Ngo-2017
Uthando Olupheleleyo Luxosha Ukwesaba
NgoMeyi 2017


UMyalezo wobuMongameli bokuQala, Meyi 2017

Uthando Olupheleleyo Luxosha Ukwesaba

Masibekeni eceleni ukwesaba kwethu esikhundleni salokho siphile ngenjabulo, ngesizotha, ngethemba, kanye nangokwethemba ukuthi iNkosi ikanye nathi.

Bafowethu nodadewethu abathandekayo, bangani abathandekayo, kwaze kwayinjabulo ukuba sihlangane njengeBandla eligcwele umhlaba wonke sihlangane okholweni nasothandweni lukaNkulunkulu nabantwana Bakhe.

Kakhulukazi ngibonga ukuba khona kwamphrofethi wethu esimuthandayo, uThomas S. Monson. Mongameli, siyohlezi njalo samukela amazwi akho okuyala, okuxwayisa, kanye nawokuhlakanipha. Siyakuthanda, Mongameli Monson, futhi sikuthandazela njalo.

Eminyakeni edlule, ngenkathi ngisebenza njengomongameli wesikhonkwane eFrankfurt, eJalimani, omunye udadewethu othandekayo owayengajabule weza kimi ekupheleni kweminye yemihlangano yesikhonkwane wathi.

“Akukho kubi?” “Kufanele ukuthi bebebane noma bebahlanu abantu abebelele ngesikhathi ukhuluma!”

Ngacabanga isikhashana ngase ngimphendula ngithi, “Nginesiqiniseko sokuthi ukulala esontweni kuyimpilo kakhulu.”

Umkami omuhle, uHarriet, wayizwa lengxongxo wangitshela kamuva ukuthi ngaphendula kahle kakhulu kunezinye izimpendulo zami zaphambilini.

UkuVuka Okukhulu

Eminyakeni engamakhulu edlule eNorth America, inhlangano okuthiwa “UkuVuka Okukhulu” yanda emaphandleni. Enye yezinjongo zayo enkulu kwakungukuvusa abantu ababebukeka belele ngokuphathelene nezindaba zikamoya.

Esemusha uJoseph Smith wafundiswa yizinto ayezizwa ngabefundisi ababeyinhlangano yalokhu kuvuswa ngokwenkolo. Lokhu kungesinye sezizathu esenza akhethe ukufuna kakhulu intando yeNkosi ngomkhuleko ngasese.

Laba befundisi babeshumayela ngendlela enehaba, futhi eyayivusa imizwa, benezintshumayelo ezazidume ngokukhuluma ngemililo yesihogo eyesabisayo elindele umoni.1 Izinkulumo zabo zazingabalalisi abantu—kodwa futhi kungenzeka ukuthi zadala ukuthi abanye baphuphe kabi. Inhloso nenjwayelo yabo kwawungukusabisa abantu ukuba bangene ebandleni.

UkweSaba njengamaQhinga amaBi

Ngokomlando, ukwesaba kusetshenziswe izikhathi eziningi ukuba kusize abantu benze okuthile. Abazali bakusebenzisile ezinganeni zabo, abaqashi kubasebenzi babo, nabezepolitiki kubavoti babo.

Ompetha kwezokukhangisa bawazi kahle amandla okwesaba futhi bajwayele ukuwasebenzisa. Yingakho ezinye izikhangisi zizwakala zisitshela ukuthi uma singakuthengi okuthile okukhangiswayo sisengozini yokuphila impilo yokuhlupheka, sife sisodwa futhi singajabulile.

Siyakuhleka nje lokhu futhi sizitshele ukuthi asisoze salutheka ngalendlela, kodwa ngesinye isikhathi kuyenzeka. Okubi kakhulu, wukuthi nathi sibuye sisebenzise izindlela ezifanayo ukuze sithole lokho esikufunayo kwabanye.

Umyalezo wami unezinhloso ezimbili namuhla: Eyokuqala wukuthi ke sicabangisise ukuthi thina sikusebenzisa kangakanani ukwesaba ukukhuthaza abanye—kanye nathi. Eyesibili wukwenza isiphakamiso sendlela engcono.

