Ngo-2016
UBaba Wethu, UMeluleki Wethu
Juni 2016


UMlayezo WobuMongameli Bokuqala, uJuni 2016

UBaba Wethu, UMeluleki Wethu

Wake wavula ibhokisi lezingxenye, wakhipha iphepha elikutshela ukuthi zihlanganiswa kanjani, futhi wase ucabanga ukuthi “Lokhu akunikezi umqondo ophelele ngempela”?

Kwesinye isikhathi, ngaphandle kwezimiso zethu ezinhle kanye nokuzithemba kwangaphakathi, sikhipha ingxenye bese sibuza umbuzo, “Okwani lokhu?” noma, “Kuhlangana kanjani lokhu?”

Ukuphatheka kabi kwethu kuyakhula uma sibuka ebhokisini futhi sibona ukuzidela ukuthi,“Ukuhlanganisa ndawonye kudinga—iminyaka eyi-8 ukuya phezulu.” Ngoba asikabi nalo ulwazi, lokho akuphakamisi ukuzethemba kwethu.

Ngesinye isikhathi sithola isifundo esifanayo mayelana nevangeli. Uma sibuka enye ingxenye yayo, singazinwaya ikhanda futhi sicabange ukuthi eyani le enye ingxenye. Noma uma sihlolisisa enye ingxenye, singathola ukuthi emva kokuzama kanzima ukuba siqondisise nokugcwele, asikwazi ukubona ukuthi kungani leyo ngxenye yafakwa.

UBaba Wethu oseZulwini UMeluleki Wethu

Ngenhlanhla, uBaba wethu oseZulwini usinikeze imiyalezo emihle yokwakha izimpilo zethu kanye nokuthi sihlanganise izimpilo zethu ukuba zibengcono kangcono. Leyo miyalezo iyasebenza ngaphandle kwezimo noma iminyaka yethu. Usinikeze ivangeli kanye neBandla likaJesu Kristu. Usinikeze uhlelo lokuguquka, uhlelo lwensindiso, futhi nohlelo lwenjabulo. Akasishiyile sodwa nezinto esingenaso isiqiniseko sazo noma izinkinga zempilo, ethi “Nakhu zibonele. Ngikufisela inhlanhla. Zibonele ngokwakho.”

Uma nje singabekezela futhi sibuke ngenhliziyo ezithobileyo kanye nomqondo ovulekile, sizothola ukuthi uNkulunkulu usinikeze amathuluzi wokuba sikwazi ukuqonda kahle imiyalelo Yakhe ezwakalayo ukuze sithole injabulo ezimpilweni zethu.

  • Usinikeze isipho esiyigugu soMoya oNgcwele, esinamandla okuba umfundisi wethu wasezulwini njengoba sifunda izwi likaNkulunkulu futhi sizama ukuletha imicabango yethu kanye nezenzo ukuba zihambisanei kanye nezwi Lakhe

  • Usinikeze 24/7 wokuba singenelele Kuye ngokuthandaza ngokukholwa kanye nokunxusa okunenhloso yangempela.

  • Usinikeze abapostoli kanye nabaprofethi bezinsuku zamanje, abasilethela izwi likaNkulunkulu ezinsukwini zethu futhi abanegunya lokuhlanganisa noma bavale emhlabeni kanye nasezulwini.

  • Ubuyise iBandla Lakhe—inhlangano yabakholwayo abasebenza ndawonye ukusiza omunye nomunye njengoba besebenzela insindiso yabo ngokwesaba, ngokuqhaqhazela, kanye nenjabulo engenakulinganiswa.1

  • Usinikeze izincwadi ezingcwele—Izwi Lakhe elibhaliwe thina.

  • Usinikeze amathulisi ayinqwaba kwezobuchwepheshe ukusisiza ohambweni lwethu lobufundi. Eziningi zalamathulusi amahle angatholakala kuLDS.org

Yingani uBaba wethu waseZulwini asinikeze usizo olungaka? Yingoba Uyasithanda. Futhi yingoba,njengoba eshilo Ngaye, “Lokhu kungumsebenzi wami ne nkazimulo yami—ukufeza ukungafi komuntu kanye nokuphila okungunaphakade komuntu.”2

Ngamanye amazwi, uBaba waseZulwini unguNkulunkulu wethu, futhi uNkulunkulu ungumeluleki wethu.

