Ngo-2017
Ukufisa Ukuthwalisana Imithwalo
NgoDisemba 2017


UMyalezo Okufundiswa Ngokuvakashelana, uDisemba 2017

Ukufisa Ukuthwalisana Imithwalo

Ngomkhuleko funda lemibhalo ngenhloso yokufuna ukwazi ngalokho ongakhuluma ngakho. Ukwazi ngenhloso yeNhlangano Yabesimame Yosizo kuwalungiselela kanjani amadodakazi kaNkulunkulu ukuba athole izibusiso zempilo yaphakade?

Ukholo, Umndeni, Usizo

“Sizungezwe yilabo abadinga ukunakekelwa yithi,ukugqugquzelwa yithi, ukusekelwa yithi, ukududuzwa yithi, ukukhuthazwa yithi, kanye nomusa wethu,” kwasho uMongameli uThomas S. Monson. “Yithina izandla zeNkosi lapha emhlabeni, sigunyaziwe ukuba sisebenze ngokusiza futhi siphakamise abantwana Bakhe. Yena uthembele kithina sonke.”1

UMongameli uHenry B. Eyring, uMeluleki wokuQala kubuMongameli bokuQala, wathi: “Ushintsho olukhulu lwenzeka enhliziyweni yakho ngenkathi ungena kuleli Bandla. Wenza isivumelwano, futhi wathola isethembiso esaqala ukushintsha isimo sakho. …

“… Wethembisa ukuthi uzosiza iNkosi ekwenzeni izinkinga [zabanye’] zibe lula futhi nokuthi baduduzeke. Wanikezwa amandla okuba usize ekuthuleni leyo mithwalo ngenkathi uthola isipho sikaMoya oyiNgcwele.”2

“Sifuna ukusebenzisa isibani sevangeli ukuze sibone abanye njengoba uMsindisi ebabona—ngothando, ngethemba, kanye nozwelo,” kwasho uJean B. Bingham, uMongameli Jikelele weNhlangano Yabesimame Yosizo. “Siyeza isikhathi lapho siyoziqonda kahle izinhliziyo zabanye futhi nathi siyogcwala ukubonga ngomusa esenzelwe wona––njengoba nathi sinemicabango emihle ngabanye futhi sikhuluma kahle nabo…

“Isibophezelelo sethu ukuba samukele ushintsho kuwo wonke umuntu njengoba sonke sizama ukufana kanye noMsindisi wethu.”3

Ngesikhathi sithwalisana imithwalo futhi sigcina izivumelwano zethu, sivula indlela yokuthi uJesu Kristu akwazi ukubelapha abanye. IGosa uJeffrey R. Holland woMgwamanda wabaPhostoli Abayishumi naMbili wasifundisa wathi: “Uma sicabanga ngobunzima obungaqondakali boNqamulezo neNhlawulo, ngiyanethembisa ukuthi Akasoze asifulathela manje. Uma ethi kulabo abadabukile emoyeni, ‘Wozani kimi,’ usho ukuthi uyayazi indlela yokuphuma futhi nendlela eya phezulu. Uyayazi ngoba Yena wayihamba. Uyayazi indlela ngoba Yena uyiyo indlela.”4

Eminye imiBhalo eNgcwele

uMathewu 25:40; KwabaseGalathiya 6:2; uMosiya 2:17; 18:8–9

Imithombo okuthathwe kuyo le mfundiso

  1. uThomas S. Monson, “Serve the Lord with Love,”Liahona, Feb 2014, 4

  2. Henry B. Eyring, “The Comforter,” Liahona, May 2015, 18.

  3. Jean B. Bingham, “I Will Bring the Light of the Gospel into My Home,” Liahona, Nov. 2016, 6, 8.

  4. Jeffrey . Holland, “Broken Things to Mend,” Liahona, May 2006, 71.

Shicilela