Ngo-2017
Injabulo njengoMfundi kaJesu Kristu
Ngo-Agasti 2017


Intsha

Injabulo njengoMfundi kaJesu Kristu

Uke waba nosuku olubi? Wenzani ukuze ujabule? UMongameli Uchtdorf uyazi ukuthi “sonke sinezinhliziyo ezibuhlungu, ukudumala, nezinsizi. Singazizwa singenalo ugqozi futhi ngezinye izikhathi singaphela amandla.”

Isixazululo sakhe kube yilokho akubiza ngokuthi “impilo yomfundi”: “hlala uthembekile futhi uhlale okholweni.” Ngesikhathi sihlezi okholweni, siyakwazi ukuthemba uNkulunkulu, sigcine imiyalelo Yakhe, futhi sisebenzele abanye—futhi sizwe injabulo kukho konke! Njengoba uMongameli Uchtdorf eshilo, “Labo abaphila impilo yomfundi … yilabo izenzo zabo ezincane ezijwayele ukwenza umehluko omkhulu.”

Cabanga ngokubhala uhla lwezindlela ongaphila ngazo impilo yomfundi. Njengesibonelo, ungabhala phansi ngokusebenzela omunye njengoku “siza umzali alungise isidlo santambama” noma ngokugcina imiyalelo njengoku “thandazela ukuba nesineke kulabo engizalwa nabo.” Ngokuzayo uma uzizwa udiniwe noma uphela amandla, khipha uhla lwakho, khetha okukodwa kwalokhu okubalwe ngenhla, bese uyakuzama!

Shicilela