Ngo-2017
Amandla kaJesu Kristu okuqinisa kanye Nenhlawulo Yakhe.
NgoMashi 2017


Umyalezo Ofundiswa Ngokuvakashelana, uMashi 2017

Amandla kaJesu Kristu okuqinisa kanye Nenhlawulo Yakhe

Ngomkhuleko funda lemibhalo ngenhloso yokufuna ukwazi ngalokho ongakhuluma ngakho. Ukuqonda inhloso Yenhlangano Yabesimame Yenkululeko kuzolungiselela kanjani amadodakazi kaNkulunkulu ukuze athole izibusiso zangunaphakade?

Isithombe
Relief Society seal

Ukholo, Umndeni, Inkululeko

“Ngingenza zonke izinto ngoKristu ongiqinisayo” (AbaseFiliphi 4:13). “Noma-ke sonke sinobuthakathaka, singakunqoba,” kwasho uMongameli uDieter F. Uchtdorf, uMeluleki wesiBili kubuMongameli bokuQala. “Ngempela kungomusa kaNkulunkulu ukuthi, uma sizithoba futhi sinokholo, izinto ezibuthakathaka zingaba namandla.”1

UMsindisi wethu uthi kwiMfundiso neZivumelwano: “ngiyohamba phambi kobuso benu. Ngizoba kwesokudla senu nakwesobunxele senu, futhi uMoya wami uyoba sezinhliziyweni zenu, futhi izingelosi zami zinizungeze, ukuze zinithwale.” (iMf&V 84:88).

“UNefi uyisibonelo salowo okade azi, wazwisisa, futhi wathembela emandleni okuqinisa kaMsindisi,” Kwasho iGosa uDavid A. Bednar womGwamanda wabaliShumi namBili. Abafowabo baNefi bambopha ngezintambo futhi bahlela ukubhuqa kwakhe. Ngesihle bheka umkhuleko kaNefi: ‘O Nkosi, ngokokholo lwami olukuwe, ungengikhulule yini ezandleni zabafowethu; yebo, ngisho unginike amandla okuthi ngizigqashule lezi zibopho engiboshwe ngazo.’ (1 Nefi 7:17; kugcizelelwe).

“… uNefi akazange akhulekele ukuba izimo zakhe ziguquke. Kepha, wakhulekela amandla okuba aguqule izimo zakhe. Futhi ngiyakholelwa ukuba wakhuleka ngalendlela ngokuba wayazi, wayeqonda, futhi wake wezwa amandla okuqinisa weNhlawulo.

“Angicabangi ukuthi izibopho lezo ezazibophe uNefi zakhumuka ezandleni zakhe nje zawela phansi ngesimangaliso. Kepha, Ngisolela ukuba wayebusisiwe ngokuphikelela namandla angaphezu kwekhono lakhe, ukuthi ‘ngamandla eNkosi’ (uMosiya 9:17) wasebenza futhi watshikiza futhi wadonsa izintambo, ekugcineni wakwazi ukuhlephula izibopho.”2

Imibhalo eNgcwele kanye nolwazi olungeziwe

Isaya 41:10; Etere 12:27; reliefsociety.lds.org

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Dieter F. Uchtdorf, “Isipho soMusa,” iLiyahona, uMeyi 2015, 108.

  2. David A. Bednar, “Strength beyond Our Own,” New Era, Mar. 2015, 4.

Shicilela