Ngo-2017
Ukuphila Impilo Engcwelisiwe
Ngo-Agasti 2017


UMlayezo Ofundiswa Ngokuvakashelana, Agasti 2017

Ukuphila Impilo Engcwelisiwe

Ngomkhuleko funda lemibhalo ngenhloso yokufuna ukwazi ngalokho ongakhuluma ngakho. Ukwazi ngenhloso yeNhlangano Yabesimame Yenkululeko kuwalungiselela kanjani amadodakazi kaNkulunkulu ukuba athole izibusiso zempilo engunaphakade?

Isithombe
Relief Society seal

Ukholo Umndeni Insizakalo

“Ukungcwelisa ukuhlukanisa noma ukunikela into njengengcwele,” kusho iGosa D. Todd Christofferson womGwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili. “Impumelelo yangempela kulempilo wukungcwelisa izimpilo zethu––okusho izikhathi zethu nalokho esithanda ukukwenza––ukuze sifeze izinhloso zikaNkulunkulu.”1

IGosa Neal A. Maxwell (1926–2004) womGwamanda wabaPhostoli abayiShumi namBili wathi, “Sivame ukucabanga ngokungcwelisa njengokunikela kuphela, uma siholwe kuNkulunkulu, izinto zethu eziphathekayo. Kepha ukungcwelisa okukhulu ukuzinikela thina uqobo kuNkulunkulu.”2

Ngesikhathi sizinikela thina ukuze kufezeke izinhloso zikaNkulunkulu, ukholo lwethu kuJesu Kristu nakwiNhlawulo Yakhe luzokhula. Ngesikhathi siphila impilo engcwele, singenziwa sibe ngcwele ngalezo zenzo.

UCarole M. Stephens, uMeluleki wokuQala kwiNhlangano Yabesimame Yenkululeko, wathi: “IGosa Robert D. Hales wasifundisa wathi, ‘Uma senza futhi sigcina izivumelwano, siyaphuma emhlabeni singena embusweni kaNkulunkulu.’

“Siyaguqulwa. Sibukeka sihlukile, futhi senza okwehlukile. Izinto esizilalelayo nesizifundayo nesizishoyo zihlukile, futhi nesikugqokayo kuhlukile ngoba siba amadodakazi kaNkulunkulu azibophezele kuYe ngezivumelwano.”3

Ukungcwelisa isivumelwano uNkulunkulu asenza “nendlu ka-Israyeli; Emva kwalezo zinsuku,” kusho iNkosi, ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami” (Jeremiya 31:33). Ukuphila impilo engcwelisiwe kuhambisana nesu likaNkulunkulu analo ngathi.

Eminye imiBhalo eNgcwele

1 Thesalonika 1:3; IMfundiso neziVumelwano 105:5;

reliefsociety.lds.org

Imithombo okuthathwe kuyo le mfundiso

  1. D. Todd Christofferson, “Reflections on a Consecrated Life,” Liahona, Nov. 2010, 16.

  2. Neal A. Maxwell, “Consecrate Thy Performance,” Liahona, July 2002, 39.

  3. Carole M. Stephens, “Wide Awake to Our Duties,” Liahona, Nov. 2012, 115–16.

Shicilela