namanzi aseBhetesda; owesimame owathathwa ngokuba wayephingile; owesimame endaweni kaJakobe yokukha amanzi; indodakazi kaJariyasi; uLazaro, umfowabo kaMariya kanye noMata—ngakunye kumele ukulimala emgwaqweni uJerikho. Bonke babedinga usizo.
“Kulona owayekhubazekile waseBhetesda, uJesu wathi, ‘Sukuma, uthathe umbhede wakho, uhambe.’ Kulona owesifazane owayeyisoni wathola ukuyalwa, ‘Hamba, futhi ungaphinde wone.’ Ukusiza loyo owayezokha amanzi, Wamunikeza indawo yokukha amanzi ‘ethelela empilweni engunaphakade.’ Kwindodakazi kaJariyasi kwafika umyalo, ‘Ntombazane, Ngithi kuwena, vuka.’ KuLazaro owayephakathi ethuneni, ‘Sondela phambili.’
UMsindisi kade ehlezi ekhombisa uzwelo olukhulu olungapheliyo. … Make sivule umnyango wezinhliziyo zethu, ukuze Loyo—oyisibonelo sozwelo lweqiniso—angangena.”2
Eminye imiBhalo eNgcwele
AmaHubo145:8; uZakhariya 7:9; 1 uPetru 3:8; uMosiya 15:1, 9; 3 uNefi 17:5–7
Kuvela embhalweni Ongcwele
“Mina kanye nomkhwenyana wami saguqa eduzane nendodakazi yethu eneminyaka eyi 17 ubudala sicelela impilo yayo,”kusho uLinda S. Reeves, ikhansela lesibili kubumongameli jikelele kwiNhlangano Yabesimame Yenkululeko. “Impendulo yaba ngu cha, kepha. … sithole ulwazi … lokuthi … [uMsindisi] uzwa uzwelo ngesikhathi sizwa ubuhlungu”3
“Enye yezindaba engizikhonzile zempilo yoMsindisi indaba kaLazaro. Izincwadi ezingcwele ziyasitshela ukuthi ‘ uJesu wayethanda uMata, … udadewabo [kaMariya], kanye [nomfowabo] uLazaro.’”4 Ngesikhathi uLazaro efikelwa ukugula, udaba lathunyelelwa kuJesu, kepha ngesikhathi afika ngaso, uLazaro ubeseshonile. UMariya wagijimela uJesu, wawela phansi ezinyaweni Zakhe , ekhala. Ngesikhathi uJesu ebona uMariya ekhala, “wathukuthela ngokomoya, … wakhala” (Johane 11:33, 35).
“Lokho kuwumsebenzi wethu. Kumele sizwe futhi sizibonele ngokwethu bese sisiza bonke abantwana bakaBaba oseZulwini ukuze sibone futhi sazi ukuthi uMsindisi wethu akathathanga nje izono zethu Kuyena kepha kanye nezinhlungu zethu futhi nokudabuka kwethu kanye nobunzima ukuze Yena azi ukuthi sizizwa kanjani bese ekwazi ukusiduduza.”5
© 2015 ngabakwa Intellectual Reserve, Inc. Wonke Amalungelo agciniwe Kushicilelwe e-USA Isingisi esivunyelwe: 6/15. Ukuhumusha okuvunyiwe: 6/15. Ukuhumusha ko Visiting Teaching Message, December 2015. Zulu. 12592 783