Inkinga Ngokwesaba

Okukuqala, ake sikhulume ngenkinga yokwesaba. Vele, ubani phakathi kwethu ongakaze ngenxa yokwesatshiswa adle kangcono, agqoke ibhande lokuvikela lemoto, azivocavoce, onge imali, noma aphenduke ezonweni?

Kuyiqiniso ukuthi ukwesaba kungaba nomthelela omkhulu kulokho esikwenzayo nendlela esiziphatha ngayo. Kepha lowo mthelela uthanda ukuba ngowesikhashana. Ukwesaba akuvamile ukuba namandla okusishintsha izinhliziyo, futhi akusoze kusishintshe ukuba sibe ngabantu abathanda okulungileyo futhi abafuna ukulalela uBaba oseZulwini.

Abantu abanokwesaba bangazikhuluma futhi bangazenza izinto ezilungileyo, kodwa abazizwa izinto ezilungileyo. Bajwayele ukuzizwa bengenakusizakala futhi begcwele inzondo, nokucasuka. Ngokuhamba kwesikhathi lemizwa ibaholela ekutheni bangabi nakho ukwethemba, bangafuni kulalela muntu, futhi babe nomoya wokuvukela.

Ngebhadi, lendlela yokwenza nokuholwa okunjena akwenzeki ngaphandle kuphela. Kuyangikhathaza ukuzwa ngamalunga eBandla aphatha abanye ngokungalungile—noma ngabe kusemakhaya, obizweni lwabo eBandleni, emsebenzini, noma yikuphi lapho besebenzisana khona nabanye usuku nosuku.

Ngokujwayelekile, kukhona abakugxekayo ukuphatha kabi abanye, kodwa abakuboni kubo uqobo. Bafuna kuthotshelwe imithetho yabo abayishaye bebodwa, kodwa uma abanye bengayilandeli lemithetho, bayabasola ngezindlela eziningi, kwesinye isikhathi bafune nokuba bamba ngezandla.

INkosi yathi “uma … sisebenzisa ukulawula noma ukubusa noma impoqo kubantwana babantu, nganoma okungakanani ukungalungi, … amazulu ayaziqhelisa; [futhi] uMoya weNkosi uyadabuka.”2

Kungaba khona izikathi lapho silingeka ukuba silwele izenzo zethu ngokukholelwa ukuthi isiphetho sivumele izindlela ezisetshenziswayo, Singaze sicabange ukuthi ukulawula, ukuba namaqhinga amabi, nokulimaza kuzogcina kukuhle kwabanye. Akukho njalo, ngoba iNkosi ikucacisile ukuthi “izithelo zikaMoya ziwuthando, ukujabula, ukuthula, ukubekezela, ububele, umusa, ukholo, ubumnene [kanye] nokuzithiba.”3

Indlela Engcono

Ngesikathi ngazi uBaba wami oseZulwini kangcono, yingesikhathi ngibona kangcono ukuba Ubafundisa futhi Ubahola kanjani abantwana Bakhe. Akadinwa, akabuyiseli okubi, noma aphindisele.4 Injongo Yakhe—umsebenzi nombuso Wakhe—ukusitshengisa, asiphakamise, futhi asiholele ekuphelelisweni Kwakhe.5

UNkulunkulu wazichaza kuMose njengone “sihe kanye nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso.”6

Uthando laBaba oseZulwini Analo ngathi, abantwana Bakhe, ludlula ngokweqile ukwazi kwethu nokuluqonda.7

Ngabe lokhu kuchaza ukuthi uNkulunkulu uyakugqugquzela noma akakunaki ukuziphatha okungahambisani nemiyalelo Yakhe? Cha, ngempela cha-bo!

Kepha Ufuna ukushintsha okungaphezu kokuziphatha kwethu. Ufuna ukushintsha izimilo zethu imbala. Ufuna ukushintsha izinhliziyo zethu.

Ufuna sifinyelele sibambe siqinisele endukwini yensimbi, sibhekane nokwesaba kwethu, sibe nesibindi siye phambili naphezulu endleleni eminyene engumncingo. Usifunela lokhu ngoba uyasithanda nangoba yile indlela yenjabulo.

Manje, uNkulunkulu ubagqugquzela kanjani abantwana Bakhe ukuba bamlandele kulezi zinsuku?

Wathumela Indodana Yakhe!

UNkulunkulu wathumela INdodana Yakhe eZelwe Yodwa, uJesu Kristu, ukusitshengisa indlela elungileyo.

