Ngo-2017
Ukubizelwa Emsebenzini
NgoJuni 2017


UMlayezo wobuMongameli bokuQala, ngo Juni 2017

Ukubizelwa EmsebenziniUMongameli uMonson ukhuthaza labo abemukele ubizo lokusebenza njengabefundisi.

Isithombe
UMongameli uThomas S. Monson

Ngesikhathi uMphrofethi uJoseph Smith ebiza iGosa uHeber C. Kimball (1801–68) ukuba “ayovula umnyango wensindiso” njengomfundisi eNgilandi, iGosa uKimball wazibona engenalo ikhono lokukwenza lokho.

Wabhala wathi “O Nkosi, ngiyindoda enamalimi, futhi angiwulungele umsebenzi onjenga lona.”

Nakuba kunjalo, iGosa uKimball walamukela lolo bizo, ethi: “Imicabango enjengalena ayizange ingiyekise ukuwenza lomsebenzi; nganele ngayiqonda kahle intando kaBaba oseZulwini, ngazimisela ukuhamba ngiyowenza noma kunjani, ngikholwa wukuthi wayezongisiza ngamandla Akhe amakhulu, futhi wayezongipha konke engangikudinga.”1

Bafowethu nodadewethu abasebasha ababizelwe emsebenzini wobufundisi, nibizelwe kulomsebenzi ngoba, njenge Gosa uKimball, “ninentshisekelo yokusebenzela uNkulunkulu” (Mf&V 4:3) futhi nikulungele lokho futhi nifanelekile.

Nani enibadala enishadile, nibizelwe kulo msebenzi ngezizathu ezifanayo. Kodwa nina aninayo nje kuphela intshisekelo yokusebenza kodwa futhi ninokuhlakanipha enikuthole ezikhathini eziningi nizinikela, nikhombisa uthando, futhi senihlangabezane nokuningi uBaba oseZulwini angakusebenzisa ukuze athinte izinhliziyo zamadodana namadodakazi Akhe afuna iqiniso. Akungabazeki ukuthi senikufundile ukuthi ngeke sayithanda ngeqiniso iNkosi ngaphandle kokuthi siyisebenzele ngokuthi sisebenzele abanye.

Kuleyo ntshisekelo yenu yokusebenza njengabefundisi, nizokwengeza ukholo namandla, isibindi nokuzethemba, ukuzimisela nokuqina, ukuphokophelela nokuzinikela. Abefundisi abazinikelayo bangenza izimangaliso emsebenzini wokushumayela ivangeli.

UMongameli uJohn Taylor (1808–87) wabeka kafushane lokho okudingeka abefundisi babe nakho ngalendlela: “Uhlobo lwamadoda (nabesifazane nabashadile) afunekayo azophatha umyalezo waleli vangeli ngamadoda anokholo kuNkulunkulu; amadoda anokholo enkolweni yawo; amadoda abuhloniphayo ubuphristi bawo; amadoda … uNkulunkulu awethembayo. … Sifuna amadoda agcwele uMoya oNgcwele namandla kaNkulunkulu[,] … Amadoda ahloniphekile, aqotho, anesimilo futhi amsulwa.”2

INkosi isithe:

“Ngokuba bhekani insimu imhlophe isilungele ukuvunwa; futhi bheka, lowo oshwiba isikela lakhe ngamandla akhe, yena lowo uzilondolozela ukuthi angashatshalaliswa, kodwa uzilethela insindiso emoyeni wakhe;

“Futhi ukholo, ithemba, isihe, nothando, ngeso eliqonde inkazimulo kaNkulunkulu, kumnika ikhono lalomsebenzi.” (Mf&V 4:4–5).

Ubizo lwenu luze ngokushisekeliswa. Ngiyafakaza ukuthi lowo uNkulunkulu ambizayo, umnika konke akudingayo. Nizoluthola usizo lwasezulwini ngesikhathi nisebenza nihleli emkhulekweni esivinini yeNkosi.

Isethembiso esihle iNkosi eyasinika abefundisi ekuqaleni kwalolu hlelo lwempatho, njengoba sitholakala kwiMfundiso neziVumelwano, sizoba ngesenu: “Ngizoba kwesokudla senu nakwesobunxele senu, futhi uMoya wami uyoba sezinhliziyweni zenu, futhi izingelosi zami zinizungeze, ukuze zinithwale.” (iMf&V 84:88).

Ngesikhathi nisebenza ngokusiza, niyoba nabangani abahle nokuningi okuhle eniyohlala nikukhumbula. Ayikho insimu engiyaziyo eveza isivuno esiningi senjabulo njengensimu yomsebenzi wokushumayela ivangeli.

Sengizokhuluma ngibhekise kulawo magosa, odadewethu, nabashadile abangeke bakwazi ukuwuqedela umsebenzi wabo ensimini, ngenxa yanoma yisiphi isizathu: INkosi iyanithanda. Iyawuthanda umnikelo eniwenzayo. Iyakwazi ukudumala kwenu. Yazini ukuthi isenomsebenzi enibekele wona. Ningamvumeli uSathane anitshele okunye. Ningashoni phansi; ningaphel’ amandla; ningaphelelwa yithemba.

Njengoba ngasho emhlanganweni omkhulu masinyane nje emva kokuba ngibizwe ukuba ngihole iBandla: “Ningesabi. Thokozani. Ikusasa liqhakazile njengo kholo lwenu.”3 Leso sethembiso sisamile nakini. Ngakho-ke ningalulahli ukholo lwenu, ngoba iNkosi isenokholo kini. Gcinani izivumelwano zenu niqhubekele phambili.

Umhlaba uyalidinga ivangeli likaJesu Kritu. Sengathi iNkosi ingababusisa bonke abaNgcwele Bayo—noma ngabe basebenza kuphi—ngehliziyo yomfundisi.

Imithombo okuthathwe kuyo lemfundiso

  1. Heber C. Kimball, in Orson F. Whitney, Life of Heber C. Kimball 3rd ed. (1967), 104.

  2. Teachings of Presidents of the Church: John Taylor (2001), 73.

  3. Thomas S. Monson, “Be of Good Cheer,” Liahona, May 2009, 92

Shicilela