Ngo-2021
Kwakudingeka Umfana ukuba Kusinde Isigodi
Ngo-Ephreli 2021


“Kwakudingeka Umfana ukuba Kusinde Isigodi,” For the Strength of Youth (Okwakha Intsha), Ngo-Ephreli 2021, 10–11.

UMyalezo waNyanga zonke webhukwana elithi For the Strength of Youth (Okwakha Intsha) ngo-Ephreli 2021

Kwakudingeka Umfana ukuba Kusinde i Sigodi

UTom Fanene wayeneminyaka eyi-12 ubudala nje vo, kodwa ngesikhathi igciwane elibhubhisayo lihlasela isigodi sakubo eSamoa, wabizwa ukuba azokwenza izinto ezinkulu.

Isithombe
Isiqhingi saseSamoa nomfana osiza ogulayo ohlala khona esigodini.

Umfanekiso wenziwe nguJames Madsen; isithombe sivela kwabakwaGetty Images.

Njengoba indaba ephathwayo kulonyaka ithi, “nibeka isisekelo somsebenzi omkhulu” (IMfundiso neziVumelwano 64:33). Ezikhathini zonke zomlando weBandla, intsha ihlezi idlala indima ebalulekile ezikhathini ezibucayi ekwakheni umbuso kaNkulunkulu. Nasi isibonelo esisodwa.

Ubhubhane lwasesiQhingini

Eminyakeni engaphezulu kwekhulu eyedlula, eziqhingini zabantu baseSamoa Olwandle iPacific, umfana obizwa ngoTom Fanene waba lusizo olubalulekile ngesikhathi sokufa nokuphila kumalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina.

UTom wayehlala esigodini esibizwa ngokuthi iSauniatu, esasungulwa ngabaNgcwele beziNsuku zokuGcina kuleyo ndawo abasakha njengendawo yokuba bakwazi ukuhlanganyela futhi babe ngumphakathi. NjengabaNgcwele baNkulunkulu kwezinye izikhathi nakwezinye izindawo, babhekana nobunzima kanye nezimangaliso njengoba babesebenza ndawonye ukwakha umbuso kaNkulunkulu. Obunye bobunzima bafika ngonyaka ka-1918, ngesikhathi ubhubhane lomkhuhlane lufika esigodini.

Ngokushesha emuva kokuba lesifo sifikile, sasibhubhisa, futhi sabhebhetheka ngokushesha. Cishe bonke abantu ababalelwa kumakhulu amane besigodi babelele phansi ngenxa yaso. Bambalwa kuphela kubo ababekwazi ukuvuka phansi: indoda endala noTom owayeneminyaka eyi-12 ubudala.

Ukholo nokuSebenza Kanzima.

Umndeni kaTom waba nokholo ngesikhathi ubhekene nokugula ngaphambilini futhi wawusubone izimangaliso ngenxa yalokho. Umfowabo kaTom omncane u-Alilama wayegula eminyakeni engaphambilini. Uyise, u-Elisala, waba nephupho lapho anikwa khona iseluleko mayelana nayengakwenza ukunakekela u-Ailama: thola isihlahla esibizwa ngokuthi i-wili wili, ususe amagxolo, usishaye kuze kuphume ujusi. U-Elisala wakwenza lokhu futhi wamnika u-Ailama ujusi, owawuphuza futhi welulama ngokushesha. Ngakho ke uTom wayebonile ukuthi ukuba nokholo kungasiza kanjani ukunqoba ukugula.

Ngesikhathi somkhuhlane owubhubhane ngonyaka ka-1918, uTom waba nokholo ngesikhathi esebenza kanzima ukunakekela abantu basesigodini. “Njalo ekuseni ngangihamba umuzi nomuzi ukupha abantu ukudla nokubageza kanye nokuthola ukuthi ngubani owayeshonile,” kusho yena.

Wayelanda amanzi ngamabhakede emthonjeni awahambise umuzi nomuzi. Wayegibela ezihlahleni zakhukhunathi, awusike, futhi awuvule ukukhipha ujusi awunike abagulayo. Futhi wayebulala zonke izinkukhu esigodini ukwenzela umndeni ngamunye isobho.

Ukwenza Umehluko

Ngesikhathi salolubhubhane, ingxenye yabantu eSamoa bashona bebulawa wumkhuhlane. Abanye babantu esigodini sakwaTom nabo bashona. UTom wasiza ukumba amathuna kanye nokungcwaba abantu ababengaphezulu kwamashumi amabili, okubalwa kubo noyise, u-Elisala.

Kodwa sibonga ukusebenza kanzima nokunakekela ngothando kukaTom, abantu abaningi esigodini sakubo baphila. Wenza umehluko omkhulu kulabo bantu nasekwakheni umbuso weNkosi eSamoa. Waye “beka isisekelo somsebenzi omkhulu.”

Futhi nawe ngendlela yakho, wenza lokho.

Kungenzeka ungabizelwa ukuba wenze zonke izinto uTom azenza, kodwa empeleni nawe uyalusebenzisa ukholo ngezindlela eziningi ukwenza umehluko kuwe, kwabanye, nasemsebenzini wokwakha umbuso kaNkulunkulu.

Wakha isibonelo somndeni wakho, abangani, kanye nabanye ngokutshengisa ubuhle, ukubekezela, umusa, kanye nothando. Usiza abanye. Ufunda imibhalo engcwele futhi uyakhuleka. Wabelana ngamaqiniso evangeli likaJesu Kristu elibuyiselwe.

Ngesikhathi sonyaka odlule, iningi lenu belenza lezi zinto libe libhekene nemiphumela yobhubhane. Mhlawumbe awukakawalandi amanzi emfuleni noma ukhe ukhukhunathi ezihlahleni futhi wanakekela abantu abangamakhulu amane ukuba baphile, kodwa ukwazile ukunika abantu induduzo, ithemba, injabulo, kanye nokuthula ngezindlela eziningi.

Ukholo lwakho nokuzinikela kwakho emsebenzini nasekusizeni abanye kubaluleke kakhulu okudlula iminyaka yakho yobudala. Izibonelo zokwenzeke ngaphambilini, njengesikaTom Fanene, zingakusiza ukuba ubone ukuthi uyadingeka ekubekeni isesekelo somsebenzi kaNkulunkulu omkhulu.