Ngo-2021
Ngabe Yini ubuNkulunkulu na?
ngoJuni 2021


“Ngabe Yini ubuNkulunkulu na?,” iLiyahona, yangoJuni 2021

Umlayezo Wanyanga Zonke we Liyahona, yangoJuni 2021

Ngabe Yini ubuNkulunkulu na?

UBaba oseZulwini, uJesu Kristu, noMoya oNgcwele bangabantu abathathu abehlukene kodwa abamunye ngenhloso.

Isithombe
UmBono wokuQala

Isithombe se First Vision [umBono wokuQala], nguJon McNaughton

Umhleli wephephandaba wake wabuza umPhrofethi uJoseph Smith ukuthi ngabe amalungu eBandla likaJesu Kristu labaNgcwele beziNsuku zokuGcina anaziphi izinkolelo. Ephendula, umPhrofethi wabhala imisho ngezinkolelo zeBandla eyi-13 esiyibiza ngokuthi ImiBhalo yoKholo. Umusho wokuqala uthi, “Sikholwa kuNkulunkulu, uBaba waPhakade, nakuyo iNdodana Yakhe, uJesu Kristu, nakuMoya oNgcwele” (ImiBhalo yoKholo 1:1). Laba bobathathu sibabiza ngokuthi nguNkulunkulu iNhloko.

UNkulunkulu, uBaba waPhakade

UNkulunkulu unomzimba ovuke ekufeni wenyama namathambo. UnguBaba wemimoya yethu. Ubathanda bonke abantwana Bakhe ngokuphelele. UNkulunkulu ulunge ngokuphelele, ungumninimandla onke, futhi wazi konke. Unokulunga, unomusa futhi unobubele. Sasiphila noNkulunkulu siyimimoya ngaphambi kokuba sizalwe. Wasithumela emhlabeni ukuze sifunde nokuthi sikhule. Isifiso esikhulu sikaNkulunkulu wukuthi umntwana Wakhe ngamunye abuye azohlala naye futhi emva kokufa . UNkulunkulu usifundisa ukuthi kufanele silandele uJesu Kristu ukuze sibuyele kuNkulunkulu.

Isithombe
UJesu Kristu eShumayela eZweni lemiMoya

Christ Preaching in the Spirit World [UKristu eShumayela eZweni LemiMoya], nguRobert T. Barrett

UJesu Kristu

UJesu Kristu naye unomzimba ovuke ekufeni wenyama namathambo. Uyindodana yokuqala kaNkulunkulu. Ngaphambi kokuba sizalwe, uNkulunkulu wakhetha Yena ukuthi abe ngumSindisi wethu. Lokhu kuchaza ukuthi uJesu weza emhlabeni ukuzoba yisibonelo sethu, ukuzofundisa ivangeli Lakhe, ukuzohlawulela izono zethu nokuzosisindisa ekufeni. Ngenxa kaJesu Kristu, singathethelelwa izono zethu uma siphenduka. UJesu Kristu waphinde wadlula enhluphekweniyokuningi ukuze azi ukuthi angasisiza kanjani. UJestu Kristu wafa waphinde wavuka kwabafileyo, okwenza ukuthi wonke umuntu akwazi ukuphila futhi.

Isithombe
Ukungcwatshwa kukaKristu

Isithombe sivela kwabakwa Getty Images

UMoya oNgcwele

UMoya oNgcwele uyilona kuphela ilungu lobuNkulunkulu elingenawo umzimba wenyama. Ungumoya. UMoya oNgcwele uyakwazi ukukhuluma ngqo nemimoya yethu. Uyafakaza kithi ukuthi uNkulunkulu uyaphila nokuthi uJesu Kristu ungumSindisi wethu. UMoya oNgcwele usebenza njengesithunywa sikaNkulunkulu esisinika imizwa yothando, ukuqondiswa, noma induduzo. Ngesikhathi sibhabhadiswa futhi siqiniswa, siphiwa isipho sikaMoya oNgcwele. Emva kokubhabhadiswa kwethu, uMoya oNgcwele ungahlala nathi njalo uma kuwukuthi siyayigcina imiyalelo kaNkulunkulu.

Isithombe
UmBono wokuQala

First Vision [UmBono wokuQala], nguWalter Rane

UmBono wokuQala kaJoseph Smith

Ngokuhamba kwesikhathi abantu babe nokudideka ngobuNkulunkulu. Abantu sebeke baphikisana ngokuthi unjani uNkulunkulu, uJesu Kristu noMoya oNgcwele. Yingakho umBono wokuQala kaJoseph Smith wawubaluleke kakhulu. Wabona ukuthi uBaba oseZulwini noJesu Kristu banemizimba futhi bangabantu abehlukene.

Isithombe
Ukulalela

Listening [Ukulalela], nguMichael Jarvis Nelson

Behlukene kodwa baMunye

Imibhalo engcwele nabaphrofethi bamanje basifundisa ukuthi uNkulunkulu, uJesu Kristu noMoya oNgcwele bangabantu abehlukene abenenhloso efanayo: ukufeza ukungafi nokuphila kwaphakade kwethu (bheka uMose 1:39). Njengamalungu eqembu elifanyo, Basebenza ndawonye ukusisiza mihla namalanga. Singazizwa sisondelene Nabo uma siphenduka ezonweni zethu sikhetha okulungileyo.

Imibhalo engcwele ekhuluma ngobuNkulunkulu

Shicilela