UNkulunkulu usigqugquzela ngokubonisa, ngokuba nenhliziyo ende, ngobubele, ngobumnene, nangothando olungazenzisi.8 UNkulunkulu Ungakithi. Uyasithanda, futhi uma sikhubeka, ufuna sisukume, sizame futhi, siqine kakhulu.

Uyena osifundisayo.

Uyena ithemba lethu elikhulu futhi eliyigugu.

Ufisa ukusikhulisa ngokholo.

Uyasethemba ukuthi sizofunda emaphutheni ethu futhi sithathe izinqumo ezilungileyo.

Yiyo lena indlela engcono!9

Kuthiwani ngoBubi baloMhlaba?

Enye indlela uSathane afuna ukuba sisebenzise amaqhinga amabi kwabanye ngayo yingokuhlala nasekukhuliseni ububi emhlabeni.

Nangempela umhlaba wethu wawuhlezi, futhi uzoqhubeka, ungalungile. Baningi abantu abamsulwa abahlukumezekayo ngenxa yezimo zemvelo kanye nobubi babantu. Inkohlakalo nobubi ezinsukwini zethu kuhlukile futhi kuyathusa.

Kepha noma kunjalo, ngeke ngikuthengise ukuphila kulesi sikhathi naso esinye isikhathi emlandweni womhlaba. Sibusisekile ngendlela engabaleki ukuba sihlale ezinsukwini zokuphumelela okukhulu, ukukhanya, kanye nobuhle. Kakhulukazi, sibusisekile ukuba nevangeli likaJesu Kristu eliphelele, elisinikeza ukubona okuhlukile ngezingozi zasemhlabeni futhi lisitshengise indlela yokuzivikela noma sibhekane nazo.

Uma ngicabanga ngalezi zibusiso, ngifuna ukuguqa ngamadolo ngidumise uNkulunkulu ngothando Lwakhe olungapheli labantwana Bakhe.

Angikholwa ukuthi uNkulunkulu ufuna abantwana Bakhe besabe noma behlale ebubini balomhlaba. “Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.”10

Usinikeze izizathu eziningi zokuthokoza. Thina kumele sizithole futhi sizibone. Inkosi Ijwayele ukhusikhumbuza ukuba “singesabi” nokuba “sijabule,”11 futhi ukuba “ungesabi, mhlambi omncane.”12

INkosi Izozilwa Izimpi Zethu

Bofowethu nodadewethu, yithi “umhlambi omncane” weNkosi. SingabaNgcwele bezinsuku zokugcina. Phakathi egameni lethu kukhona ukuzinikela ekutheni sizobheka phambili ekubuyeni kwaMsindisi sizilungiselele thina kanye nomhlaba ukumemukela. Ngakho-ke, masisebenzele uNkunkulu sithande abafowethu. Asikwenze lokhu ngokuzethemba kwemvelo, ngokuzotha, singalinge sibukele phansi enye inkolo noma iqembu labantu. Bafowethu nodadewethu, sinxuswe ngokufunda izwi leNkosi futhi silalele izwi likaMoya, ukuze “sazi izimpawu zezikhathi, nezimpawu zokuza kweNdodana yoMuntu.”13

Ngakho-ke, hhayi ngoba singazazi izinselelo zalo mhlaba, futhi hhayi ngoba singazi ngobunzima bezikhathi zethu. Kepha lokhu akuchazi ukuthi kumele sizithwese umthwalo noma abanye ngokwesaba okungapheli. Kunokuba sihlale ebunzimeni kwezinselelo zethu, ngeke yini kube ngcono ukubheka ubukhulu obungenasiphelo, ukulunga, namandla aphelele kaNkulunkulu, simethemba futhi silungiselele ngezinhliziyo ezithokozile ukubuya kukaJesu Kristu?

Njengabantu Bakhe bezivumelwano, kumele singakhutshazwa ukwesaba ngenxa yokuthi izinto ezimbi zingenzeka. Okungcono, singaya phambili ngokholo, isibindi, ukuzimisela, kanye nokumethemba uNkulunkulu ngesikhathi sibhekana nezinselelo namathuba ezayo.14

Asiyihambi indlela yobufundi Bakhe sisodwa. “INkosi uNkulunkulu wakho … ohamba nawe; akayikuyeka, akushiye.”15

“INkosi izakunilwela, nothula nina.”16

Ebusweni bokwesaba, masithole isibindi, siqinise ukholo, futhi sethembe ukuba “asikho isikhali esenzelwe wena esiyakuphumelela.”17

Kungabe sihlala esikhathini sokwesaba nezingozi? Nangempela kunjalo.

