Ngo-2016
UMshado uMiswe uNkulunkulu
Februwari 2016


UMlayezo wokuFundisa ngokuVakasha, uFebruwari 2016

UMshado uMiswe uNkulunkulu

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ngalokho ongabelana ngakho. Ukuqonda “uMndeni: IsiMemezelo soMhlaba” kungalunyusa kanjani ukholo kuNkulunkulu futhi kubabusise kanjani labo obabhekile ngokubavakashela na? Ukuthola ulwazi oluningi ngalokhu, iya ku reliefsociety.lds.org.

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

Abaphrofethi, abaphostoli, kanye nabaholi bayaqhubeka uku “memezela ngesizotha ukuthi umshado phakathi kwendoda nomfazi umiswe uNkulunkulu nokuthi futhi umndeni isiseko kwicebo loMdali.”1

IGosa uD. Todd Christofferson woMgwamanda wabaPhostoli abayiShumi Nambili wathi: “Umndeni owakhelwe emshadweni phakathi kowesilisa nowesifazane unikeza indawo enhle kakhulu yokuqhubekisa icebo likaNkulunkulu. …

“ … Noyedwa kuthina noma komunye la emhlabeni ongashintsha lolu hlelo lwaphezulu lomshado.”2

uBonnie L. Oscarson, umongameli jikelele Wentsha yabeSifazane, wathi: “Wonke umuntu, ngisho kuthiwa sinjani isimo sakhe somshado noma inani lezingane, angaba ngumvikeli wecebo leNkosi njengoba libhaliwe kwisimemezelo somndeni. Uma kuyicebo lweNkosi, kumele kube yicebo lethu imbala!”3

IGosa uChristofferson waqhubeka: “Abanye benu banqatshelwe isibusiso somshado ngezizathu ezimbalwa njengokuswela umlingani okufaneleyo, ukuthadana kwabantu bobulili bunye, ukuphazamiseka ngokomzimba noma ngokomqondo, noma nje kube ukwesaba ukwehluleka. … Noma uke washada, kodwa umshado waphela. … Abanye benu abashadile abakwazi ukuba nabantwana. …

“Ngisho kunjalo,… wonke umuntu angakwazi ukuhlanganyela ekuqaqeni kwalelicebo laphezulu esizukulwaneni ngasinye.”4

Eminye imiBhalo eNgcwele

Genesisi 2:18–24; 1 AbaseKhorinte 11:11; Imfundiso neZivumelwano 25:3; 49:15–17

Izindaba eziPhilayo

Umfo uLarry M. Gibson, umeluleki wokuqala wangaphambilini weNtsha yabeSilisa, wakhumbula ngesikhathi uShirley, ongunkosikazi wakhe manje, ethi:

“‘Ngiyakuthanda ngoba ngiyazi ukuthi uthanda iNkosi ngaphezulu kokuthanda mina.’ …

“Leyo mpendulo yathusa inhliziyo yami. …

“… [Futhi] ngangifuna ukuthi ehlezi ezwa ukuthi ngithanda iNkosi ngaphezu kwakho konke okunye.”5

IGosa uDavid A. Bednar lomGwamanda wabaPhostoli abaliShumi Nambili wafundisa: “INkosi uJesu Kristu uyindawo ebalulekile kubudlelwano bomshado wesithembiso. … [Cabanga ukuthi] uMsindisi ubekwe esicongweni [so] nxantathu, nowesifazane esizindeni sekhona elilodwa kanye nowesilisa kwisizinda selinye ikhona. Manje cabanga ngalokhu kwenzakalani kubudlelwano phakathi kowesilisa nowesifazane uma ngamunye kancane ‘eza kuKristu’ futhi bezama ‘ukupheleliswa kuYena’ (Moroni 10:32). Ngenxa futhi ngaphakathi kuMkhululi, owesilisa nowesifazane bayasondelana ndawonye.”6

Amanothi

  1. “Umndeni: IsiMemezelo kuMhlaba Wonke,” Liahona, Okt. 2010, 129.

  2. uD. Todd Christofferson, “Kungani uMshado, Kungani uMndeni,” Liahona, Meyi 2015, 52.

  3. UBonnie L. Oscarson, “abaVikeli besiMemezelp soMndeni,” Liahona, Meyi 2015,15

  4. UD.Todd Christofferson, “Kungani uMshado, Kungani uMndeni,” 52.

  5. ULarry M. Gibson, “ukuGcwalisa ubuPhakade Bethu baPhezulu,” Ensign, Feb. 2015, 21-22.

  6. uDavid A. Bednar, “uMshado uBalulekile kwiCebo Lakhe lwaPhakade,” Liahona, Juni 2006, 54.

Cabanga Ngalokhu

Ngizama kanjani mina futhi kancane u“kuza kuKristu”?

Shicilela