Ngo-2016
Indlela Engenaphutha eya Enjabulweni
Novemba 2016


UMyalezo Wokufundiswa Ngokuvakashelana, ngoNovemba 2016

Indlela Engenaphutha eya Enjabulweni

Ngiyafakaza ngesipho esikhulu kakhulu esiyisu likaBaba alenzele thina. Liyindlela okuyiyo yodwa engenaphutha eya ekuthuleni nase njabulweni.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, abalana kulesi siKhungo sokuHlangana nase mhlabeni wonke, ngibonga kakhulu ngethuba lokuthi ngikhulume nani namhlanje ekuseni.

Eminyakeni engamashumi amahlanu nambili edlule, ngoJulayi 1964, ngangihambe ngomsebenzi eNew York City ngesikhathi Umbukiso Womhlaba wawenzelwe kuleli dolobha. Ekuseni ngelinye ilanga ngahamba ngaya kwiMormon Pavilion embukisweni. Ngafika nje ngaphambi kokukhonjiswa kwebhayisikobho yeBandla Man’s Search for Happiness, okungu mfanekiso wesu lensindiso manje osungojwayelekile eBandleni. Ngahlala eduze kwebhungu mhlawumbe elalineminyaka engu-35 ubudala. Sathi ukuxoxa kancane. Wayengelona ilunga leBandla. Zacima-ke izibani yaqala nebhayisikobho.

Salalela izwi lalowo owayelandisa ngesikhathi ebuza imibuzo esithintayo sonke: Ngavela kuphi? Kungani ngilapha? Ngiyaphi uma sengishiya lempilo? Zonke izindlebe zalalelisisa ukuze ziyizwe impendulo, namehlo onke ayesethe njo kulezo zithombe ezazikhonjiswa. Kwanikwa incazelo ngempilo yethu eyandulela eyase mhlabeni, kwaphinde kwachazwa ngenhloso yokuphila emhlabeni. Sabona umfanekiso othintayo wokudlula emhlabeni kwekhehla elidala nokuhlangana kwalo futhi nabathandiweyo balo abase behambile ngaphambilini baya ezweni lemimoya.

Kwathi uma kuphela lomfanekiso omuhle wesu likaBaba oseZulwini alenzele thina, bonke abantu baphuma, iningi labo lithintekile impela ngalokho ababeku bonile. Ibhungu engangihleli nalo alizange lona lisukume. Ngalibuza ukuthi liyithokozele yini ibhayisikobho. Laphendula ngokungangabazi lithi: “Yiqiniso leli!”

Lelisu likaBaba lenjabulo yethu nensindiso yethu laziswa emhlabeni wonke ngabefundisi bevangeli bethu. Akubona bonke abawuzwayo lomyalezo ongcwele abawemukelayo. Kodwa, amadoda nabesifazane ndawo-zonke, njengomngani wami enganginaye kuMbukiso Womhlaba eNew York, bayalibona iqiniso lalowo myalezo, bese betshala izinyawo endleleni ezobaholela ekhaya ngokuphepha. Izimpilo zabo zishintsha ingunaphakade.

Obaluleke kakhulu kulelisu nguMsindisi wethu, uJesu Kristu. Ngaphandle komnikelo Wakhe ohlawulayo, kwakuyo lahleka konke. Kodwa-ke akwanele ukukholwa Kuye nokuthunywa Kwakhe kuphela nje. Kufanele sisebenze futhi sifunde, sifune futhi sikhuleke, siphenduke futhi senze kangcono. Kufanele siyazi imithetho kaNkulunkulu futhi siyiphile. Kufanele sithole izimiso Zakhe ezisindisayo. Siyozuza injabulo yangempela kuphela uma senza lezi zinto.

Sibusisiwe ukuba sibe neqiniso. Sinikwe umsebenzi wokuba sabelane ngeqiniso. Masiliphile iqiniso, ukuze sizuze konke uBaba asibekele kona. Konke akwenzayo ufuna kuzuze thina. Uthe kithi, “Lokhu kungu msebenzi wami nenkazimulo yami—ukufeza ukungafi no kuphila okuphakade komuntu.”1

Kusuka ekujuleni komphefumulo wami nangoku thobeka konke, ngiyafakaza ngesipho esikhulu okuyisu likaBaba alilungisele thina. Yiyona ndlela engenaphutha eya ekuthuleni nasenjabulweni kuleli nakwelizayo.

Bafowethu nodadewethu, nginishiya nothando lwami nesibusiso sami sengiphetha, futhi ngikwenza lokho egameni loMsindisi noMkhululi wethu, ngisho uJesu Kristu uqobo, amen.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. uMose 1:39.)

Shicilela