Ngo-2016
ISisekelo sobuFakazi Bami
Februwari 2016


Intsha

ISisekelo sobuFakazi Bami

Umbhali uhlala e-Idaho, USA.

Ngineminyaka eyi-16, umngani wafika ekhaya lethu ehamba nezithunywa zevangeli. Esikhathini esingangenyanga engxoxweni yokuqala yonke imibuzo yami yaphenduleka ngokucacile. Ngawuzwa uMoya oNgcwele ufakaza ngeqiniso lomlayezo wokuBuyisela. Kwakungafani nokunye engake ngakuzwa, futhi ngangazi ukuthi konke kuyiqiniso.

Nokho, ngahlangabezana nokukhulu ukwaliwa kanye nokuphikiswa engingakaze ngihlangabezane nakho ngaphambilini. Ngazizwa ngingedwa, ngikhathele, futhi ngididekile. Uma ngangenza into enhle, kungani ngangihlangabezana nobunzima obungaka? Angikwazanga ukuqonda ukuthi izilingo zami zingisiza kanjani ukubona okuhle. Izithunywa zevangeli zangifundisa ukuzila ukudla kanye nokuthandaza, ngisho phakathi osukwini lwesikole. Uma izinto zazingabekezeleki ngangithela inhliziyo yami futhi ngokushesha ngizwe induduzo yoMoya.

Isonto lokubhabhadiswa kwami lwalugcwele izilingo Umphathi wami wangisongela ngokuthi uzongixosha uma ngingeqi usuku lwami lokubhabhadiswa ngiyogcwalisa isikhala somunye, ngagcina esibhedlela nginesifo sezinso, futhi abazali bami bangicela ukuthi ngihambe ekhaya lethu. Kulezi zinto ezingaka ezingalawuleki, into eyodwa angangingayenza kwakungu kuphundukela eNkosini.

Ngazinye lezi zilingo zaphenduka zaba usizo kumina. Bangisiza ngafunda ngezimfundiso zevangeli, ezanginika isisekelo sobufakazi bami

Shicilela