Ngo-2021
UJesu Kristu Wasisindisa Esonweni naseKufeni
Ngo-Ephreli 2021


“UJesu Kristu Wasisindisa Esonweni naseKufeni,” iLiyahona, ngo-Ephreli 2021

Umlayezo waNyanga zonke we Liyahona ngo-Ephreli 2021

UJesu Kristu Wasisindisa Esonweni naseKufeni

Ngenxa yomnikelo Wakhe, sonke sinethuba lokuthola ukuthula nenjabulo yaphakade.

Isithombe
Isidlo Sakusihlwa Sokugcina

Christ Creating the Earth (UKristu eDala uMhlaba), nguRobert T. Barrett

UJesu Kristu simbiza ngoMsindisi wethu. Lokho kuyingoba Wakhokhela izono zethu futhi wanqoba amandla okufa. Wasisindisa! Umnikelo Wakhe awenzela thina, obizwa ngeNhlawulo, uyisehlakalo esibaluleke kakhulu esake senzeka. Ngenxa Yakhe, ukufa akusiso isiphetho. Ngenxa Yakhe, singaxolelwa izono zethu, sihlanzeke, futhi sikhule sibengcono nsuku zonke.

UJesu Kristu WayeyiZibulo

Ngaphambi kokuza emhlabeni, sasihlala nabazali bethu basezulwini. NjengeZibulo, uJesu Kristu wasiza ekudaleni lomhlaba omuhle. Wakhethwa ukuba abe nguMsindisi wethu futhi wavuma ukuzalwa emhlabeni ukuze Abe yisibonelo esihle, asifundise ivangeli Lakhe, futhi asihlawulele.

Isithombe
UJesu Kristu Ekhuleka eGetsemane

O My Father (O Baba), nguSimon Dewey

UJesu Kristu Wakhokhela iZono Zethu

Ngesikhathi uJesu Kristu Esazi ukuthi wayesezofa maduze, Waya ensimini ebizwa ngeGetsemane ukuyokhuleka. Esakhuleka, Waqala ukukhokhela izono zethu. Wakhetha ukuzwa ubuhlungu obukhulu ukuze singabe sisabuzwa thina—uma siphenduka. Ngesikhathi siphenduka ezonweni zethu futhi esikhundleni salokho silandela uMsindisi, singathola ukuxolelwa nokwelapheka. Ngenxa yalokhu okwenzeka Kuye eGetsemane, uJesu uqonda kahle ukuthi kunjani ukuba yithi. Wakuzwa konke ukudabuka kwethu, ukugula, nezinhlungu zethu. Lena yingxenye yokuqala yeNhlawulo.

Isithombe
ukungcwatshwa kukaKristu

The Burial of Christ (Ukungcwatshwa KukaKristu), nguCarl Heinrich Bloch

UJesu Kristu Wanqoba Ukufa

Emva komkhuleko Wakhe eGetsemane, uJesu wakhashelwa, waboshwa, wagwetshwa ukuba abulawe ngokubethelwa. Yize Ayenamandla onke, uJesu Wazivumela ukuba afe esiphambanweni. Abalandeli bakhe babeka umzimba wakhe ngothando ethuneni. Babengaqondi ukuthi yize umzimba Wakhe wawufile, umoya Wakhe wawuphila ezweni lemimoya. Emva kwezinsuku ezintathu, uJesu wavuka futhi wabavakashela, ebonakalisa ukuthi wayekwazi ukunqoba ukufa. Lokhu kwayiphelelisa iNhlawulo. Ngenxa yokuthi uJesu wavuka, nathi sizophila futhi emva kokufa.

Isithombe
UKristu noMariya ethuneni

He Lives (Uyaphila), nguSimon Dewey

Incazelo kaKhisimusi nePhasika

Umhlaba wonke ugubha amaholidi amabili asisiza sikhumbule iNhlawulo kaJesu Kristu. Ngesikhathi sikaKhisimusi, sikhumbula ngokubonga ukuthi uJesu wazinikela ukwamukela umsebenzi wokuza emhlabeni, yize lokho kwakuhlanganisa nokuthi wayezozwa ubuhlungu futhi afele izono zethu. IPhasika ligubha ukunqoba isono nokufa kukaMsindisi, okusinika ithemba lenjabula yaphakade ezayo.

Isithombe
UKristu ebiza uPetru no-Andreya

Christ Calling Peter and Andrew (UKristu Ebiza uPetru no-Andreya), nguJames Taylor Harwood

Ngabe Imibhalo Engcwele Ithini ngeNhlawulo yoMsindisi na?

Ngoba uJesu usazi ngokuphelele, Angakwazi “ukusisiza,” (bheka ku Alima 7:11–12).

UMsindisi uyakuqonda ukudabuka nosizi lwethu (bheka ku Isaya 53:2–5).

UNkulunkulu wathumela uJesu ukuba asisindise ngoba uNkulunkulu usithanda sonke ngabanye (bheka NgokukaJohane 3:16–17).

UJesu wabakhulekela abalandeli bakhe, okubalwa kubo nathi, ukuba sivikeleke ebubini nokuthi sibemunye Naye kanye noBaba oseZulwini (bheka NgokukaJohane 17).

UMsindisi wethu usimema ukuba simlandele futhi sibuyele Kuye (bheka IMfundiso neziVumelwano 19:16–19, 23–24; 132:23).