Ngo-2016
Ukwehlika ngokuPhepha eSiyaluyalwini
Februwari 2016


UMlayezo wobuMongameli bokuQala, uFebruwari 2016

uKwehlika ngokuPhepha eSiyaluyalwini

Isithombe
UMongameli uDieter F. Uchtdorf

Esikhathini esingekude kakhulu mina kanye nonkosikazi wami, uHarriet, sasisesikhunyulweni sezindiza sibuka izindiza ezimangalisayo zehla. Kwakungusuku olwalunomoya, futhi kwakungumoya ovunguza kakhulu ubhekane nendiza eqhamukayo, owenza wonke umuntu ukuthi aketuke futhi aqhaqhazele ekuqhamukeni kwawo.

Sathi sisawubuka lomzabalazo phakathi kwemvelo kanye nomshini, umqondo wami wabuyela ezinsukwini ngisafundela ukundizisa kanye nasezimisweni engazifunda khona—okwathi ngokuhamba kwesikhathi ngazifundisa abanye abashayeli bezindiza ababesafunda.

Ngangibatshela “Ningalwi nezilawuli esikhathini sesiyaluyalu,” “Yehlisa umoya; ungathathi ngamawala. Amehlo akho mawagxile emugqeni ophakathi nendawo endaweni yokwehlela. Uma uchezuka endaweni ofisa ukuqhamukela kuyona, lungisa ngokushesha futhi nangobuchwepheshe. Thembela kulokhu okungezeka kwindiza yakho. Shayela uphume esiyaluyalwini.”

Abashayeli bezindiza abanespiliyoni bayakuqonda ukuthi abakwazi ukulawula izinto ezenzeka eduze kwabo ngasosonke isikhathi. Abakwazi ukuvele bacishe isiyaluyalu. Abakwazi ukunyamalalisa imvula noma iqhwa. Abakwazi ukwenza umoya uyeke ukubhebhetheka noma ushintshe indlela obheke kuyona.

Kodwa futhi bayakuqonda ukuthi kuyiphutha ukusaba isiyaluyalu noma umoya onamandla—futhi ikakhulukazi ukuthi bakhutshazwe iyona imimoya. Indlela yokwehlela ngokuphela uma izimo zezulu zibukeka zingezinhle ukuthi uhlale endleleni elungile futhi ushishilize kuleyondlela ngendlela okwazi ukwenza ngayo kahle hle.

Njengoba ngangibuka enye yezindiza emuva kokuba enye isondela okokugcina yavele yangikhumbuza imigomo engayifunda eminyakeni yami ngingumshayeli wezindiza, ngacabanga ukuthi asikho yini isifundo kulokhu ezimpilweni zethu zansukuzonke.

Asikwazi ukunqanda izivunguvungu impilo eziletha endleleni yethu ngazo zonke izikhathi. Ngesinye isikhathi izinto azihambi ngendlela esiyifisayo. Singazizwa sinyakazisekile futhi siphephukele ngakusona isiyaluyalu sokuphoxeka, sokungabaza, sokwesaba, sokudabuka, noma sokucindezeleka.

Kulezo zikhathi, kulula ukuthi ugxile kuyo yonke into engahabi kahle futhi senze izinkinga zethu isikhungo semicabango yethu. Isilingo ukuthi sigxile kwizinkinga esibhekene nazo esikhundleni sokuthi sigxile kuMsindisi kanye nasebufakazini bethu beqiniso.

Kodwa lokhu akusiyona indlela enhle kakhulu yokuthi siqondise indlela phakathi kwezinkinga zethu empilweni.

Njengoba umshayeli wezindiza onesipiliyoni engagxili esivunguvungwini kodwa egxila esikhungweni sendlela evulekile nasekuthinteni phansi ngendlela okuyikho, nathi ke kumele sigxile esikhungweni sokholo lwethu—kuMsindisi wethu, kwivangeli Lakhe, kanye nakwicebo likaBaba wethu oseZulwini—kanye nasempokophelweni yethu yokugcina—ukubuyela siphephile ekhaya lethu lasezulwini. Kumele sethembe uNkulunkulu futhi sigxilise imizamo yethu ukuhlaleni endleleni yobufundi. Kumele sigcine amehlo ethu, inhliziyo, kanye nengqondo igxile ekuphileni ngendlela esaziyo ukuthi kumele siphile ngayo.

Ukutshengisa ukholo lwethu kanye nethemba kuBaba oseZulwini ngokuthi sigcine imiyalelo Yakhe ngokwejabula kuzosilethela injabulo kanye nodumo. Futhi uma sihlala endleleni, sizodlula kunanoma isiphi isiyaluyalu—ngisho kungathiwa sibukeka sinamandla kangakanani—futhi siphindele ngokuphepha ekhaya lethu elisezulwini.

Noma izibhakabhaka eduze kwethu ziqhame ngokusobala noma zigcwele amafu asongelene, njengabafundi bakaJesu Kristu, sifuna kuqala umbuso kaNkulunkulu kanye nokulunga Kwakhe,ukwazi ukuthi uma senzenjalo, yonke enye into esiyidingayo sizonikezwa ekugcineni (bheka Matewu 6:33).

Kwaze kwayisifundo esibalulekile sempilo!

Uma siqhubeka ukulokhu sinaka ubunzima bethu, izinkinga zethu, ukungabaza kwethu, kanye nokwesaba kwethu, ilapho izinto ziqhubeka ziba nzima kakhulu. Kodwa uma sigxila ekufinyeleleni ekhaya lethu ezulwini kanye nakwintokozo yokwelandela indlela yabafundi—ukwethanda uNkulunkulu, ukusiza umakhelwane wethu—ilapho sinethuba khona lokuthi siphumelele ekudluleni ezikhathini ezinzima futhi ezinobuyaluyalu.

Bangani abathandekayo, ngisho kuthiwa imimoya inodlame kangakanani ekuphileni kwethu lapha emhlabeni, ivangeli likaJesu Kristu liyohlezi lisinika indlela okwiyona yona ephephile yokufika embusweni kaBaba wethu oseZulwini.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

UMongameli u-Uchtdorf uyasibonisa ukuthi kumele “sethembe uNkulunkulu futhi sigxilise imizamo yethu ekuhlaleni endleleni yobufundi.” Cabaga ngokubuza labo obafundisayo ukuthi bahlale kanjani ngaphambilii begxile “ekufinyeleleni ekhaya lethu ezulwini kanye nakwintokozo yokwelandela indlela yabafundi” ezikhathini lapho bebhekene nobunzima. Ungabamema ukuthi bacabange izindlela ezingabenza bagxila kubufakazi kanye nakuKristu izikhathini ezinzima kuthi ngomkhuleko banqume ukuthi bazoqala kanjani ukwenza owodwa noma engaphezudlwana okwalemibono ezimpilweni zabo.

Shicilela