Ngo-2021
ODade bakwaRollins Beza Nesisombululo!
ngoJuni 2021


ODade bakwaRollins Beza Nesisombululo! Friend (Umngani), ngoJuni 2021

Umyalezo Wanyanga Zonke we Friend (Umngani) ngoJuni 2021

ODade bakwaRollins Beza Nesisombululo!

Isithombe
UJoseph Smith ebheke amaphepha

Imifanekiso yenziwe ngu-Apryl Stott

UJesu Kristu watshela uJoseph Smith izinto eziningi ezibalulekile ukusiza thina. IBandla lamisa umshini wokushicilela ukuze lishicelele amazwi kaJesu. Ngaleyo ndlela abantu babezokwazi ukuwafunda.

Isithombe
amadoda asakaza amaphepha

Ngolunye usuku, kwafika amadoda ayecasukile. Awuphula umshini wokushicilela. Aphosa amakhasi emibhalo engcwele emgwaqweni.

Isithombe
amantombazane ebaleka namaphepha

Odade ababili okwakunguMary Elizabeth noCaroline Rollins bakubona okwakwenzeka. Bagijima baqoqela ndawonye lawo makhasi.

Isithombe
amantombazane ecashe ensimini yombila

Lamantombazane acasha ensimini yombila aze ahamba lamadoda. Ayisindisa imibhalo engcwele! Leyo mibhalo kamuva yaba ingxenye yeMfundiso neziVumelwano.

Isithombe
intombazane nogogo bafunda imibhalo engcwele ebhasini

Ngiyakwazi ukufunda imibhalo engcwele. Ngingaba nesibindi futhi ngimele lokho engikholelwa kukho.

Ikhasi Lokufaka Imibala

Ngingaba Nesibindi

Isithombe
umntwana ethola umjovo

Yini ekusizayo ukuba ube nesibindi na?

Shicilela