UNkulunkulu imbala wathi, “Ezweni niyakuhlangabezana nokuhlupheka, kepha yibani nentokozo, mina ngilinqobile izwe.”18

Singatshengisa ukholo futhi siphile ngokufanele? Singaphilela iminikelo yethu nezivumelwano ezingcwele? Singayigcina imiyalelo kaNkulunkulu ngisho nasezimweni ezinzima? Yebo singakwazi!

Singakwazi ngoba uNkulunkulu usethembise ukuba “Zonke izinto ziyosebenzelana kube ngokuhle kini, uma [ni]hamba ngobuqotho.”19 Ngakho-ke, masibeke eceleni ukwesaba kwethu siphile okungcono ngenjabulo, ngethemba kanye nokwethemba ngokweqiniso ukuba iNkosi Inathi.

Uthando Olupheleleyo Luxosha Ukwesaba

Bangani bami abathandekayo, bafowethu nodadewethu abathandekayo kuKristu, uma sike sazithola siphila ngokwesaba noma ngovalo, noma sike sathola ukuba amazwi, imicabango, noma izenzo sethu zidala ukwesaba kwabanye, ngiyathandaza ngawo wonke amandla omphefumulo wami ukuba singakhululwa kulokhu kwesaba yisibiba esingcwele sakho ukwesaba: uthando lukaKristu olumsulwa, ngoba “uthando olupheleleyo luxosha ukwesaba.”20

Uthando lukaKristu olulungileyo lunqoba isilingo sokulimaza, sokuhlupha, sokuphatha kabi noma sokucindezela.

Uthando lukaKristu olulungileyo lisidedela ukuba sihambe ngokuzotha, ngesithunzi, kanye nokwezethemba njengabalandeli boMsindisi. Uthando lukaKristu olulungileyo lusinikeza ukuzethemba okusisiza sidlule ekwesabeni kwethu futhi sibeke ithemba eliphelele emandleni nasekulungeni kwaBaba oseZulwini nakwiNdodana Yakhe, uJesu Kristu.

Emakhaya ethu, ezindaweni zethu zamabhizinisi, obizweni leBandla, ezinhliziyweni zethu, masisuse ukwesaba sifake uthando lukaKristu olupheleleyo. Uthando lukaKristu luzofaka ukholo endaweni yokwesaba!

Uthando Lwakhe luyosisiza sibone, sithembe, futhi sikholelwe ekulungeni kukaBaba oseZulwini, kwisu Lakhe elingcwele, evangelini Lakhe, nasemiyalelweni Yakhe.21 Ukuthanda uNkulunkulu nabafowethu kuzoshintsha ukuthobela kwethu imiyalelo kaNkulunkulu kube yisibusiso kunokuba kube umthwalo. Uthando lukaKristu luyosisiza sibe nomusa ngokwengeziwe, sixole ngokwengeziwe, sinakekele ngokwengeziwe futhi sizinikele kakhulu emsebenzini Wakhe.

Ngenkathi sigcwalisa izinhliziyo zethu ngothando lukaKristu, sizovuka nokukholwa okusha futhi sizohamba ngenjabulo, ngokuzethemba, sivukile, futhi siphila ekukhanyeni nasembusweni kukaMsindisi wethu othandekayo, uJesu Kristu.

Ngiyafakaza, nomphostoli uJohane, “Akukho ukwesaba othandweni luka[Kristu].”22 Bafowethu nodadewethu, bangani abathandekayo, uNkulunkulu uyanazi kakhulu. Unithanda ngokuphelele. Uyazi ukuthi ikusasa lenu liniphatheleni. Ufuna “ningesabi, nikholwe qha”23 futhi “nihlale othandweni lwakhe olukhulu.”24 Lowo ngumthandazo wami nesibusiso sami egameni likaJesu Kristu, amen.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. UGeorge Whitefield noJonathan Edwards yizibonelo ezaziwayo zabefundisi abayilolu hlobo.

