Ngo-2016
Funda Kimi
Mashi 2016


Umlayezo wobuMongameli BokuQala, uMashi 2016

“Funda Kimi”

EBandleni likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina, sonke singabafundisi futhi sonke singabafundi. Kuwo wonke umuntu kufika isimemo esimnene esivela eNkosini: “Funda kimi… futhi uzothola ukuthula emphefumulweni wakho.”1

Ngimema bonke abaNgcwele bezinsuku zokugcina ukuba badlinze ngemizamo yabo yokufundisa nokufunda futhi babuke kuMsindisi oyisiBonelo ekwenzeni lokho. Siyazi ukuthi “lothisha ovela kuNkulunkulu”2 wayengaphezulu kokuba uthisha. Loyo owasifundisa ukuba sithande iNkosi uNkulunkulu wethu ngezinhliziyo zethu zonke, ngemiphefumulo yethu yonke, ngamandla ethu onke, futhi nangemigqondo yethu yonke, futhi nokuthi sithande umakhelwane wethu njengoba sizithanda thina, unguThisha Omkhulu kanye neSibonelo sempilo elungile.

Nguye owathi: “Woza, ngilandele”3 “Ngikwenzele isibonelo.”4

Ngaphandle Kokuthi Niguquke

uJesu wafundisa iqiniso elilula kodwa elijulileyo njengoba libhaliwe kuMathewu Emva kokuba Yena kanye nabafundi Bakhe sebehlile Entabeni yokuGuqulwa, baphumula eGalilee base behamba beya eCapernaum. Lapho abafundi beza kuJesu, bembuza bethi:

“Ubani omkhulu embusweni wasezulwini na?

“uJesu wase ebiza ingane encane, wayihlalisa ngaphambi kwabo,

“Wasethi, Ngiqinisile ngithi kinina, Ngaphandle kokuba niguquke, futhi nibe njengezingane ezisencane, anisoze nangena embusweni wezulu.”5

Ebandleni, injongo yokufundisa ivangeli akukona ukufaka ulwazi ezingqondweni zabantwana bakaNkulunkulu, noma ekhaya, ekilasini, noma kushunyayelwa ivangeli. Akukona ukukhombisa ukuthi umzali, uthisha, noma umfundisi wazi kangakanani. Futhi akuyona injongo ukukhulisa ulwazi ngoMsindisi nangeBandla.

Injongo yokufundisa ukusiza amadodana kanye namadodakazi kaBaba oseZulwini ukuba abuyele Kuye futhi bathokozele impilo yaphakade Naye. Ukufeza lokhu, kumele ukufundisa ngevangeli kubakhuthaze ukuba bahlale endleleni yansuku zonke yokuba yikholwa kanye neyezivumelwano ezingcwele. Injongo wukukhuthaza umuntu ukuba akwazi ukucabanga, ezwe, futhi bese enza okuthize ngokuphila imithetho yevangeli. Injongo ukuba sibe nokholo eNkosini uJesu Kristu futhi siguqukele evangelini Lakhe.

Ukufundisa okubusisayo nokuguqulayo nokusindisayo kungukufundisa okuhambisana nesibonelo sikaMsindisi. Abafundisi abenza njengoMsindisi banothando futhi bayabasebenzela labo ababafundisayo. Bakhuthaza labo ababa lalele ngezifundo zaphakade zeqiniso elivela kuNkulunkulu. Baphila izimpilo ezifanele ukuba zilandelwe.

Thanda futhi usebenzele omunye

Ubufundisi bonke bukaMsindisi babuyisibonelo sothando lukamakhelwane. Nangempela, Uthando kanye nokusebenza Kwakhe kwakuhlezi njalo kwakuyisifundo Sakhe. Ngokufanayo, othisha engibakhumbulayo kakhulu yilabo abebebazi, bebathanda, futhi bebanakekela labo abebebafundisa. Babefuna ukuthola imvu elahlekileyo. Babefundisa izifundo zempilo engizohlala njalo ngizikhumbula.

Omunye walabothisha kwakungu Lucy Gertsch. Wayebazi bonke abafundi bakhe. Ngokungakhathali wayevakashela labo ababengakwazanga ukuphumelela ngeSonto, noma labo ababengakwazanga ukuza nhlobo. Sasazi ukuthi wayesikhathalele. Akekho kithi owamkhohlwa noma izifundo asifundisa zona.

Emva kweminyaka eminingi kamuva, mhlazane uLucy esondela ekupheleni kwempilo yakhe, ngamvakashela. Sasikhumbula lezo zinsuku ngaphambilini, ngenkathi wayenguthisha wethu. Sakhuluma ngelungu ngalinye elalisekilasini lethu futhi sixoxa ngokuthi omunye nomunye wenzani njengamanje. Uthando lwakhe kanye nokunakelela kwakhe kwathatha isikhathi sonke sempilo yakhe.

