Ngo-2015
Yenza Isikhathi soMsindisi
Disemba 2015


Umlayezo WobuMongameli Bokuqala, uDisemba 2015

Yenza Isikhathi soMsindisi

Esinye isikhathi sikaKhisimusi sesifikile futhi nonyaka omusha ususondele. Kungathi bekuyizolo nje sijabulela ukuzalwa koMsindisi futhi sibeka izinqumo zethu.

Kwezinye zezinqumo zethu zalonyaka, sike saphumelela ukwenza isikhathi ezimpilweni zethu kanye nendawo yoMsindisi ezinhlizweni zethu na? Ngisho kuthiwa sesiphumelele kangakanani kuze kufike manje ngalesosinqumo, nginesiqiniseko sokuthi sonke sifisa ukwenza kanconywana. Kulesikhathi saloKhisimusi isikhathi esihle kakhulu sokubukisisa futhi senzekabusha imizamo yethu.

Ezimpilweni zethu ezimatasatasa, kanye nezinto eziningi ezifuna ukunakwa, kubaluleke kakhulu ukuba senze imizamo enenqondo, sizinikele ukuletha uKristu ezimpilweni zethu kanye nasemakhaya ethu. Futhi kubaluleke kakhulu ukuthi thina, njengaMadoda aHlakaniphile aphuma eMpumalanga, sihlezi sibheke kuphela kwinkanyezi Yakhe futhi “size sizokhonza yena.”1

Kusukela phansi kwizizukulwane esikhathini, umlayezo ophuma kuJesu uhlezi ufana. KuPeter kanye noAndrew osebeni lomfula waseGalile, Wathi, “Ngilandeleni”2 KuFiliphu kweza ubizo oluthi, “Ngilandele”.3 KumaLevite ayehlezi kumasiko kweza umyalo, “Ngilandeleni.”4 Manje kuwena kanye nakimi, uma nje singalalela, kuzoza lesosimemo esinentshisekelo: “Ngilandele.”5

Njengoba silandela ezinyathelweni Zakhe namuhla futhi silandela isibonelo Sakhe, sizoba namathuba okubusisa izimpilo zabanye. UJesu usimema ukuba sizinikele thina uqobo: “Qaphela, iNkosi ifuna inhliziyo kanye nengqondo efisayo.”6

Ingabe kukhona umuntu okumele umsize kuloKhisimusi na? Ingabe kukhona umuntu omele ukuvakashelwa nguwe?

Eminyakeni edlulileyo ngoKhisimusi ngavakashela ikhaya lomfelokazi owayesekhulile. Ngenkathi ngilapho, kwakhala umsindo emnyango. Lapho emnyango kwakume umlaphi owayematasa kakhulu futhi ebukeka elungile. Wayengabiziwe; kepha, wayezwe ugqozu lokuba aze ukuzovakashela isiguli esisele sisodwa.

Ngalesikhathi sonyaka, izinhliziyo zalabo ababophekile ziyamemeza futhi zifisa ukuvakashelwa ngoKhisimuzi. Ngomunye uKhisimusi ngesikhathii ngivakashele indawo yokunakekela, ngahlala phansi ngakhuluma kanye namakhosikazi amahlanu akhulile, owaye mdala kunabo bonke wayeneminyaka eyi101. Wayengaboni, kepha wakwazi ukuzwa izwi lami.

“Bhishophu, awuzange wafika ngesikhathi kulo nyaka!” wakhuluma. “Bengicabanga ukuthi ngeke uze ufike.”

Saba nesikhathi esimnandi kakhulu sindawonye. Esinye isiguli, kusenjalo, sasibheke ngaphandle kwefasitela futhi siphindaphinda,“Ngiyazi ukuthi umfana wami uzoza ukuzongibona namuhla.” Ngacabanga ukuthi uzoza ngempela yini na, ngoba kwakunezinye izikhathi zikaKhisimusi lapho angazange ashaya nocingo.

Kunesikhathi kulonyaka sokuba usize omunye, ukhombise inhliziyo yothando, kanye nomoya ofisayo—ngamanye amazwi, ukuba silandela isibonelo esenziwa nguMsindisi wethu futhi sisize ngendlela Naye afisa sisize ngayo Njengoba sisiza Yena, ngeke sahlukana kanye nethuba lethu, njengoba ababe gcinile bakudala benza njalo,7 ukwenza isikhathi Sakhe ezimpilweni zethu futhi sibeke indawo Yakhe ezinhliziyweni zethu.

Singakwazi ukuzwisisa ubukhulu besithembiso esiqukethwe kulomlayezo wengelosi esanikezwa umelusi ohlala endle: “Nginilethela izindaba ezimnandi nenjabulo enkulu. … Kini kuzelwe namuhla … uMsindisi, loyo unguKristu iNkosi”?8

Njengoba siphana izipho ngoKhisimuzi, sengathi singakhumbula, simbonge, futhi sithole leso sipho esikhulu kunazo zonke izipho—isipho soMsindisi wethu kanye noMkhululi wethu, ukuze sithole impilo yangunaphakade.

“Uzuzani umuntu uma ebekelwe isipho, kepha angasitholi lesosipho? Qaphela, yena akajabuli kulokho anikezwa kona, futhi nakuloyo ongumuphi wesipho akajabuli.”9

Make silandele Yena, simsebenzele, simhloniphe, futhi samukele isipho Sakhe ezimpilweni zethu, ukuze sibe, ngamazwi kababa uLehi, “sizungezwe ingunaphakade ngezandla zakhe ezinothando.”10

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

UMongameli uMonson usitshela ukuthi “senze umzamo onengqondo, sizimisele nokuletha uKristu ezimpilweni zethu kanye nasemakhaya ethu.” Cabanga ngokuxoxisana kanye nalabo obavakashelayo ukuba bangenza kanjani ukwenza lomzamo onengqondo ngamunye futhi bawenze njengomndeni. Ungacabanga ngokubabuza ukuba bacabange ngomuntu othize noma umndeni lowo abangawuvakashela noma bawusize kuloKhisimusi. “Isikhathi sisekhona kulonyaka ukuba usize umuntu, inhliziyo enothando, kanye nomoya ovumayo.”

Shicilela