Ngo-2017
Umfundisi ongenalo ibheji
NgoJuni 2017


Intsha

Umfundisi ongenalo ibheji

Esikoleni ngino thisha ongathandi ukuphikiswa kunoma yisiphi isihloko. Ngelinye ilanga sakhuluma ngabefundisi beBandla labaNgcwele beziNsuku zokuGcina. Ngangazi ukuthi ngangizokwazi ukuyiphendula imibuzo yakhe, kodwa ngabona kungcono ngingazami. Ngakho-ke ngavele ngakhuluma okwakuzomnelisa okwesikhashana.

Emasontweni ambalwa adlula ngangilokhu ngicabanga ngengxoxo yethu. Ekugcineni, ngafikelwa wumcabango wokumnika iNcwadi kaMormon ngidwebele kuyo imishwana embalwa ekhuluma ngomsebenzi wobufundisi. Lomcabango wawungesabisa, kodwa wawulokhu ukhona. Ngangazi ukuthi kwakufanele ngenze engangitshelwa ngaphezulu.

Emva kwezinyanga ezimbili, ngase ngiyilungisile iNcwadi kaMormon. Usuku lonke ngezwa sengathi incwadi yayishisa imbobo esikhwameni sami esingemuva. Kuleyo mzuzwana emthathu ngimnika yona ngesikhathi sengiya emaholidini asebusika ngangesaba kakhulu.

Ngosuku lokuqala sengibuyile, ngedlula eklasini lakhe kodwa ngesaba ukungena. Ngase ngimuzwa engibiza, wanginika ikhadi. Ngalifunda sengihamba. Wayebhale ukuthi wayeyitadishile “kakhulu” imishwana engangiyidwebele, futhi wayeseqala ukuzibona izizathu zokholo lwami.

Sekuyangijabulisa ukwabelana ngevangeli manje, futhi sekungijabulisa kakhulu ukusebenzela uBaba oseZulwini ngokuya emsebenzini wokushumayela ivangeli.

Shicilela