Ngo-2017
Ngangivele sengisithathile isinqumo
NgoMashi 2017


Intsha

Ngangivele sengisithathile isinqumo

Umbhali uhlala e-Utah, eMelika

Ngikengathola isifundo esibalulekile ekilasini lamantombazane ngokuba msulwa—isihloko leso esenza iningi lentsha lingahlaliseka kahle ezihlalweni zalo. Angisakhumbuli konke engakufunda ngalolosuku, kepha ngiyakhumbula umholi wami ekhuluma ngezinye zemigangatho zakhe—ukuhlala ngasosonke isikhathi umsulwa. Amazwi akhe ahlala nami, ngase-ke ngithatha isinqumo sokuwasebenzisa njengezinye izinto ezibalulekileyo empilweni yami.

Ngolunye usuku ngangigibele ibhasi ngivela emcimbini womdlalo ngiya ekhaya, omunye umuntu othize waqala umdlalo weqiniso kanye nokuphoqwa. Siphethwe isithukuthezi, ezinye zezingane kanye nami sazibandakanya nomdlalo. Ngesikhathi kufika isikhathi sami, ngaphoqelelwa ukuba ngenze into engangiyazi kahle ukuthi yayingalungile. Lena kwakuzoba isinqumo esasizobanzima ngempela ukuba ngisithathe, kepha amazwi womholi wamantombazane aqhamuka ekhandeni lami, futhi ukuthatha isinqumo kwabalula. Nganqaba masishane. Ngangisengisithathile isinqumo ngalokho engangizokwenza kulesosimo.

Ngiyazi ukuthi uma siya esontweni futhi sibeke indawo yezinto esizifundiswayo khona, sizakubusiswa ngamandla angomoya amakhulu futhi sivikeleke kwizilingo zomhlaba.

Shicilela