Ngo-2016
Badalwe ngoMfanekiso kaNkulunkulu.
Mashi 2016


Umlayezo Ofundiswa Ngokuvakashelana, uMashi 2016

Badalwe ngoMfanekiso kaNkulunkulu.

Ngomkhuleko funda lemibhalo futhi ufune ukwazi ukuthi yikuphi ongafundisa ngakho. Ukwazi kwakho “Umndeni: Isimemezelo eMhlabeni Wonke” kungalukhulisa kanjani ukholo lwakho kuNkulunkulu futhi kubusise labo obabhekile ngokubafundisa ngokubavakashela na? Ukuze uthole ulwazi oluningi ngalokhu, vakashela ku reliefsociety.lds.org.

Isithombe
Uphawu LweNhlangano Yabesimame Yensizakalo

Ukholo, Umndeni, Insizakalo

“UNkulunkulu wathi, Masenze umuntu ngomfanekiso wethu, afane nathi. …

“UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe, wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.” (uGenesis 1:26–27).

UNkulunkulu unguBaba wethu waseZulwini, futhi usidale ngomfanekiso Wakhe. Ngaleliqiniso uMongameli uThomas S. Monson wathi: “UNkulunkulu uBaba wethu unezindlebe zokuzwa imithandazo yethu. Unamehlo okubona izenzo zethu. Unomlomo wokukhuluma kithi. Unenhliziyo yokuzwela kanye nokuthanda. Ukhona ngempela. Uyaphila. Singabantwana bakhe abadalwe ngomfanekiso wakhe. Sifana Naye futhi Naye ufana nathi.”1

“Abangcwele beziNsuku zokuGcina babona wonke umuntu njengabantwana bakaNkulunkulu njengoba lokho kunjalo ngempela; bambona wonke umuntu njengovela kuNkulunkulu”2 Omunye nomunye uyindodana nendodakazi yomoya ethandekayo yabazali basezulwini.”3

“[Umprofethi] uJoseph Smith waphinde wafunda ukuthi uNkulunkulu ufisa abantwana Bakhe ukuba bathole ukuphakanyiswa okufanayo nalokho Naye akutholile.”4 Njengoba uNkulunkulu eshilo wathi, “Ngokuba bheka, lokhu kungumsebenzi wami nenkazimulo yami, ukufeza ukungafi nokuphila okuphakade komuntu” (uMose 1:39).

Eminye imiBhalo eNgcwele

uGenesisi 1:26–27; 1 AbaseKhorinte 3:17; IMfundiso neziVumelwano 130:1

Okuvela Emibhalweni Engcwele

Umfowabo Jarede eNcwadini kaMormoni wafuna indlela yokukhanyisa izikebhe eziyisishiyagalombili ezazakhelwe ukuthwala amaJaredi ukuba bawele umfula ukuze bafike ezweni lesithembiso. “Wancibilikisa amatshe amancane ayishumi nesithupha edwaleni” futhi wathandaza ukuthi UNkulunkulu “athinte lamatshe” ngomunwe Wakhe “ukuze abakhanyisele ebumyameni.” uNkulunkulu “walula isandla sakhe futhi wawathinta amatshe ngalinye.” Isisitho sasuswa emehlweni omfowabo kaJarede, futhi wabona umunwe weNkosi; futhi wawunjengomunwe womuntu. …

“Futhi iNkosi yathi kuyena: Uzowakholwa yini amazwi engizowakhuluma na?

“Futhi waphendula wathi: Yebo Nkosi.”

Futhi “INkosi yaziveza [kumfowabo kaJarede]” yase ithi, “Uyabona ukuthi udalwe ngomfanekiso wami na? Yebo, ngisho bonke abantu badalwa ekuqaleni ngomfanekiso wami. (Bheka-Etere 3:1–17)

Amanothi

  1. uThomas S. Monson, “I Know That My Redeemer Lives,” in Conference Report, Apr. 1966, 63.

  2. Gospel Topics, “Becoming Like God,” topics.lds.org; bona futhi uMose 7:31–37.

  3. “Umndeni: IsiMemezelo eMhlabeni Wonke,” Liyahona, Novemba 2010, 129.

  4. Gospel Topics, “Becoming Like God,” topics.lds.org; bona futhi Ukufundisa kwaboMongameli beBandla: uJoseph Smith (2007), 221.

Ake Ucabange Ngalokhu

Uyazi ukuthi wonke umuntu udalwe ngomfanekiso kaNkulunkulu kusisiza kanjani uma sihlangene nabanye abantu na?

Shicilela