  2. IMfundiso neziVumelwano 121:37.

  3. KwabaseGalathiya 5:22–23.

  4. Ngesinye isikhathi, uMsindisi wafuna ukungena endaweni yamaSamariya, kepha abantu bamnqaba uJesu bangamemukela ezindaweni zabo. Ababili kubafundi Bakhe baphoxeka yilokhu babuza “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, ubaqeda na?” UJesu waphendula ngalesi sexwayiso: “Anazi ukuthi ningabomoya muni. Ngokuba iNdodana yoMuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa” (bona uLuka 9:51–56, New King James Version [1982]).

  5. Bona uMose 1:39; bona futhi abase-Efesu 3:19.

  6. Eksodusi 34:6.

  7. Bona abase-Efesu 3:19.

  8. Bona IMfundiso neZivumelwano 121:41. Nangempela uma uNkulunkulu elindele thina, bantwana Bakhe basemhlabeni, ukuba siziphathe kanje ebudlelwaneni bethu, Yena—engumuntu ophelele du emsulwa ngayo yonke indlela—angaba yisibonelo sokuziphatha ngalendlela.

  9. Umhlangano owandulela okwasemhlabeni uyisibonelo esihle esitshengisa ubumsulwa bukaNkulunkulu. Lapho uBaba wethu oseZulwini watshengisa isu Lakhe lokuthuthuka kwethu ingunaphakade. Izinto ezazibalulekile kulelisu kwakuyilungelo lokukhetha, ukuthobela, nensindiso ngeNhlawulo kaJesu Kristu. Kepha, uLusifa, wabeka isu elihlukile. Waqinisekisa ukuba sonke sasizolalela—akekho owayezolahleka. Kuphela indlela okwakungenzeka ngayo kwakungukusenzisa nangokusiphoqa. Kepha uBaba wethu oseZulwini osithandayo wayengeke alivumele isu elinje. Wayelithanda ilungelo lokuzikhethela labantwana Bakhe. Wayazi ukuthi kumele senze amaphutha endleleni uma sizofunda okwangempela. Yingakho-ke Asinikeza uMsindisi, loyo umnikelo wakhe ongunaphakade owawuzosihlanza ezonweni futhi uvumele ukubuyela kwethu embusweni kaNkulunkulu.

    Ngenkathi uBaba oseZulwini ebona ukuthi abantwana Bakhe abaningi babehehwa nguLusifa, wabaphoqa na ukuba balandele isu Lakhe? Wabasabisa noma wabasongela labo ababethatha isinqumo esibi? Cha. UNkulunkulu wethu onamandla wonke nangempela wayengakwazi ukuyekisa lokhu kulwa. Wayengaphoqa intando yakhe kwabahambayo abenze balalele. Kepha, wadedela abantwana Bakhe bazikhethele.

  10. 2 Thimothewu 1:7.

  11. Bona, njengesibonelo, Joshuwa 1:9; Isaya 41:13; Luka 12:32; Johane 16:33; 1 Petru 3:14; IMfundiso neziVumelwano 6:36; 50:41; 61:36; 78:18.

  12. Luka 12:32.

  13. IMfundiso neziVumelwano 68:11.

  14. Isexwayiso sikaMose kubantu bezinsuku zakhe sisasebenza: “Ningesabi. … Nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla” (Eksodusi 14:13, New King James Version).

  15. Duteronomi 31:6.

  16. Eksodusi 14:14, New King James Version.

  17. Isaya 54:17.

  18. Johane 16:33.

  19. Imfundiso neziVumelwano 90:24; bona futhi 2 abaseKorinte 2:14; Imfundiso neziVumelwano 105:14.

  20. 1 Johane 4:18.

  21. Masikhumbule ukuba uMsindisi akezanga “ukwehlulela izwe; kodwa ukuba izwe lisindiswe ngaye” (Johane 3:17). Kahle-kahle, “akenzi lutho olunye ngaphandle kokuthi kuyinzuzo emhlabeni; ngokuba uyawuthanda umhlaba, ngisho kangangoba ubeka phansi impilo yayo uqobo ukuze idonsele wonke umuntu kuyo” (2 Nefi 26:24).

  22. 1 Johane 4:18; bona futhi 1 Johane 4:16.

  23. Marku 5:36.

  24. Johane 15:10.

Shicilela