Ngo-2017
Ukuhloma ngokuLunga
NgoMashi 2017


UMyalezo wobuMongameli BokuQala, uMashi 2017

Ukuhloma NgokuLunga

Umprofethi kaNkulunkulu lapha emhlabeni, uMongameli uThomas S. Monson, umemezele ukuba, “Namuhla, sizungezwe izinto eziyizono ezinkulu, ezisihangile, futhi ububi obume ngaphambi kwamehlo ethu.”1

Ungamangala ukuzwa ukuthi uMongameli uMonson wakhuluma lamagama eminyakeni engu-50 eyadlula? Uma sasizungezwe ububi obukhulu obumangazayo ngalezo zikhathi ezadlulayo, namhlanje bungakanani ububi esihlangabezane nabo? Ngesizathu esilungile, iNkosi yamemezela esikhathini sethu samanje, “Bhekani, isitha sihlangene” (iMf&V 38:12).

Impi leyo “thina sonke esibhekene nayo”2 yaqala phambi kokuba sizalwe lapha emhlabeni. Futhi iqale phambi kokuba kudalwe umhlaba. Yaqala eminyakeni engamakhulu eyadlulayo empilweni yangokomoya, lapho uSathane walwa khona “wafuna ukuqeda ilungelo lokuzikhethela lomuntu” (uMose 4:3).

USathane wahlulwa kuleyo impi “wasekhishelwa ngaphandle emhlabeni” (Isambulo 12:9), lapho eqhubeka nempi yakhe namhlanje. Lapha emhlabeni “ulwa nabangcwele bakaNkulunkulu, futhi uyabazungeza nxazonke” (iMf&V 76:29) ngamanga, ukukhohlisa, kanye nezilingo.

Ulwa nabaprofethi kanye nabaphostoli. Ulwa nomthetho wokuphinga futhi nobungcwele bomshado. Ulwa nomndeni futhi nethempeli. Ulwa nalokho okulungileyo, okungcwele, futhi okumsulwa.

“Singalwa kanjani kanye nalesitha? Singalwa kanjani nalobubi obubonakala buzungeze umhlaba wethu? Siyini isikhali sethu sokuzivikela? Bangobani abangani bethu?

Amandla eMvana

UMongameli uJoseph Smith wafundisa ukuthi uSathane unamandla kuphele nje uma simvumela.3

Ukubona usuku lwethu, uNefi “ngabona amandla eMvana kaNkulunkulu, ukuthi ehlela phezu kwabangcwele bebandla leMvana, kanye naphezu kwabantu besivumelwano beNkosi, labo ababehlakazeke phezu kobuso bonke bomhlaba; futhi babehlonyiswe ngokulunga kanye nangamandla kaNkulunkulu enkazimulweni enkulu” (1 Nefi 14:14; kugcizelelwe).

Singazihlomisa kanjani ngokulunga futhi kanye nangamandla? Sigcina usuku lweSabatha lungcwele futhi sihloniphe ubuphristi. Senza futhi sigcina izivumelwano ezingcwele, sisebenze ngomlando womndeni wethu, futhi sivakashele ethempelini. Sizama ngawo wonke amandla ethu ukuba siguquke futhi sicele eNkosini ukuba “wenze igazi elihlawulayo likaKristu lisebenze ukuze sithole ukuthethelelwa kwezono zethu” (uMosiya 4:2). Singakhuleka futhi sisebenze ngokusiza abanye bese sithula ubufakazi futhi sisebenzise ukholo kuJesu Kristu.

Futhi siyazihlomisa ngokulunga kanye nangamandla njengoba “sigcina silondoloza ezingqondweni [zethu] njalonjalo amazwi okuphila” (iMf&V 84:85). Sigcina lawomazwi ngokuzifaka phakathi emibhalweni engcwele futhi nasemazwini ezinceku zeNkosi ezikhethiwe(bona iMf&V 68:4) emhlanganweni omkhulu wenyanga elandelayo.

Ekulweni kwethu nobubi, kumele njalo sikhumbule ukuthi sinalo usizo kuzozombili izingxenye zeveyili. Abasizi bethu banguNkulunkulu uBaba waPhakade, iNkosi uJesu Kristu kanye noMoya oyiNgcwele.

Futhi abasizi bethu amabutho asezulwini angabonwa. “Ungesabi,” u-Elisha watshela indodana eyayinovalo ngesikhathi bebhekana nebutho lobubi, “ngoba labo abanathi baningi ukwedlula labo abanabo” (bona 2 AmaKhosi 6:15–16).

Akumele sesabe. UNkulunkulu Uyabathanda abaNgcwele Bakhe. Akasoze asilahla.

Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu, ekuphenduleni umkhuleko, ufeze izikhalo zami zokuba angisindise ebubini. Ngiyafakaza ukuthi ngosizo oluvela kuNkulunkulu uBaba, uMsindisi womhlaba, kanye noMoya oNgcwele, singaqiniseka ukuthi sizothola amandla angaphezu kokwanele wokuba sivikeleke kunoma imaphi amandla obubi esihlangabezana nawo.

Ngasosonke isikhathi make sihlome ngokulunga ukuze sibe nokuzithemba ekugcineni kokunqoba kwethu.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. UThomas S. Monson, “Correlation Brings Blessings” Relief Society Magazine,Apr. 1967, 247.

  2. “We Are All Enlisted,” Hymns, no. 250.

  3. Bona Teachings of Presidents of the Church: Joseph Smith (2007), 214.

Shicilela