UBaba wethu waseZulwini Uzazi kangcono izidingo zabantwana Bakhe ukwedlula noma yimuphi umuntu. Kungumsebenzi kanye nodumo Lwakhe ukusiza thina kukho konke, ukunikeza thina imithombo emangalisayo, okwesikhashana kanye nenomoya ukusisiza endleleni yethu yokubuyela Kuyena.

Wonke uBaba UnguMeluleki

Kwezinye izindawo zomhlaba, obaba bayahlonishwa yimindeni kanye nomphakathi kwinyanga kaJuni. Kuhlezi kuyinto enhle ukuhlonipha abazali bethu. Obaba benza izinto eziningi ezinhle emindenini yabo futhi banezinto eziningi ezithandekayo. Izindima obaba abazidlalayo ezimbili ezibalulekile kakhulu ezimpilweni zezingane zabo yilezo zokuba yisibonelo esihle nokuba umeluleki. Obaba benza okuningi kunokutshela abantwana babo ngokwenza okubi noma okuhle; benza okuningi kakhulu kunokuphonsa incwadi kubo bese belindela ukuthi bazozicabangela bona ngempilo.

Obaba baluleka izingane zabo ezithandekayo futhi bazikhombise indlela okuyiyona ngezibonelo zabo ezinhle ukuba impilo elungile iphilwa kanjani. Obaba abazishiyi izingane zabo zizodwa kepha bashesha ukuba usizo kuzona, basize ukuba bahambe kahle lapho bekhubeka khona. Futhi kwesinye isikhathi uma ukuhlakanipha kubeka umbono othize, obaba bavumela izingane zabo ukuba zihlupheke, baqaphele ukuba lokho kungahle kube iyona indlela engcono kubona yokuthola isifundo.

Sonke Singabaluleki

Noma-ke obaba basemhlabeni benza lokhu kubantwana babo, umoya wokuba ngumeluleki yinto okudingeka ukuba siyiphe zonke izingane zikaNkulunkulu, noma ngabe beneminyaka eyingakhi, indawo, noma isimo. Khumbula, abantwana bakaNkulunkulu bangabafowethu kanye nodade bethu; sonke singumndeni owodwa ongunaphakade.

Ngalomgqondo, sonke masibe ngabaluleki—sibe nentshisekelo yokuba sifinyelele futhi sisizane ukuze sibe ngcono thina ngokwethu. Ngokuba sizalwa nguNkulunkulu, sinawo amandla okuba sifane Naye. Ukuthanda uNkulunkulu kanye nabantu esiphila nabo, ukugcina imiyalelo kaNkulunkulu, kanye nokulandela isibonelo sikaKristu kuyindlela eqondile, encane, futhi enenjabulo yokuba sibuyisele siyohlala nabazali bethu basezulwini.

Uma uNkulunkulu wasemkhathini esikhathalele kangakho ukuba abe ngumeluleki wethu, mhlawumbe futhi nathi singafinyelela kubantu esiphila kanye nabo, noma beyibala elinjani, noma bengumhlobo onjani, izimo zomnotho, ulimi, noma inkolo. Make sibe ngabaluleki abanogqozu futhi sibusise izimpilo zabanye—hhayi kuphela izingane zethu kepha zonke izingane zikaNkulunkulu kuwo wonke umhlaba.

Ukufundisa Okuvela kuloMlayezo

Ungaqala ngokubuza labo obafundisayo ukuba bacabange ngesikhathi lapho uBaba waseZulwini aye wabaluleka khona. Ungaphinde ubabuze ukuba bacabange ukuthi yikuphi okufanayo phakathi kwalesosikhathi kanye nesikhathi lapho bezwa ukululekwa ngubaba wabo wasemhlabeni. Bameme ukuba babhale phansi ngalokho okufanayo ngendlela abalulekwa ngayo. Ungabanika inselelo labo abazama ukulingisa into abayibhalile phansi ngokuzama ukuba yisibonelo esingcono kwabanye.

Shicilela