Ngiyawuthanda umthetho weNkosi otholakala kwiMfundiso neziVumelwano

“Ngini nika umyalelo wokuthi nifundisane imfundiso yombuso.

“Fundisani ngokukhuthala futhi umusa wami uzoba nani”6

uLucy Gertsch wafundisa ngokuzinikela ngoba wayethanda ngokungakhathali.

Nika iThemba neQiniso

uMpostoli uPetru wathi, “ Hlalani nilungele ukubaphendula bonke abanibuza ngesizathu sokuba nethemba elikini.”7

Mhlawumbe ithemba elikhulu uthisha angalinikeza, ithemba elitholakala eqinisweni levangeli likaJesu Kristu.

Futhi yini lena enizoyethemba na? Kwabuza uMormoni. “Bhekani ngithi kini niyoba nethemba ngenhlawulo kaKristu kanye nangamandla okuvuka kwakhe, ukuthi nivuselwe ekuphileni okuphakade, futhi lokhu kuyoba ngenxa yokholo lwenu kuye njengo kwesethembiso.”8

Bothisha, phakamisani amazwi enu futhi nifakaze ngobuqiniso bobuNkulunkulu. Fakazani ngeNcwadi kaMormoni. Khulumani ngamaqiniso ababazekayo futhi namahle akulo isu lensindiso. Sebenzisani izincwadi ezigunyaziwe zeBandla ikakhulukazi imibhalo engcwele, ukuba nifundise ngamaqiniso evangeli elibuyisiwe likaJesu Kristu amsulwa futhi acacile. Khumbula umyalezo woMsindisi wokuthi “hlolani imibhalo engcwele; ngokuba nithi ninokuphila okuphakade kuyo: futhi yiyona efakaza ngami.”9

Siza abantwana bakaNkulunkulu ukuba bazwisise lokho okuyiqiniso futhi okubalulekileyo kulempilo. Basize babe namandla okuba bakhethe izindlela ezizobagcina bephephile endleleni eya empilweni yaphakade.

Fundisa iqiniso, futhi uMoya oNgcwele uzokusiza emizamweni yakho.

“Funda Kimi”

Ngenxa yokuthi uJesu Kristu wayelalela ngokuphelele futhi ezithobile kuYise, “Wakhula ngokuhlakanipha nasekukhuleni, nasemseni kuNkulunkulu nakubantu”10 Ngabe sizimisele ukwenza njalo na? Njengoba uJesu “wathola umusa ngomusa”11 kufanele sifune ukukhanya kanye nolwazi kuNkulunkulu ngokubekezela nangokungakhathali emizamweni yethu yokufunda ivangeli.

Ukulalela kuyingxenye ebaluleke kakhulu yokufunda. Ngenkathi sizilungiselela ukufundiswa, ngomkhuleko sifuna ukuqinisa okuvela kuMoya oNgcwele. Siyadlinza, sithandaze, senze lokho esikufunda evangelini, futhi sifune intando kaBaba kithina.12

uJesu “wafundisa … izinto eziningi ngemizekelo,”13 okudinga izindlebe zokulalela, amehlo okubona, kanye nezinhliziyo zokuzwisisa. Uma siphila ngokufanelekile, singakwazi ukuzwa izwi elinyenyezayo loMoya oNgcwele, ongasifundisa, zonke izinto, futhi “asikhumbuze zonke izinto.”14

Uma silalela isimemo esimnene esivela eNkosini esithi, “Funda kimi,” nathi sithola amandla avela Kuye. Ngakho-ke, masiqhubeke nokulalela, silandele oyisiBonela kithi ngokufundisa njengoba efuna sifundise futhi sifunde njengoba efuna sifunde .

Imfundiso Evela kuloMlayezo

uMongameli uMonson usimema ukuthi “sindlinze ngemizamo [yethu] yokufunda nokufundisa futhi sibuke kuMsindisi oyisiBonelo ekwenzeni lokho.” Mhlawumbe ungathanda ukucinga imibhalo engcwele kanye nalabo obavakashelayo ukuba nithole ulwazi ngezindlela uJesu Kristu ayenfundisa futhi efunda ngazo. Ungaqala ngemibhalo engcwele uMongameli uMonson akhulume ngayo, njengo uMathewu11:29, uJohane5:30, kanye noMarku4:2. Ungakhuluma ngokuthi lokho okufundile ngoKristu kungakusiza kanjani ukuthi “ube namandla avela Kuye.”

Shicilela