Ngo-2017
Impilo yoMfundi
Ngo-Agasti 2017


UMyalezo wobuMongameli bokuQala, Agasti 2017

Impilo yoMfundi

Eminyakeni engamashumi amathathu edlule eGhana, umfundi wasekolishi osemusha obizwa ngoDoe wanyathela ngaphakathi kwendlu yokuhlangana yaleliBandla okokuqala. Umngani wakhe wayemumemile uDoe ukuba eze naye, futhi uDoe wayefuna ukwazi kabanzi ngaleli Bandla.

Abantu lapho babephathana kahle kangangoba wagcina esezibuza ethi, “Yisonto elinjani leli?”

UDoe wathinteka kangangoba wafisa ukwazi kabanzi ngesonto nabantu balo, ababegcwele injabulo eningi. Kepha, masinyane nje eseqale ukwenza lokho, umndeni nabangani ababengaqonde lutho olubi baqala ukumphikisa kakhulu. Bakhuluma izinto ezimbi ngeBandla futhi benza konke okusemandleni ukumshintsha umqondo.

Kepha uDoe wayesethole ubufakazi.

Wayenokholo, futhi wayelithanda ivangeli, elaligcwalisa impilo yakhe ngenjabulo. Ngakho-ke, wangena emanzini okubhabhadiswa.

Emuva kwalokho, wazinikela ekufundeni nasemthandazweni. Wazila ukudla futhi wafuna izimfundiso zikaMoya oyiNgcwele empilweni yakhe. Ngenxa yalokho, ubufakazi nokholo lukaDoe kwakhula ngamandla. Wagcina ekhethe ukuthunyelwa emsebenzini weNkosi isikhathi esigcwele.

Emuva kokubuya emsebenzini weNkosi, wezwana futhi wagana umfundisi naye owayebuya emsebenzini weNkosi—yena kanye owayemubhabhadisile eminyakeni edlule—kwathi kamuva bahlanganiswa babamunye eThempelini laseJohannesburg eSouth Africa.

Sekudlule iminyaka eminingi uDoe Kaku ezwa injabulo yevangeli likaJesu Kristu okokuqala. Kuleso sikhathi, impilo yayingahlezi inomusa kuye. Useke wezwa ubuhlungu benhliziyo nokuphelelwa yithemba, okunye okwaba wukulahlekelwa ngabantwana ababili—usizi lwalezo zehlakalo lusamhlupha namanje enhliziyweni yakhe.

Kepha yena nomkhwenyana wakhe, u-Anthony, bazamile ukuhlezi besondelene nokuba seduze noBaba oseZulwini, abamuthundayo ngenhliziyo yabo yonke.

Namhlanje, eminyakeni engu-30 angena emanzini okubhabhadiswa, uDade uKaku usanda kubuya emsebenzini weNkosi—kulokhu ubesebenza ndawonye nomyeni wakhe, owaye ngumongameli wemishini yaseNigeria.

Labo abamaziyo uDade uKaku bathi kukhona okukhethekile ngaye. Uyakhanya. Ngeke wachitha isikhathi naye ngaphandle kokuzizwa ujabulile nawe.

Ubufakazi bakhe buqinisekile: “Ngiyazi ukuthi uMsindisi ungibona njengendodakazi nomngani Wakhe (bheka ku Mosiya 5:7; Etere 3:14).” “Futhi ngizama kakhulu ukuba umngani Wakhe nami—hhayi ngalokho engikushoyo kuphela kepha nangalokho engikwenzayo.”

Singabafundi

Indaba kaDade uKaku icishe ifane neyabanye abaningi. Waba nesifiso sokwazi iqiniso, wenza lokho okudingekayo ukuze athole ukukhanya ngokomoya, wamthanda uNkulunkulu nabanye abantu, futhi wabhekana nobunzima nosizi.

Kepha noma kukhona ubunzima, noma kukhona usizi, wayelokhu ehleli okholweni. Futhi phezu kwalokho, wahlala enjabulweni yakhe. Wathola indlela yokuphila nobunzima!

Indaba yakhe icishe ifane neyakho neyami.

Akujwayelekile ukuba uhambo lwethu lube lula noma lungabi nakho ukuvivinywa.

Sonke siyakuzwa ubuhlungu benhliziyo, ukudumala nosizi.

Singaze sizwe siphelelwa wugqozi futhi ngezinye izikhathi siphela amandla.

Kepha labo abaphila impilo yomfundi—abahlala bethembekile futhi abahlala okholweni; abathemba uNkulunkulu futhi begcina imiyalelo Yakhe;1 abaphila ivangeli ngosuku nosuku nehora ngehora; abasiza abanye njengoKristu—yilabo izenzo zabo ezincane ezijwayele ukwenza umehluko omukhulu.

Labo abanomusa, abaxolelanayo, yilabo abayothula umusa.2 Labo abenza lo mhlaba ube ngcono, ngesenzo esisodwa ngesikhathi sokunakekela nothando, futhi abazama ukuphila impilo ebusisekile, enelisayo, futhi enokuthula yomfundi kaJesu Kristu yilabo abazogcina bethole injabulo.

Bazokwazi ukuthi “uthando lukaNkulunkulu, oluzisabalalisa ndawo zonke ezinhliziyweni zabantwana babantu … luthandeka kakhulu ngaphezu kwezinto zonke … futhi luyintokozo enkulu emphefumulweni.”3

Shicilela